i-Pakistan inqobe i-ODI yokugcina ngama-runs awu-28 ne-series ngo-2-1

Wed, 07th April 2021
Temba Bavuma and Janneman Malan of South Africa in action  during the 2021 3rd Betway One Day International match between South Africa and Pakistan at Supersport Park Stadium, Centurion, on 07 April 2021 ©Samuel Shivambu/BackpagePix

Temba Bavuma and Janneman Malan of South Africa in action during the 2021 3rd Betway One Day International match between South Africa and Pakistan at Supersport Park Stadium, Centurion, on 07 April 2021 ©Samuel Shivambu/BackpagePix

eTSHWANE: O-50 abashaywe u-Janneman Malan, u-Kyle Verreynne no-Andile Phehlukwayo abanelanga njengoba ama-Proteas ashintshiwe ahlulwe i-Pakistan ngama-runs awu-28 kumdlalo wabo we-Betway One-Day International obuzocacisa nge-series e-SuperSport Park e-Centurion ngoLwesithathu.


Kuphinde kwaba nezinti ezintathu ezikhishwe u-Keshav Maharaj – nokho imizamo yabo ayisizanga njengoba izivakashi zinqobe umdlalo obalulekile obanqobise i-series enemidlalo emithathu ngo-2-1.


Komunye umdlalo obunama-runs amaningi, i-South Africa inqobe i-toss yakhetha ukushwiba kuqala, kodwa abaningi abashwibayo bahlulekile njengoba izivakashi zishaye u-320/7, obekuholwa u-Fakhar Zaman oshaye ikhulu lesibili kulandelana emuva kokuthi ashaye u-101 (104 balls, 9 fours, 3 sixes).


Abanye abadlale indima ukapteni u-Babar Azam (94 off 82 balls, 7 fours, 3 sixes) no-Imam-ul-Haq (57 off 73 balls, 3 fours), bobabili kanye no-32 emabholeni awu-11 oshaywe u-Hasan Ali okuguqule umdlalo.


Bephendula u-Malan uhole iqembu lasekhaya ngokushaya u-70 embholeni awu-81 (9 fours), kodwa izinti eziphume ngokulandelana ngaphesheya kwakhe kugcine iqembu lika-Mark Boucher ngaphansi kwencindezi.


u-Verreynne 62 off 53 balls, 3 fours, 3 sixes) no-Phehlukwayo (54 off 61 balls, 3 fours, 2 sixes) benze okusemandleni ukugcina ama-South Africans kumdlalo ngenhlanganiso yama-runs ayikhulu, kodwa ngesikhathi bekhishwa i-Pakistan esondele ekunqobeni, futhi banqoba i-ODI series yabo yokuqala yangaphandle bedlala namaqembu ayisikhombisa aphezulu kusukela ngo-2013 ngesikhathi behlula ama-Proteas.


Iqembu lasekhaya lingene kumdlalo ngaphandle kwabadlali abajwayelekile – u-Quinton de Kock, u-David Miller, u-Anrich Nortje, u-Kagiso Rabada no-Lungi Ngidi basheshe baya kwi-IPL futhi u-Rassie van der Dussen uphuthelwe ngoba elimele. u-Tabraiz Shamsi ungenelwe u-Keshav Maharaj okusho ukuthi bane abadlali kwi-XI abadlala kwi-Pink ODI ngeSonto.


i-Pakistan esebenzise ushintsho ngokudlala kahle ngokushaya kwaseqaleni, bafika ku-206 kuphume umuntu oyedwa ngenxa yabathathu abashaya phezulu u-Fakhar, u-Imam no-Babar.


Kodwa, ama-South Africans athole ithuba lawo, ngenxa ka-Maharaj (3/45) no-Aiden Markram (2/48) ukushiya iqembu lase-Asia ku-257/6 kusele ama-overs amane.


Kodwa u-Hasan no-Babar bahlaselile ngasekupheleni, bashaya u-63 kuma-overs okugcina, okubalwa nenti eyodwa ka-Jon-Jon Smuts (1/67) lapho ephisane ngo-six abane kushaya u-Hasan, ukusiza iqembu labo libeke umphumela ka-321.


i-South Africa ibindinga ukuthi abavulayo bahlasele ukuze babe nethuba. Kodwa basheshe balahlekelwa u-Markram enama-runs awu-18, u-Smuts (17), u-Temba Bavuma (20) no-Heinrich Klaasen (4) belandela.


Lokho kushiye umphumela ku-140/5, ngaphambi kokuthi amathemba akhushulwe ngenhlanganiso yama-runs awu-103 ngenti yesithupha phakathi kwa-Verreynne no-Phehlukwayo.


Bobabili banciphise umphumela kwasala ama-runs awu-72 kusele amabhola awu-39, ngaphambi kokuphuma belandelana. Ngaphandle kwabo amathuba e-South Africa ashabalele njengoba u-Mohammad Nawaz (3/34) no-Shaheen Shah Afridi (3/58) bagcine bakhiphe izinti eziyisithupha phakathi kwabo.


Ama-Proteas agcine ekhishwe wonke nama-runs awu-292 kusele amabhola amathathu.


Proteas ODI squad: Temba Bavuma (captain, Imperial Lions), Quinton de Kock (wk, Momentum Multiply Titans), Beuran Hendricks (Imperial Lions), Heinrich Klaasen (Momentum Multiply Titans), Janneman Malan (Six Gun Grill Cape Cobras), Keshav Maharaj (Hollywoodbets Dolphins), Aiden Markram (Momentum Multiply Titans), David Miller (Hollywoodbets Dolphins), Lungi Ngidi (Momentum Multiply Titans), Anrich Nortje (Warriors), Andile Phehlukwayo (Hollywoodbets Dolphins), Kagiso Rabada (Imperial Lions), Tabraiz Shamsi (Momentum Multiply Titans), Jon-Jon Smuts (Warriors), Rassie van der Dussen (Imperial Lions), Junior Dala (Momentum Multiply Titans), Lutho Sipamla (Imperial Lions), Wiaan Mulder (Imperial Lions), Sisanda Magala (Imperial Lions), Kyle Verreynne (Six Gun Grill Cape Cobras), Daryn Dupavillon (Hollywoodbets Dolphins), Lizaad Williams (Momentum Multiply Titans).


Schedule: Pakistan Men’s Tour to South Africa


Friday, 02 April at 10:00 SAST


1st Betway ODI (CWCSL) – South Africa lost to Pakistan by 3 wickets – SuperSport Park, Centurion


Sunday, 04 April at 10:00 SAST


2nd Betway ODI (CWCSL) – South Africa beat Pakistan by 17 runs – Imperial Wanderers Stadium, Johannesburg (Pink Day)


Wednesday, 07 April at 10:00 SAST


3rd Betway ODI (CWCSL) – South Africa lost to Pakistan by 28 runs – SuperSport Park, Centurion


Saturday, 10 April at 14:30 SAST


1st KFC T20I South Africa v Pakistan, Imperial Wanderers Stadium, Johannesburg


Monday, 12 April at 14:30 SAST


2nd KFC T20I South Africa v Pakistan, Imperial Wanderers Stadium, Johannesburg


Wednesday, 14 April at 14:30 SAST


3rd KFC T20I South Africa v Pakistan, SuperSport Park, Centurion


Friday, 16 April at 14:30 SAST


4th KFC T20I South Africa v Pakistan, SuperSport Park, Centurion