Abashayayo balinganisele ama-Proteas ngaphezu kokuhlasela kwa-Fakhar Zaman

Sun, 04th April 2021
Rassie van der Dussen with Temba Bavuma of South Africa during the 2021 One Day International Series match between South Africa and Pakistan at The Wanderers in Johannesburg on 04 April 2021 ©Muzi Ntombela/BackpagePix

Rassie van der Dussen with Temba Bavuma of South Africa during the 2021 One Day International Series match between South Africa and Pakistan at The Wanderers in Johannesburg on 04 April 2021 ©Muzi Ntombela/BackpagePix

EGOLI: O-50 abashaywe u-Quinton de Kock, u-Temba Bavuma, u-Rassie van der Dussen no-David Miller basize ama-Proteas alinganise i-series enemidlalo emithathu bedlala ne-Pakistan emuva kokunqoba i-Betway Pink One-Day International ngama-runs awu-17 eGoli ngeSonto.


Kodwa, ukunqoba akufikanga ngaphandle kwe-drama emuva kwa-193 oshaywe u-Fakhar Zaman osongele izivakashi wagcina ekhishwa nge-run out kwi-over yokugcina kumjaho ka-342 e-Imperial Wanderers Stadium.


Lomdlali ovula umdlalo ushaye o-six abawu-10 no-four abawu-18 ephoselwe amabhola awu-155 – umdlalo oyirekhodi phakathi kwamaqembu futhi kwaba umphumela omkhulu womdlali oyedwa enkundleni, wahlula u-175 owashaywa u-Herschelle Gibbs kumdlalo odumile u-438 ngo-2006.


Ngasekuqaleni i-South Africa ibishaye kahle ngokuphelele, obekuholwe ukapteni wabo oshaye ama-runs amaningi, u-Bavuma, oshaye u-92 emabholeni awu-102 (9 fours).


Ovula umdlalo u-De Kock ubuyele efomini eshaya phezulu no-80 (86 balls, 10 fours, 1 six), kwathi u-Van der Dussen waqhubeka nefomu yakhe encomekayo kusukela kumdlalo wokuqala lapho ashaya khona ikhulu, ngokuthi ashaye u-60 emabholeni awu-37 (6 fours, 4 sixes).


u-David Miller ulethe ukuchuma kokugcina ngokushaya u-50 emabholeni awu-27 (3 fours, 3 sixes) engaphumanga – iqembu lasekhaya lafika ku-241/6 emuva kokuhlulwa kwi-toss futhi kwathiwa alishaye kuqala.


i-Pakistan izithole enkingeni ekuqaleni kwempendulo yabo emuva kokuba ku-120/5 ngaphambi kokuthi u-Fakhar axakazise ama-South Africans wagcina ephumile.


Umphumela usho ukuthi i-series izocaca kumdlalo wokugcina ozodlalwa e-Centurion ngoLwesithathu.


Umdlalo ojwayele ukugqama kwezemidlalo kwisizwe awufananga ngaphandle kwezihlelo kwi-Bullring, kodwa kudlalwe ikhilikithi encomekayo phakathi kwamaqembu alingene.


u-De Kock no-Aiden Markram (39) benze inhlanganiso yama-runs awu-55 ngenti yokuqala, u-De Kock waphinde wahlanganisa ama-runs awu-114 ngenti elandelile no-Bavuma.


Kulandele u-101 phakathi kwakapteni no-Van der Dussen, ngaphambi kokuthi u-Miller ahlasele ngasekupheleni ukusiza iqembu lasekhaya lihlanganise umphumela wabo wesithathu omkhulu bedlala neqembu lase-Asia. u-Haris Rauf ushwibe kahle wathola u-3/54.


i-Pakistan ibukeke ihlasela ngesikhathi u-Fakhar nokapteni u-Babar Azam (31) bafike ku-70/1 nge-over yesi-11.


u-Anrich Nortje (3/63) ukhiphe izinti ezintathu ukubashiya enkingeni ku-85/4, ngaphambi kokuthi kulandele ezinye izinkinga ngesikhathi u-Shadab Khan ekhishwa u-Tabraiz Shamsi (1/60) enama-runs awu-13.


u-Asif Ali (19) usize ukuvuselela izinto ngenhlanganiso yama-runs awu-66 ngenti yesithupha, kodwa izinti ezimbili ezilandele ngokushesha zibeke ama-Pakistanis encupheni ku-205/7.


Kodwa u-Fakhar ebenezinye izinhlelo, waba ingxenye yezinhlanganiso zama-runs awu-68 no-Shaheen Shah Afridi (5) no-39 ngenti yesishagalolunye no-Haris. Ugine ephumile ngesikhathi ekhishwa nge-run-out ibhola liphoswe u-Markram kuqala i-over yokugcina kudingeka u-32, kwanqoba ama-Proteas.


Proteas ODI squad: Temba Bavuma (captain, Imperial Lions), Quinton de Kock (wk, Momentum Multiply Titans), Beuran Hendricks (Imperial Lions), Heinrich Klaasen (Momentum Multiply Titans), Janneman Malan (Six Gun Grill Cape Cobras), Keshav Maharaj (Hollywoodbets Dolphins), Aiden Markram (Momentum Multiply Titans), David Miller (Hollywoodbets Dolphins), Lungi Ngidi (Momentum Multiply Titans), Anrich Nortje (Warriors), Andile Phehlukwayo (Hollywoodbets Dolphins), Kagiso Rabada (Imperial Lions), Tabraiz Shamsi (Momentum Multiply Titans), Jon-Jon Smuts (Warriors), Rassie van der Dussen (Imperial Lions), Junior Dala (Momentum Multiply Titans), Lutho Sipamla (Imperial Lions), Wiaan Mulder (Imperial Lions), Sisanda Magala (Imperial Lions), Kyle Verreynne (Six Gun Grill Cape Cobras), Daryn Dupavillon (Hollywoodbets Dolphins), Lizaad Williams (Momentum Multiply Titans).


Schedule: Pakistan Men’s Tour to South Africa


Friday, 02 April at 10:00 SAST


1st Betway ODI (CWCSL) – South Africa lost to Pakistan by 3 wickets – SuperSport Park, Centurion


Sunday, 04 April at 10:00 SAST


2nd Betway ODI (CWCSL) – South Africa beat Pakistan by 17 runs – Imperial Wanderers Stadium, Johannesburg (Pink Day)


Wednesday, 07 April at 10:00 SAST


3rd Betway ODI (CWCSL) South Africa v Pakistan, SuperSport Park, Centurion


Saturday, 10 April at 14:30 SAST


1st KFC T20I South Africa v Pakistan, Imperial Wanderers Stadium, Johannesburg


Monday, 12 April at 14:30 SAST


2nd KFC T20I South Africa v Pakistan, Imperial Wanderers Stadium, Johannesburg


Wednesday, 14 April at 14:30 SAST


3rd KFC T20I South Africa v Pakistan, SuperSport Park, Centurion


Friday, 16 April at 14:30 SAST


4th KFC T20I South Africa v Pakistan, SuperSport Park, Centurion