I-CSA imemezela iqembu lama-Proteas le-ICC T20 WORLD CUP

I-CSA imemezela iqembu lama-Proteas le-ICC T20 WORLD CUP

Language > Zulu

  • UTemba Bavuma uzoba ngukaputeni eqenjini leNdebeni yoMhlaba
  • UVictor Mpitsang unxusa bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuthi baseke iqembu lize lifike emdlalweni wamanqamu
  • UKeshav Maharaj ufakiwe eqenjini
  • Bathathu abadlali abazogodlwa ngenhloso zokuhlinzeka ukweseka iqembu ezindaweni ezibalulekile
  • Isikwati seNdebe yoMhlaba sizobhekana neSri Lanka ochungechungeni lwemidlalo emithathu oluzayo lwama-T20 njengokulungiselela okukhulu

Egoli: UTemba Bavuma uzohola amaProteas ohlelweni lwesikhombisa lweNdebe Yomhlaba ye-2021 ICC Men’s T20 World ezobanjelwa e-United Arab Emirates (UAE) nase-Oman. Kuzoba umcimbi wakhe wokuqala emhlabeni ukuhola selokhu aqokwa ngokuphelele ekuqaleni konyaka.

INingizimu Afrika ingene kulo mqhudelwane ngenxa yendawo yayo ephakeme yesishayagalombili ku-MRF Tires ICC Men’s T20I Player Rankings. Isigaba seSuper 12 salo mcimbi sizoba ngomhlaka 23 Okthoba kuya mhla ziyishumi nane kuLwezi lapho iNingizimu Afrika izodlalela eDubai, e-Abu Dhabi naseSharjah.ICricket South Africa (CSA) iyajabula ukumemezela laba badlali abalandelayo eqenjini elizomela iNingizimu Afrika eNdebeni yoMhlaba:

Temba Bavuma (captain, Imperial Lions), Keshav Maharaj (Hollywoodbets Dolphins), Quinton de Kock (wicketkeeper, Momentum Multiply Titans), Bjorn Fortuin (Imperial Lions), Reeza Hendricks (Imperial Lions), Heinrich Klaasen (Momentum Multiply Titans), Aiden Markram (Momentum Multiply Titans), David Miller (Hollywoodbets Dolphins), Wiaan Mulder (Imperial Lions), Lungi Ngidi (Momentum Multiply Titans), Anrich Nortje (Warriors), Dwaine Pretorius (North West Dragons), Kagiso Rabada (Imperial Lions), Tabraiz Shamsi (Momentum Multiply Titans), Rassie van der Dussen (Imperial Lions).

Abadlali abahambayo nabazobe begodliwe

Andile Phehlukwayo (Hollywoodbets Dolphins), George Linde (Six Gun Grill Western Province), Lizaad Williams (Momentum Multiply Titans).

labadlali abathathu abagcinwayo bazohamba neqembu njengengxenye yezivumelwano zezokwelapha ze-ICC ngaphansi kwesimo sokhovothi(covid).

Lokhu kuzobuye kube yisikwati esizobhekana neSri Lanka ochungechungeni oluzayo lwemidlalo emithathu ye-T20 International eColombo kusuka ngomhlaka 10 kuya ku-14 Septhemba ngaphandle kukaLungi Ngidi, osele eNingizimu Afrika ngenxa yezizathu zakhe. Bazoholwa nguKeshav Maharaj, othathe izintambo njengokaputeni okwesikhashana kuBavuma ngemuva kokuthi ukapteni ephuke isithupha sakhe sokudla kwi-One-Day International (ODI) yokuqala ngesonto eledlule.

“Mina neNational Selection Panel sijabule kakhulu ukumemezela lesi sikwati, esikholwa wukuthi yisikwati esizonqoba umhlaba wonke. Kube matasatasa ezinyangeni ezimbalwa ezedlule kumaProteas futhi besithole isikhathi esanele sokuhlola ukuthi yini esingayikhetha futhi sijabule ngomphumela, ”kusho uMgqugquzeli  wababhekelene nokukhetha abadlali  kwi-CSA, uVictor Mpitsang.”

