Uyaziqhenya u-Moreeng njengoba ama-Momentum Proteas aba iqembu lesibili emhlabeni

Thu, 18th March 2021
South African women celebrate victory during the 2021 Women's ODI Series against India

South African women celebrate victory during the 2021 Women's ODI Series against India

eLucknow: Umqeqeshi wama-Momentum Proteas u-Hilton Moreeng uthi ‘umzuzu wokuziqhenya kumdlalo wesifazane e-South Africa’ emuva kokuthi iqembu lesizwe likhuphuke kwi-ranking yabo ephezulu okokuqala kuma-One-Day International kulelisonto njengoba babe iqembu lesibili emhlabeni.


Lokhu kwenzeke emuva kokuthi baphethe i-series encomekayo ngo-4-1 behlula i-India kubo e-Lucknow.


Ama-South Africans ajombe ompetha bomhlaba i-England kanye ne-India ukuze babe iqembu lesibili emuva kwe-Australia.


Okokuqala bezithola phezulu kangaka selokhu kwaba nohlelo lwe-ranking kwabesifazane ngo-Oktoba 2015 futhi u-Moreeng ukholwa ukuthi kungumzuzo oyingqophamlando kumdlalo wabesifazane kwisizwe.


“Siyakujabulela ukuhlula elilodwa lamaqembu ahamba phambili emhlabeni kwisimo sabo,” esho ejabula umqeqeshi. “Akulula ukuza kwi-sub-continent, ikakhulukazi emuva kokufika lapha okokugcina futhi sahlulwa.”


“Kodwa sahlala phansi njengeqembu futhi sabheka okwenzeka ngo-2019. Bese kwaba nokuzihlola okuningi futhi uyabona indlela esafika ngayo lapha kulesikhathi sakhuphula izinga lethu lokudlala.”


“Kade emangalisa amantombazane futhi umklomelo walokho usetafuleni lama-ICC rankings. Siyiqembu lesibili kuma-rankings omhlaba futhi umzuzo wokuziqhenya kakhulu kumdlalo wabesifazane e-South Africa kanye nabesifazane bebonke.”


Umphathi we-Momentum Metropolitan Sponsorships and Events u-Carel Bosman unezezele wathi: “Halala kuma-Momentum Proteas. Sonke simayelana nohambo futhi noma umdlali noma iqembu, sikhona kuhambo lakho oluya empumelelweni.”


“Ukuba ingxenya lohambo esaliqala nabo eminyakeni eyisishagalombili edlule, ukubabuka bethola izinkontileka kanye nokuba ochwepheshe kanye nokuba ingxenye lohambo labo lapho bekhona manje, kukhombisa ukuthi izinhlanganiso ezinkulu zingenzani.”


“Siyayijabulela indlela u-Hilton neqembu lakhe abaqhubeke ngayo futhi sikholwa ukuthi kuningi okuzayo ekwakheleni kwi-ICC Women’s World Cup onyakeni ozayo.”

The Momentum Proteas squad: Sune Luus, Ayabonga Khaka, Shabnim Ismail, Laura Wolvaardt, Trisha Chetty, Sinalo Jafta, Tasmin Britz, Marizanne Kapp, Nondumiso Shangase, Lizelle Lee, Anneke Bosch, Faye Tunniclife, Nonkululeko Mlaba, Mignon du Preez, Nadine de Klerk, Lara Goodall, Tumi Sekhukhune.


Support Staff: Hilton Moreeng (Head Coach), Dillon du Preez (Assistant Coach), Sedibu Mohlaba (Team Manager), Tshegofatso Gaetsewe (Team Doctor), Abram Ramoadi (Performance Analyst), Molebatsi Theletsane (Physiotherapist), Zane Webster (Strength and Conditioning), Koketso Gaofetoge (Media Manager).


Full Tour Schedule:


7 March – 1st ODI – India Women lost to the Momentum Proteas by 8 wickets

9 March – 2nd ODI – India Women beat the Momentum Proteas by 9 wickets

12 March – 3rd ODI – India Women lost to the Momentum Proteas by 6 runs (DLS)

14 March – 4th ODI – India Women lost to the Momentum Proteas by 7 wickets

17 March – 5th ODI – India Women lost to the Momentum Proteas by 5 wickets


20 March – 1st T20I – India Women v Momentum Proteas

21 March – 2nd T20I – India Women v Momentum Proteas

23 March – 3rd T20I – India Women v Momentum Proteas