Ama-Proteas ahlule i-Pakistan ukulinganisa i-series

Mon, 12th April 2021
George Linde of South Africa celebrates with teammates the wicket of Mohammad Rizwan of Pakistan during the 2021 KFC T20 match between South Africa and Pakistan at Wanderers Stadium,Johannesburg, on 12 April 2021 ©Samuel Shivambu/BackpagePix

George Linde of South Africa celebrates with teammates the wicket of Mohammad Rizwan of Pakistan during the 2021 KFC T20 match between South Africa and Pakistan at Wanderers Stadium,Johannesburg, on 12 April 2021 ©Samuel Shivambu/BackpagePix

eGOLI: Umdlalo omuhle ophele ka-George Linde uhambe phambili kuma-Proteas alinganise i-series ngo-1-1 kwi-KFC T20 International Series bedlala ne-Pakistan kulandela ukunqoba ngezinti eziyisithupha e-Inperial Wanderers Stadium eGoli ngoMsombuluko.


Le-slow left-armer ithole u-3/23 kuma-overs amane okubeke izivakashi ku-140/9, ngaphambi kokuthi ashaye o-six ababili eshaye u-20 emabholeni awu-10 engakhishwanga ukusize ekuqedeni umdlalo – i-South Africa yanqoba kusele ama-overs ayisithupha aphelele.


Omunye okhiphe izinti ezintathu kube u-Lizaad Williams (3/35) bese u-Sisanda Magala wenze kangcono emuva kokuqala kabi, washwiba kahle ngasekugcineni futhi waqeda no-1/32. u-Tabraiz Shamsi naye wenze kahle wathola u-22/1.


Ngasekushayeni, u-Aiden Markram ushaye u-50 wesibili kulandelana ukuhola iqembu lasekhaya ngokushaya u-50 emabholeni awu-30 (7 fours, 3 sixes) futhi ukapteni u-Heinrich Klaasen udlale kahle washaya u-36 emabholeni awu-21 engakhishwanga.


Lokho kuqede ukusebenza kahle kweqembu lika-Mark Boucher, ekade lingaphansi kwencindezi emuva kokuhlulwa kwi-Betway One-Day International Series futhi nomdlalo wokuqala we-T20I ngoMgqibelo. Kodwa, umqeqeshi ebesemathembeni ukuthi iqembu elifanayo labawu-XI lomdlalo wokuqala, iqembu elingenasipiliyoni laphendula kahle kumdlalo wesibili.


Bahlulwe kwi-toss kwathiwa abashwibe kuqala, u-Linde wakhipha isitha sikamuva we-South Africa u-Mohammad Rizwan ngo-0, ngaphambi kokukhipha u-Sharjeel Khan (8), bobabili baphuma emabholeni akhe okuqala awu-11.


u-Mohammad Hafeez (32) nokapteni u-Babar Azam, oshaye u-50 emabholeni awu-50 (5 fours), banezezele u-58 ngenti yesibili, kodwa kugcine lapho okuhle kwi-Pakistan.


u-Magala ushwibe amabhola awu-12 amabi kwi-over yokuqala okubalwa khona ama-overs ayisikhombisa, ngaphambi kokuthi aphendule kahle ukuvimba iqembu lase-Asia ngasekugcineni. Ngale, u-Williams ukhombise ukulwa njengoba ehlasele abashaya phambili, washiya izivakashi zizama ukuthola umdlandla njengoba bebeke u-141.


u-Janneman Malan (15) usize u-Markram ekuliqaliseni kahle iqembu lasekhaya ngama-runs awu-44 ngaphambi kokuthi yena no-Wihan Lubbe (12) baphume belandelana.


Uqhubekile u-Markram kwafika lapho ekhishwa kanye no-Pite van Biljon (2) ngaphambi kokuthi bafike ku-100.


Kodwa i-rate esheshayo i-South Africa ekade ikora ngayo – bafike ku-100 kwi-over yesi-11 – okusho ukuthi bebenesikhathi futhi u-Klassen-Linde nenti yesihlanu bahlanganise u-49 kuma-overs awu-3.4, iqembu lasekhaya lanqoba kahle kakhulu.



Proteas T20I squad
: Heinrich Klaasen (captain, wicket-keeper, Momentum Multiply Titans), Bjorn Fortuin (Imperial Lions), Aiden Markram (Momentum Multiply Titans), Andile Phehlukwayo (Hollywoodbets Dolphins), Beuran Hendricks (Imperial Lions), George Linde (Six Gun Grill Cape Cobras), Rassie van der Dussen (Imperial Lions), Janneman Malan (Six Gun Grill Cape Cobras), Sisanda Magala (Imperial Lions), Wiaan Mulder (Imperial Lions), Tabraiz Shamsi (Momentum Multiply Titans), Lutho Sipamla (Imperial Lions), Kyle Verreynne (Six Gun Grill Cape Cobras), Pite van Biljon (VKB Knights), Daryn Dupavillon (Hollywoodbets Dolphins), Migael Pretorius (VKB Knights), Lizaad Williams (Six Gun Grill Cape Cobras), Wihan Lubbe (Warriors).


Schedule: Pakistan Men’s Tour to South Africa 


Friday, 02 April at 10:00 SAST


1st Betway ODI (CWCSL) – South Africa lost to Pakistan by 3 wickets – SuperSport Park, Centurion


Sunday, 04 April at 10:00 SAST


2nd Betway ODI (CWCSL) – South Africa beat Pakistan by 17 runs – Imperial Wanderers Stadium, Johannesburg (Pink Day)


Wednesday, 07 April at 10:00 SAST


3rd Betway ODI (CWCSL) – South Africa lost to Pakistan by 28 runs – SuperSport Park, Centurion


Saturday, 10 April at 14:30 SAST


1st KFC T20I – South Africa lost to Pakistan by 4 wickets – Imperial Wanderers Stadium, Johannesburg


Monday, 12 April at 14:30 SAST


2nd KFC T20I – South Africa beat Pakistan by 6 wickets – Imperial Wanderers Stadium, Johannesburg


Wednesday, 14 April at 14:30 SAST


3rd KFC T20I South Africa v Pakistan, SuperSport Park, Centurion


Friday, 16 April at 14:30 SAST


4th KFC T20I South Africa v Pakistan, SuperSport Park, Centurion