Lowo obambe njengesikhulu esiphezulu kwi-CSA, uMnu Pholetsi Moseki uphawule wathi: “Siyabahalalisela labo ababhekene nokukhetha abadlali nokuhlanganisa iqembu elizokwazi ukuncintisana, ngenkathi kubhekwa ukulimala, ifomu kanye nokulinganisela kweqembu. Ngilifisela inhlanhla eqembu lethu, nginesiqiniseko sokuthi lizokwenza isizwe sethu siziqhenye. ”

UMpitsang wengeze wathi “asikho isikhathi esingcono njengamanje sokuthi sibuyise indebe ekhaya futhi sihlanganise isizwe ngendlela yezemidlalo kuphela. Siyethemba ukuthi abantu baseNingizimu Afrika bazolisekela leli qembu lize lifike kowamanqamu. ”

“Sinesiqiniseko sokuthi sineqembu elilinganiswe kahle futhi elicatshangelwe kahle eNdebeni yoMhlaba, elinabadlali abagodliwe abakwaziyo ukusebenza futhi abenza umsebenzi uma bebizelwa wona. Iqembu liqhakaze kahle ngaphansi kobuholi bukaTemba Bavuma futhi sibheke phambili ekuboneni ebuyela ezingeni lomhlaba uma eseluleme ngokuphelele ekulimaleni.

“Egameni leNational Selection Panel, ngifisela uTemba nomqeqeshi, uMark Boucher konke okuhle njengoba iqembu liqhubeka nokuphothula amalungiselelo alo eSri Lanka futhi njengoba uTemba ebukeka elulama ngokuphelele ekulimaleni kwakhe,” kusho uMoseki.

UMpitsang uthe ukufakwa kukaMaharaj kunikeza iqembu intambo eyengeziwe kumava akhe ekuphonseni ibhola, kanye namagalelo akhe kwezokuhola.

“UKesh ungumholi oncomekayo. Unokwesekwa kweqembu nathi njengePhaneli. Ubonakalise amakhono akhe obuholi kumaDolphins futhi waqinisa isinqumo sethu esihle ngesikhathi somdlalo we-ODI ne-Sri Lanka ophele ngoLwesibili.

“Ukaputeni wakhe oyisibonelo yilokho esikholelwa ukuthi kuzosiza ekulethini uzinzo eqenjini phakathi nalolu chungechunge lokugcina lamazwe iqembu elizodlala ngaphambi kweNdebe yoMhlaba.”

Ezinye izindaba ezimnandi ukuthi ukaputeni uTemba Bavuma kulindeleke ukuthi kumenyezelwe ukuthi usesimeni esifanele ngalo mqhudelwano.

“Isibikezelo sihle futhi kuyasijabulisa ukuba nomholi onamandla kangaka ozohola iqembu lethu elihlangene, elizinikele ekwenzeni kahle nokwenza bonke abantu baseNingizimu Afrika baziqhenye,” kuphetha uMoseki.

ICC Men’s T20 World Cup Super 12

23 Oct: Australia v South Africa, Abu Dhabi (14h00)
26 Oct: South Africa v West Indies, Dubai (14h00)
30 Oct: South Africa v A1, Sharjah (14h00)
2 Nov: South Africa v B2, Abu Dhabi (14h00)
6 Nov: England v South Africa, Sharjah (18h00)

10 Nov: Semi-final 1 (A1 v B2), Abu Dhabi (18h00)
11 Nov: Semi-final 2 (B1 v A2), Dubai (18h00)
14 Nov: Final, Dubai (18h00)

*All times are local (GMT+4)

ENDS

Issued by: Cricket South Africa – Corporate Communications      


ABOUT CRICKET SOUTH AFRICA

Cricket South Africa (CSA), an affiliate of the South African Sports Confederation and Olympic Committee (SASCOC) and a full member of the International Cricket Council (ICC), is the national governing body for the sport of cricket in South Africa and administers all aspects of South African cricket, men and women, both in the professional and amateur spheres.