u-Enoch Nkwe uyena obambile kuma-Proteas njenge-Team Director

Enoch Nkwe coach of Jozi Stars  during Jozi Stars Media Launch  on the 19 October 2018 at Bidvest Wanderes  Stadium , Johannesburg  / Pic Sydney Mahlangu/BackpagePix

Enoch Nkwe coach of Jozi Stars during Jozi Stars Media Launch on the 19 October 2018 at Bidvest Wanderes Stadium , Johannesburg / Pic Sydney Mahlangu/BackpagePix

i-Cricket South Africa ijabulela ukumemezela ukuqokwa kwa-Enoch Nkwe njenge-Team Director ebambile kuma-Standard Bank Proteas kuyela kwi-T20 ne-Test series bedlala ne-India, okuzoqala ngo-September 15.


Uhambo luzoba nama-T20 amathathu nemidlalo emithathu yama-Test. Obambile njenge-Director of Cricket, u-Corrie van Zyl, obambile kulomsebenzi, ebebheka abazothatha isikhundla kulandela ukumenyezelwa kokushintshwa kweqembu kweqembu lesizwe labesilisa.


Ephawula ngobekiwe u-Van Zyl uthe: “Siyakujabulela ukumemezela ukuthi u-Enoch Nkwe uyena ozobe ebambili njenge-team director yama-Standard Bank Proteas kuhambo lwase-India. Ukubekwa kwakhe kuyisizathu semisebenzi yakhe kanye nendlela abheka ngayo ngokulingana futhi umuntu ohambisana kahle nendlela ezothathwa iqembu kuyela phambili.”


Lomqeqeshi wama-bizhub Highveld Lions unerekhodi elihle ekuletheni usiko lokunqoba kwiqembu lase-Goli. Kwi-season yakhe yokuqala njengomholi wahola iqembu le-franchise ukunqoba izindebe ezimbili (i-CSA T20 Challenge ne-4-Day Franchise Series). Ngaphezu kwalokho, wahola ama-Jozi Stars ekunqobeni i-Mzansi Super League kumqhudelwano wokuqala.


Ngokuqokwa kwakhe uzonikwa ithuba lokukhetha azoqeqesha nabo abazosebenza naye e-India. Ngokuqokwa njenge-Director ebambile, u-Nkwe ukhulume ngokubonga kwakhe ngethuba: “Ukukhethwa okukhulu futhi kukhethekile ukuhola ama-Standard Bank Proteas njenge-team director ebambile. Ithuba elikhethekile kimina kanye nomndeni wami futhi ngizokwena okusemandleni ami ukwenza umehluko kulesikhathi sokubamba. Ngijabule kakhulu ngenselelo engaphambi kwami futhi ngikulindele ukuhlangana nabo bonke abadlali nabasebenzi.”


“Ngiyabonga nakwi-Cricket South Africa ngokunginika lelithuba futhi ngethemba sizobuya e-India nemphumela emihle.