I-CSA isithule uSAMMONS kanye noDUMINY njengabalulekile abangongoti kuma Proteas

I-CSA isithule uSAMMONS kanye noDUMINY njengabalulekile abangongoti kuma Proteas

JOHANNESBURG: ICricket South Africa (CSA) namuhla iqoke uJustin Sammons noJP Duminy njengabalulekile abangongoti ekuphathweni kweqembu lesizwe lamaProteas kwi- ICC Men’s T20 World Cup elizobamba iqaza e-Oman nase-United Arab Emirates ngenyanga ezayo. Laba bobabili bazovala isikhala okwesikhashana esivuleke ngokushiya kwephini lomqeqeshi u-Enoch Nkwe.

 

“Ngithanda ukubonga i-Imperial Lions neNorth West Dragons ngokuvumela ukuthi uJP noJustin batholakale ukuzo sebenza kuthina njengabaqeqeshi abazosiza abadlali abathile eqenjini,” kuphawula uMqondisi jikelele weCSA weCricket Graeme Smith.

“Phambilini uJustin usebenze namaProteas ngesikhathi sokuqala sohambo lwethu obelubheke eSri Lanka ngakho-ke usevele wakha ubudlelwano obuhle bokusebenzisana nabadlali.

“JP is a perfect fit for T20 cricket. His record as a player speaks for itself and he will bring specific skills in all three disciplines of batting, bowling and fielding,” Smith concluded.

 

“U-JP ukulungele ukusebenza neqembu kwimidlalo yeT20. Irekhodi lakhe njengomdlali liyazikhulumela futhi uzoletha amakhono kwizinhlaka ezintathu zomdlalo wekhilikithi okubalwa kuwo izigaba zokushaya, ukuphosa kanye nokunye,”kuphetha uSmith.

Proteas Team Management for ICC Men’s T20 World Cup: Khomotso (Volvo) Masubelele (team manager), Mark Boucher (head coach), Charl Langeveldt (bowling coach), Justin Ontong (fielding coach), Justin Sammons (specialist consultant), JP Duminy (specialist consultant), Craig Govender (physiotherapist), Tumi Masekela (strength and conditioning coach), Rivash Gobind (video analyst), Dr Hashendra Ramjee (team doctor), Sipokazi Sokanyile (media manager).

Ekupheleni

Ikhishwe yi: Cricket South Africa – Corporate Communications


 ABOUT CRICKET SOUTH AFRICA    
ICricket South Africa (CSA), inxusa leSouth African Sports Confederation and Olympic Committee (i-SASCOC) futhi eyilungu eligcwele loMkhandlu Wekhilikithi Wamazwe Omhlaba (ICC), iyisigungu esilawula izwe laseNingizimu Afrika kwikhilikithi futhi ilawula zonke izici zaseNingizimu Afrika, Ikhilikithi yabesilisa nabesifazane, ezobuchwepheshe nezesifundazwe. .