u-Rizwan ubeke i-Pakistan phambili ngo-1-0 kwi-KFC T20I series

Sat, 10th April 2021
Mohammad Rizwan of Pakistan during the 2021 KFC T20 match between South Africa v Pakistan at Wanderers Stadium in Johannesburg on 09 April 2021 ©Muzi Ntombela/BackpagePix

Mohammad Rizwan of Pakistan during the 2021 KFC T20 match between South Africa v Pakistan at Wanderers Stadium in Johannesburg on 09 April 2021 ©Muzi Ntombela/BackpagePix

eGOLI: u-Mohammad Rizwan uqhubekile nefomu yakhe encomekayo edlala nama-Proteas ngokushaya omunye u-50 njengoba i-Pakistan isingaphambili ngo-1-0 kwimidlalo emine ye-KFC T20 International Series, banqoba ngezinti ezinye eGoli ngoMgqibelo.


Lomdlali oshaya ngesandla sokudla ushaye u-74 emabholeni awu-50 (9 fours, 2 sixes) engakhishwanga ukusiza izivakashi zijahe u-189 kusele ibhola elilodwa.


Ukapteni obambile u-Heinrich Klaasen no-Aiden Markram bashaya o-50 ekuqaleni i-South Africa ishaya kahle – u-Klaasen washaya u-50 emabholeni awu-28 (2 fours, 4 sixes) bese u-Markram ehambe kancane yena ushaye u-51 emabholeni awu-32 (8 fours, 1 six).


u-Beuran Hendricks uthole u-3/32 u-Tabraiz Shamsi wathola u-2/29 ukubeka iqembu lasekhaya phambili kumjaho, kodwa ukushaya ngokuhlasela ngasekupheleni komdlalo kwa-Faheem Ashraf (30 emabholeni awu-14) kanye nokuvimba okungajabulisi kusize izivakashi zinqobe.


Manje bangaphezulu kwi-series ngaphambi komdlalo wesibili ngoMsombuluko.


Iqembu lase-Asia, eliphinde lanqoba ama-ODIs ngo-2-1, liphinde ladlala ikhilikithi ehlakaniphile ukuze linqobe, u-Rizwan eshaya phambili. Manje unekhulu, o-50 ababili kanye no-42 kuma-innings akhe amane adlule ebhekene nama-Proteas.


Ngaphambi kwalokho, ukungabi nesipiliyoni kweqembu lasekhaya yikho okuqhakazile e-Imperial Wanderers Stadium.


Umqeqeshi u-Mark Boucher unike abadlali abathathu ithuba badlala umdlalo wabo wokuqala – u-Lizaad Williams, u-Sisanda Magala no-Wihan Lubbe – kodwa kube u-Markram no-Janneman Malan abaqale baqhakaza.


u-Malan ushaye u-24 ngasekuqaleni, kodwa washeshe waphuma kwalandela u-Lubbe (4). u-Markram no-Klaasen banezezele ngo-62 ngenti yesithathu, ngaphambi kokuthi u-Pite van Biljon (24) aqhubeke ukukhuphuka kweqembu lasekhaya.


u-Andile Phehlukwayo no-Magala (bobabili bethole u-9) banezezele ngama-runs ngasekugineni ukubekela i-Pakistan umphumela onzima.


u-Rizwan nosefomini u-Fakhar Zaman (27) bahlasele ngasekualeni, ngaphambi kokuthi u-Shamsi no-Hendricks babvimbe ngokuhlasela okubashiye enkingeni ku-132/5 kwi-over yesi-16.


Kodwa u-Faheem oshaye ama-boundaries abalulekile ukusondeza i-Pakistan ngasekugcineni, u-Rizwan wabanqobisa.


Proteas T20I squad: Heinrich Klaasen (captain, wicket-keeper, Momentum Multiply Titans), Bjorn Fortuin (Imperial Lions), Aiden Markram (Momentum Multiply Titans), Andile Phehlukwayo (Hollywoodbets Dolphins), Beuran Hendricks (Imperial Lions), George Linde (Six Gun Grill Cape Cobras), Rassie van der Dussen (Imperial Lions), Janneman Malan (Six Gun Grill Cape Cobras), Sisanda Magala (Imperial Lions), Wiaan Mulder (Imperial Lions), Tabraiz Shamsi (Momentum Multiply Titans), Lutho Sipamla (Imperial Lions), Kyle Verreynne (Six Gun Grill Cape Cobras), Pite van Biljon (VKB Knights), Daryn Dupavillon (Hollywoodbets Dolphins), Migael Pretorius (VKB Knights), Lizaad Williams (Six Gun Grill Cape Cobras), Wihan Lubbe (Warriors).


Schedule: Pakistan Men’s Tour to South Africa


Friday, 02 April at 10:00 SAST


1st Betway ODI (CWCSL) – South Africa lost to Pakistan by 3 wickets – SuperSport Park, Centurion


Sunday, 04 April at 10:00 SAST


2nd Betway ODI (CWCSL) – South Africa beat Pakistan by 17 runs – Imperial Wanderers Stadium, Johannesburg (Pink Day)


Wednesday, 07 April at 10:00 SAST


3rd Betway ODI (CWCSL) – South Africa lost to Pakistan by 28 runs – SuperSport Park, Centurion


Saturday, 10 April at 14:30 SAST


1st KFC T20I – South Africa lost to Pakistan by 4 wickets – Imperial Wanderers Stadium, Johannesburg


Monday, 12 April at 14:30 SAST


2nd KFC T20I South Africa v Pakistan, Imperial Wanderers Stadium, Johannesburg


Wednesday, 14 April at 14:30 SAST


3rd KFC T20I South Africa v Pakistan, SuperSport Park, Centurion


Friday, 16 April at 14:30 SAST


4th KFC T20I South Africa v Pakistan, SuperSport Park, Centurion