u-Lee no-Wolvaardt banqobele ama-Momentum Proteas i-T20 series okokuqala bedlala ne-India

Sun, 21st March 2021
Lizelle Lee of South Africa

Lizelle Lee of South Africa

Lucknow: Amantombazane aqhakazayo e-South Africa u-Lizelle Lee no-Laura Wolvaardt bashaye o-50 abahlaselayo ukusiza ama-Momentum Proteas anqobe i-Twenty20 Series okokuqala ehlula i-India benqoba ngebhola lokugcina kwi-T20 International yesibili e-Ekana Cricket Stadium e-Lucknow ngeSonto.


Ovula ngokushaya u-Lee ushaye u-70 emabholeni awu-45 (11 fours, 1 six) ukuhola umjaho ka-159, u-Wolvaardt, oshaya phakathi nendawo kwikhilikithi yama-over awu-20, bese waqeda umsebenzi engakhishwanga ku-53 emabholeni awu-39 (7 fours) – izivakashi zanqoba ngezinti eziyisithupha ngebhola lokugcina kwi-innings.


Ekuqaleni kube u-Shafali Verma (47), u-Harleen Deol (31) no-Richa Ghosh (44*) ukusiza iqembu lasekhaya lifike ku-158/4 emuva kokuthi ama-South Africans anqobe i-toss futhi akhetha ukushwiba kuqala.


Kodwa okunye ukushaya kahle kwezivakashi kuthole umphumela omuhle ukuqiniseka ukuyji i-South Africa ihlule ama-Indians okokuqala kwi-series kumzamo wabo wesithathu.


Kusho ukuthi iqembu lika-Hilton Moreeng lilandelise impumelelo ka-4-1 wama-ODI ekuqaleni kwalelisonto ngokuthi bazithole ngaphambili ngo-2-0 kusele umdlalo wokugcina ngoLwesibili.


Umdlalo wesibili ubusondelene, nokho emuva kokuthi idlale kahle ngokushaya i-India.


Emuva kokulahlekelwa ukapteni wabo u-Smriti Mandhana (7) kushwiba u-Shabnim Ismail (1/31), u-Verma no-Deol babeke iqembu labo endaweni enhle ngenhlanganiso yabo yama-runs awu-79 ngenti yesibili.


Bobabili bagcine bephumile ngokulandelana ngenxa ka-Nonkululeko Mlaba (1/27) no-Anneke Bosch (1/26), kodwa ukushaya kwa-Ghosh ngamabhola awu-26 kushiye iqembu lasekhaya endaweni enhle phakathi komdlalo.


u-Bosch (2), iqhawekazi lomdlalo wokuqala, usheshe waphuma kumjaho. Kodwa u-Lee nokapteni u-Sune Luus (20) banezezele ngama-runs awu-58 ngenti yesibili, u-Lee walandelisa lokho nenye inhlanagniso yama-runs awu-50 ngenti elandelile no-Wolvaardt.


Lokho kuthathe i-South Africa yayibeka ku-116/3 ngesikhathi kuphuma u-Lee. u-Mignon du Preez (10) uqinisekise ukuthi umdlandla uyaqhubeka kwi-South Africa njengoba yena no-Wolvaardt babeke iqembu lidinga u-19 emabholeni awu-10 ngesikhathi ephuma.


Kube mayelana no-Wolvaardt. Ushaye ama-boundaries elandelana kushwiba u-Deol emabholeni amabili kwi-over yesi-19 bedinga ama-runs awu-9 kwi-over yokugcina.


Emuva kokuyiqala kahle i-over u-Arundhati Reddy njengoba ephisane nagam-runs aamathathu emabholeni okuqala amane, ushwibe i-no ball ebalulekile ebuyisele umdlalo ezandleni ze-South Africa kodwa u-Wolvaardt uqede umsebenzi.


The Momentum Proteas squad: Sune Luus, Ayabonga Khaka, Shabnim Ismail, Laura Wolvaardt, Trisha Chetty, Sinalo Jafta, Tasmin Britz, Marizanne Kapp, Nondumiso Shangase, Lizelle Lee, Anneke Bosch, Faye Tunniclife, Nonkululeko Mlaba, Mignon du Preez, Nadine de Klerk, Lara Goodall, Tumi Sekhukhune.


Support Staff: Hilton Moreeng (Head Coach), Dillon du Preez (Assistant Coach), Sedibu Mohlaba (Team Manager), Tshegofatso Gaetsewe (Team Doctor), Abram Ramoadi (Performance Analyst), Molebatsi Theletsane (Physiotherapist), Zane Webster (Strength and Conditioning), Koketso Gaofetoge (Media Manager).


Full Tour Schedule:


7 March – 1st ODI – India Women lost to the Momentum Proteas by 8 wickets

9 March – 2nd ODI – India Women beat the Momentum Proteas by 9 wickets

12 March – 3rd ODI – India Women lost to the Momentum Proteas by 6 runs (DLS)

14 March – 4th ODI – India Women lost to the Momentum Proteas by 7 wickets

17 March – 5th ODI – India Women lost to the Momentum Proteas by 5 wickets


20 March – 1st T20I – India Women lost to the Momentum Proteas by 8 wickets

21 March – 2nd T20I – India Women lost to the Momentum Proteas by 6 wickets

23 March – 3rd T20I – India Women v Momentum Proteas