u-Babar ushaye ikhulu elincomekayo i-Pakistan izibeka ngaphambili kwi-series

Wed, 14th April 2021
Babar Azam of Pakistan bats during the 2021 KFC T20 match between South Africa and Pakistan at SuperSport Park Cricket Stadium, Centurion, on 14 April 2021 ©Samuel Shivambu/BackpagePix

Babar Azam of Pakistan bats during the 2021 KFC T20 match between South Africa and Pakistan at SuperSport Park Cricket Stadium, Centurion, on 14 April 2021 ©Samuel Shivambu/BackpagePix

eTSHWANE: Ikhulu elincomekayo elishaywe u-Babar Azam lisize i-Pakistan lizithole ngaphambili ngo-2-1 kwi-KFC T20 International Series enemidlalo emine bedlala nama-Proteas emuva kokuthi bawunqobe ngokukhululeka umdlalo wesithathu ngezinti eziyisishagalolunye e-SuperSport Park e-Centurion ngoLwesithathu.


Ukapteni ovakashayo ushaye u-122 emabholeni awu-59 (15 fours, 4 sixes) futhi wenza inhlanganiso yama-runs awu-197 yokuvula umdlalo nephini likakapteni u-Mohammad Rizwan ugcine engakhishwanga no-73 emabholeni awu-47 (5 fours, 2 sixes), njengoba izivakashi zijahe u-204 kwasala ama-overs amabili.


Ngasekuqaleni, bashaye o-50, osefomini u-Aiden Markram (63 emabholeni awu-31, 6 fours, 4 sixes) no-Janneman Malan (55 emabholeni awu-40, 5 fours, 2 sixes) kuyiqalesi kahle i-South Africa okubabeke endleleni bezodlula ku-200, ngaphambi kokuthi baphume kusondela ngasekugcineni.


i-Pakistan yenza kahle enkundleni abangakaze bahlulwe kuyona kuloluhambo, banqoba okusho ukuthi angeke besakwazi ukuhlulwa kwi-series njengoba kusele umdlalo owodwa ngoLwesihlanu.


Iqembu lase-Asia belinqobe i-toss lakhetha ukushwiba kuqala, kodwa lokhu kubukeke sengathi iphutha njengoba u-Markram no-Malan bahlaselile.


u-Markram ushaye u-50 wakhe wesithathu kulandelana, u-Malan yena washaya u-50 wakhe wokuqala kuhlobo lwekhilikithi ngenhlanganiso yama-runs awu-108.


u-George Linde, ukhushulwe waba owesithathu oshayayo, ushaye u-22 emabholeni awu-11 ukuqhubeza umdlandla, ngaphambi kokuthi yena no-Malan bakhishwe ngokulandelana.


Lokho kulethe amadoda amabili u-Rassie van der Dussen nokapteni u-Heinrich Klaasen. Bobabili abashayanga kalula njengalaba abangene phambi kwabo, bashaya u-34 engaphumanga no-15, ngokungena kwabo, u-Andile Phehlukwayo waqeda i-innings ngokushaya u-11 emabholeni ayisishagalombili.


Abashwiba kwi-South Africa bathotshwe u-Babar no-Rizwan njengoba bahlasele umdlalo wonke.


Bahlanganise u-50 kwi-over yesithupha kanye no-100 kwi-over yeshumi, ngaphambi kokuhlula inhlanganiso ephezulu edlule kunoma iyiphi inti ka-143 phakathi kwa-Ahmed Shehzad no-Mohammad Hafeez bedlala ne-Zimbabwe e-Harare ngo-2013.


u-Babar uze wathola ikhulu lakhe lokuqala, ngaphambi kokuqhubeza lokho ukuze ashaye umphumela omkhulu we-T20I oshaywe umdlali oyi-Pakistani.


Ugcine ekhishwa u-Lizaad Williams (1/34) kumele kutholwe okuyisikhombisa, ngaphambi kokuthi u-Rizwan no-Fakhar Zaman (8) banqobise iqembu labo kusele amabhola awu-12.



Proteas T20I squad: Heinrich Klaasen (captain, wicket-keeper, Momentum Multiply Titans), Bjorn Fortuin (Imperial Lions), Aiden Markram (Momentum Multiply Titans), Andile Phehlukwayo (Hollywoodbets Dolphins), Beuran Hendricks (Imperial Lions), George Linde (Six Gun Grill Cape Cobras), Rassie van der Dussen (Imperial Lions), Janneman Malan (Six Gun Grill Cape Cobras), Sisanda Magala (Imperial Lions), Wiaan Mulder (Imperial Lions), Tabraiz Shamsi (Momentum Multiply Titans), Lutho Sipamla (Imperial Lions), Kyle Verreynne (Six Gun Grill Cape Cobras), Pite van Biljon (VKB Knights), Daryn Dupavillon (Hollywoodbets Dolphins), Migael Pretorius (VKB Knights), Lizaad Williams (Six Gun Grill Cape Cobras), Wihan Lubbe (Warriors).


Schedule: Pakistan Men’s Tour to South Africa 


Friday, 02 April at 10:00 SAST


1st Betway ODI (CWCSL) – South Africa lost to Pakistan by 3 wickets – SuperSport Park, Centurion


Sunday, 04 April at 10:00 SAST


2nd Betway ODI (CWCSL) – South Africa beat Pakistan by 17 runs – Imperial Wanderers Stadium, Johannesburg (Pink Day)


Wednesday, 07 April at 10:00 SAST


3rd Betway ODI (CWCSL) – South Africa lost to Pakistan by 28 runs – SuperSport Park, Centurion


Saturday, 10 April at 14:30 SAST


1st KFC T20I – South Africa lost to Pakistan by 4 wickets – Imperial Wanderers Stadium, Johannesburg


Monday, 12 April at 14:30 SAST


2nd KFC T20I – South Africa beat Pakistan by 6 wickets – Imperial Wanderers Stadium, Johannesburg


Wednesday, 14 April at 14:30 SAST


3rd KFC T20I – South Africa lost to Pakistan by 9 wickets – SuperSport Park, Centurion


Friday, 16 April at 14:30 SAST


4th KFC T20I South Africa v Pakistan, SuperSport Park, Centurion