u-Tait ukhiphe izinti ezinhlanu i-SA Emerging yalinganisa i-series inqoba

Fri, 30th April 2021
Stefan Tait

Stefan Tait

WINDHOEK: Izinti ezinhlanu ezincomekayo ezikhishwe u-Stefan Tait zisize iqembu lesilisa le-South Africa Emerging ukuthi lilinganise i-series enemidlalo emithathu yosuku olulodwa, ngo-1-1 lidlala ne-Namibia ngokunqoba ngama-runs awu-57 e-Windhoek ngoLwesine.


Lomdlali oshwiba i-pace ngesandla sokunxele uthole u-5/27 futhi wasekwa u-Delano Potgieter (2/23) no-Dayyaan Galiem (2/44) njengoba izivakashi zivikele u-197.


Lokhu emuva kokuthi abashayayo babo bahlulekile ukudlala kahle e-Wanderers lapho u-30 ka-Jason Smith yiwo obumkhulu emuva kokuthi bahlulwe kwi-toss futhi bashayiswe kuqala.


Abashaya phezulu abahlanu bathole izibalo eziphindwe kabili, beholwa ovulayo u-Matthew Breetzke oshaye u-29, kodwa kanye no-Joshua Richards (16), u-Grant Roelofsen (17), u-Kabelo Sekhukhune (20) nokapteni u-Sinethemba Qeshile (19) abakwazanga ukuqhubeka.


Ukuqala kabi kushiye ama-South Africans ku-106/5 phakathi nomdlalo wabo ngaphambi kwemizamo ka-Smith, kanye no-Potgieter (22) no-Galiem (18) babasondeze ku-200 bagcina bekhishwe bonke ngaphansi kwe-par ngo-196 kuma-overs awu-45.5.


u-Jan Nicol Loftie-Eaton ushwibe kahle kwi-Namibia wathola u-3/37.


Iqembu lasekhaya liwuqale kahle umjaho, u-Stephan Baard (37) no-Zane Green (14) benza inhlanganiso ka-54 ngenti evula umdlalo phakathi kwama-overs ayisishagalolunye. Kusukela lapho izivakashi bezingaphezulu.


u-Galiem uhlaselile wakhipha othole ama-runs amaningi kumdlalo u-Baard ngaphambi kokuthi u-JP Kotze (8) akhishwe u-Potgieter.


Emuva kokuthi u-Green akhishwe u-Roelofsen nge-run out, u-Tait uxakazise ama-stumps ka-Gerhard Erasmus (4), u-Craig Williams (3) no-Loftie-Eaton (0) – wabakhipha bonke – kwathi u-Potgieter wakhipha u-Jan Frylinck (1) i-Namibia yazithola ku-80/7.


u-JJ Smit (24) no-Ruben Trumpelmann (28) bahloniphise umphumela nokho iqembu labo kade liphambili kune-run-rate, bakhishwe bonke ngo-139 kuma-overs awu-30.4.


Lokhu kusho ukuthi ilingene ngo-1-1 i-series, umdlalo ozocacisa i-series izoba ngoMgqibelo.


South Africa Emerging Men’s squad: Stefan Tait, Thando Ntini, Grant Roelofsen, Joshua Richards, Jonathan Bird, Jason Smith, Tshepo Ntuli, Kabelo Sekhukhune, Lifa Ntanzi, Matthew Breetzke, Dayyaan Galiem, Bryce Parsons, Sinethemba Qeshile, Wandile Makwetu, Gregory Mahlokwana, Delano Potgieter.


Support Staff: Malibongwe Maketa (Head Coach), Imraan Khan (Assistant Coach), Piet Botha (Bowling Coach), Brent Gerard Martin (Physiotherapist), Nandile Nelson Tyali (Strength and Conditioning Coach), Kyle Southgate (Video Analyst).


Schedule: South Africa Emerging Men’s Tour to Namibia


Friday, 23 April


1st T20 – Namibia lost to SA Emerging Men by 5 wickets – Wanderers


Saturday, 24 April


2nd T20 – Namibia beat SA Emerging Men by 5 wickets – Wanderers


Sunday, 25 April


3rd T20 – Namibia beat SA Emerging Men by 91 runs – Wanderers


Tuesday, 27 April


1st OD – Namibia beat SA Emerging Men by 5 wickets – Wanderers


Thursday, 29 April


2nd OD – Namibia lost to SA Emerging Men by 57 runs – Wanderers


Saturday, 01 May at 10:00 SAST


3rd OD – Namibia v SA Emerging Men – Wanderers