i-CSA ihalalisele ama-Proteas ngokunqoba ikhilikithi yebhola elimhlophe

Sun, 21st March 2021
South Africa's Momentum Proteas celebrate

South Africa's Momentum Proteas celebrate

eGoli: i-Cricket South Africa (CSA) ithanda ukuhalalisela ama-Momentum Proteas ngokuqopha umlando ngebhola elimhlophe kabili kuhambo labo lase-India emuva kokuqoba i-T20 International series namhlanje ukunezezela kwi-ODI series yemidlalo emihlanu abayinqobe ngesonto elidlule.


Njengoba banqoba i-ODI series ngo-4-1 bazithola ngaphambili ngo-2-0 kwi-series enemidlalo emithathu njengoba benqobe umdlalo wesibili kulandelana e-Lucknow ngezinti eziyisithupha kumdlalo oze waya ebholeni lokugcina.


Okokuqala ama-Proteas ahlule i-India kwi-T20 series.


“Abesifazane bayaqhubeka nokusuka emandleni baye ekubeni namandla,” kuphawula i-CSA Acting Chief Executive u-Pholetsi Moseki. “Ukunqoba i-series kusele umdlalo owodwa kanye nokuthi kube ukunqoba kwesihlanu kulandelana kwizinhlobo zombili zekhilikithi lebhola elimhlophe impumelelo enkulu futhi kuvela kahle kuwona wonke umuntu.”


“Okugqame kakhulu kuloluhambo indlela esakha ngayo ukujula kwethu okusize sikwazi ukuqhubeka sinqobe sibhekene namaqembu anamandla kwikhilikithi yomhlaba ngaphandle kwabadlali abadala njengokapteni u-Dane van Niekerk n-Chloe Tryon.”


“Abadlali abaningi sebengamagama amakhulu emhlabeni jikelele kumdlalo wekhilikithi wabesifazane emhlabeni futhi bayafunwa kwimiqhudelwano yama-T20 phesheya.”


“Okucomekayo ngokulingana indlela u-Sune Luus no-Laura Wolvaardt abangene ngayo ekuholeni engekho u-Dane.”


“Umqeqeshi wethu, u-Hilton Moreeng, uhola umkhumbi omuhle njengamanje kuhamba kahle.”


“Sidlulisa ukuhalalisela bonke abadlali bethu, abaqeqeshi kanye nabasekayo kanye nalabo abayingxenye ye-Powerade High Performance Centre abasize basukume futhi bagijime futhi emuva kwesikhathi eside ngenxa yokuvalwa kwezwe i-Covid.”


“Kube umsebenzi weqembu lonke phakathi nangaphandle kwenkundla,” kuphetha u-Mr. Moseki.