Ukukhazimula kuka-Bosch kunqobela ama-Momentum Proteas i-T20 yokuqala

Sat, 20th March 2021
Anneke Bosch of the South Africa Women (The Momentum Proteas)

Anneke Bosch of the South Africa Women (The Momentum Proteas)

eLucknow: Uqhakaze ngokushaya nokushwiba u-Anneke Bosch wathola ama-career-best kukho kokubili ukusiza ama-Momentum Proteas anqobe i-T20 International yokuqala edlala ne-India ngezinti eziyisishagalombili e-Ekana Cricket Stadium e-Lucknow ngoMgqibelo.


Lomdlali omusha oyi-all-rounder uqale wakhipha izinti ezimbili ngama-runs awu-11 njengoba iqembu lasekhaya liqede no-130/6, ngaphambi kokuthi ashaye u-66 emabholeni awu-48 (9 fours, 1 six) ukunqobisa iqembu lakhe kusele amabhola amahlanu.


Umsebenzi ka-Bosch omuhle iqhamuke emuva kwezinsuku ezidlule lapha anqoba khona umklomelo we-Player of the Match kumdlalo wokugcina we-One-Day International, njengoba asiza banqobe i-series ngo-4-1 nomphumela omuhle kwikhilikithi yama-over awu-50 u-58.


Uphinde wenza kahle njengoba i-South Africa iqhubeka nokudlala kahle ivakashele iqembu lase-Asia.


Emuva kokunqoba i-toss kanye nokushwiba kuqala, abashwibayo kade beholwa u-Shabnim Ismail othole u-3/14.


Kodwa, ama-Indians akwazile ukuhlanganisa u-131 ngenxa ka-Harleen Deol (52 off 47 balls, 6 fours) no-Jemimah Rodrigues (30) – bobabili bahlanganisa u-60 ngenti yesithathu.


Lokho emuva kokuthi u-Smriti Mandhana (11) no-Shafali Verma (23) bakhishwe ucwephe lomshwibi osheshayo wama-Proteas kanye no-Nonkululeko Mlaba (1/28), ukushiya umphumela ku-56/2 kwi-over yesi-10.


Kodwa u-Deol no-Rodrigues bahole ukululama, ngaphambi kokuthi u-Ismail no-Bosch, ohlule umphumela wakhe owawumuhle u-2/13 ngesikhathi bevakashele e-India ngo-2019, ukhiphe izinti ngasekupheleni komdlalo okwenziwe iqembu lika-Hilton Moreeng, kwashaywa ama-runs awu-15 kuphela kuma-overs amathathu okugcina.


Izivakashi zilahlekelwe u-Lizelle Lee (8) ekuqaleni komjaho.


u-Bosch, edlala umdlalo wakhe wesine kuphela futhi nomphumela omuhle ka-13, no-Sune Luus (43) banezezele ngenhlanganiso yama-runs awu-90 ngenti yesibili ukubeka iqembu labo endleleni yokunqoba.


Nokho inhlanganiso iphuliwe kusele ama-over amane, u-Laura Wolvaardt (9*) usize kuqedwe umsebenzi futhi kwabeka ama-South Africans ngaphambili ngo-1-0.

The Momentum Proteas squad: Sune Luus, Ayabonga Khaka, Shabnim Ismail, Laura Wolvaardt, Trisha Chetty, Sinalo Jafta, Tasmin Britz, Marizanne Kapp, Nondumiso Shangase, Lizelle Lee, Anneke Bosch, Faye Tunnicliffe, Nonkululeko Mlaba, Mignon du Preez, Nadine de Klerk, Lara Goodall, Tumi Sekhukhune.


Support Staff: Hilton Moreeng (Head Coach), Dillon du Preez (Assistant Coach), Sedibu Mohlaba (Team Manager), Tshegofatso Gaetsewe (Team Doctor), Abram Ramoadi (Performance Analyst), Molebatsi Theletsane (Physiotherapist), Zane Webster (Strength and Conditioning), Koketso Gaofetoge (Media Manager).


Full Tour Schedule:


7 March – 1st ODI – India Women lost to the Momentum Proteas by 8 wickets

9 March – 2nd ODI – India Women beat the Momentum Proteas by 9 wickets

12 March – 3rd ODI – India Women lost to the Momentum Proteas by 6 runs (DLS)

14 March – 4th ODI – India Women lost to the Momentum Proteas by 7 wickets

17 March – 5th ODI – India Women lost to the Momentum Proteas by 5 wickets


20 March – 1st T20I – India Women lost to the Momentum Proteas by 8 wickets

21 March – 2nd T20I – India Women v Momentum Proteas

23 March – 3rd T20I – India Women v Momentum Proteas