i-SA Emerging ihlulwa ngama-runs awu-54 kumdlalo wokuqala wohambo

Sun, 04th April 2021
Cricket South Africa Women’s Under-19 and Women’s National Academy coach, Dinesha Devnarain

Cricket South Africa Women’s Under-19 and Women’s National Academy coach, Dinesha Devnarain

eSYLHET: Ushwibe kahle u-Jenay Winster kodwa akwanelanga njengoba i-South Africa emerging women iqale uhambo lwayo lwase-Bangladesh ngokuhlulwa ngama-runs awu-54 iqembu lasekhaya kumdlalo wokuqala we-One-Day Internatioanl e-Sylhet ngeSonto.


Lomdlali omncane uthole u-3/33 njengoba i-Bangladesh emerging iqede ku-195/9 kuma-overs abo awu-50, izivakashi zaphendula ngo-141 ziphume zonke kuma-overs awu-44.5 e-Sylhet International Cricket Stadium.


Ama-South Africans, aqeqeshwa u-Dinesha Devnarain, angemuva ngo-1-0 kwi-series enemidlalo emihlanu futhi izobe ithemba ukwenza kahle kumdlalo wesibili ngoLwesibili.


Kumdlalo wabo wokuqala, banqoba i-toss futhi bakhetha ukushaya kuqala, kodwa bahlulekile ukukhipha abashaya phezulu.


u-Murshida Khatun (36) no-Sharmin Sultana (34) bawaqalisa kahle ama-Bangladeshi ngaphambi kokuthi u-Farhana Hague amise kahle i-innings ngokushaya u-71 emabholeni awu-102 (5 fours) engakhishwanga.


Ama-South Africans akwaze ukunciphisa umphumela emuva kokuthi abavulayo u-Khatun-Sultana benze inhlanganiso ka-78, nokho u-Hague ukukhuphula iqembu lakhe kumphumela oncintisanayo.


Bakhiphe inti eyodwa umuntu emunye, u-Jade de Figuerido (1/33), u-Leah Jones (1/23), u-Micheala Andrews (1/22) no-Faye Tunnicliffe (1/18).


Iqembu le-SA Emerging liqale kahle, othole ama-runs amaningi u-Andrie Steyn (41) no-Robyn Searle (15) benze inhlanganiso yama-runs awu-41 bevula umdlalo.


Kodwa izinto zibhedile njengoba bavithikile balahlekelwa izinti zabo zonke ngama-runs awu-100. Olandelile oshaye ama-runs amaningi kube u-Khayakazi Mathe (17*) njengoba u-Salma Khatun ethole u-3/25 – izivakashi zikhishwa zonke kusele ama-overs awu-5.1.


The South African Emerging Women’s squad is: Andrie Steyn, Anneke Bosch, Annerie Dercksen, Leah Jones, Faye Tunnicliffe, Jade De Figuerido, Jenay Winster, Khayakazi Mathe, Kirstie Thomson, Nondumiso Precious Shangase, Micheala Andrews, Nonkululeko Baneti, Robyn Searle, Sinalo Jafta, Tebogo Macheke.


Management: Dinesha Devnarain (Coach), Angelique Taai (Assistant Coach), Kristy Devine (Physio), Omphile Dikgetsi (Strengthening & Conditioning Coach), Marcia Letsoalo (Manager), Abram Ndhlovu (Video Analyst), Lizanne Pieterse (Doctor).


The fixtures:


04 April 2021: 1st ODI, SICS, 09:30 – Bangladesh Emerging beat SA Emerging by 54 runs

06 April 2021: 2nd ODI, SICS, 09:30

08 April 2021: 3rd ODI, SICS, 09:30

11 April 2021: 4th ODI, SICS, 09:30

13 April 2021: 5th ODI, SICS, 09:30