u-De Klerk, u-Du Preez no-Bosch banqoba i-series ngo-4-1

Wed, 17th March 2021
Nadine de Klerk of the South Africa Women (The Momentum Proteas)

Nadine de Klerk of the South Africa Women (The Momentum Proteas)

eLucknow: u-Nadine de Klerk ukhiphe izinti ezintathu eshwiba kahle ama-Momentum Proteas okusize bahlele indlela yabo ekunqobeni ngezinti ezinhlanu behlula i-India – futhi ngomphumela ka-4-1 – kwi-One-Day International yesihlanu e-Ekana Cricket Stadium e-Lucknow ngoLwesithathu.


i-all-rounder encane ithole i-career-best u-3/35 kuma-overs awu-10 futhi ebesekwe u-Tumi Sekhukhune (2/26), u-Nondumiso Shangase (2/43) no-Marizanne Kapp (1/25) njengoba iqembu lasekhaya likhishwe lonke ngo-188 kuma-overs awu-50.


u-Mignon du Preez ushaye u-57 (100 balls, 4 fours) no-Anneke Bosch ushaye u-50 wakhe wokuqala u-58 emabholeni awu-70 (8 fours) ukutakula izivakashi enkingeni ngasekuqaleni ukujaha umphumela kusele amabhola awu-10.


Ushaye u-36 emabholeni awu-42 u-Kapp kanye no-19 oshaywe u-De Klerk engakhishwanga ukuqinisekisa ukuthi i-South Africa ihambe inqobe kahle i-bi-lateral series.


Iqembu lomqeqeshi u-Hilton Moreeng lingene kumdlalo wesihlanu futhi wokugcina benolwazi lokuthi sebeyinqobile i-series, kodwa kade besazimisele ukuqeda kahle.


Baqale kahle futhi u-Priya Punia, u-Smriti Mandhana (bobabili 18) no-Punam Raut (10) basheshe bakhishwa u-Kapp, u-Sekhukhune no-Shangase ngokulandelana kwabo ukushiya ama-Indians ku-53/3 kwi-over yesi-13.


Inhlanganiso yama-runs awu-71 ngenti yesine phakathi kwa-Mithali Raj no-Harmanpreet Kaur (30) kulandele ukubeka iqembu lasekhaya endleleni – futhi ngesikhathi esifanayo basongelwa ukushintsha umdlandla.


Kodwa u-Kaur uphoqeleke ukuthi athathe umhlalaphansi elimele ku-124, ukuvulela ama-Proteas umnyango.


Futhi baligxumele ithuba nge-seamer u-De Klerk ehamba phambili ekuhlaseleni njengoba i-India izithole ku-137/3 bafika ku-188 bephume bonke kuma-overs awu-49.3. Ukapteni u-Raj usale yedwa ku-79 emabholeni awu-104 (8 fours, 1 six).


Ngaphandle kwa-Lizelle Lee ophunyuziwe, u-Sune Luus uvule ngokushaya, kodwa ube oyedwa wezinti ezintathu ezikhishiwe, ukushiya ama-South Africans enkingeni.


Ukapteni ushaye u-10 futhi wakhishwa emuva kokuthi u-Laura Wolvaardt (0) no-Lara Goodall (1) kushiye umphumela ku-27/3 kwi-over yesi-11.


u-Du Preez kanye nomdlali omusha u-Bosch bahlaselile, kodwa, njengoba behlanganise u-96 ngenti yesine ukubuyisela iqembu labo endleleni. u-Du Preez uze wathola u-50 wakhe wesi-17 wama-ODI futhi u-Bosch wathola owokuqala.


Emuva kokuthi bakhishwe ngokulandelana, u-Kapp no-De Klerk baqede umsebenzi ngenhlanganiso yama-runs awu-58 ukubeka iqembu labo ekunqobeni.


The Momentum Proteas squad: Sune Luus, Ayabonga Khaka, Shabnim Ismail, Laura Wolvaardt, Trisha Chetty, Sinalo Jafta, Tasmin Britz, Marizanne Kapp, Nondumiso Shangase, Lizelle Lee, Anneke Bosch, Faye Tunniclife, Nonkululeko Mlaba, Mignon du Preez, Nadine de Klerk, Lara Goodall, Tumi Sekhukhune.


Support Staff: Hilton Moreeng (Head Coach), Dillon du Preez (Assistant Coach), Sedibu Mohlaba (Team Manager), Tshegofatso Gaetsewe (Team Doctor), Abram Ramoadi (Performance Analyst), Molebatsi Theletsane (Physiotherapist), Zane Webster (Strength and Conditioning), Koketso Gaofetoge (Media Manager).


The Momentum Proteas squad: Sune Luus, Ayabonga Khaka, Shabnim Ismail, Laura Wolvaardt, Trisha Chetty, Sinalo Jafta, Tasmin Britz, Marizanne Kapp, Nondumiso Shangase, Lizelle Lee, Anneke Bosch, Faye Tunniclife, Nonkululeko Mlaba, Mignon du Preez, Nadine de Klerk, Lara Goodall, Tumi Sekhukhune.


Support Staff: Hilton Moreeng (Head Coach), Dillon du Preez (Assistant Coach), Sedibu Mohlaba (Team Manager), Tshegofatso Gaetsewe (Team Doctor), Abram Ramoadi (Performance Analyst), Molebatsi Theletsane (Physiotherapist), Zane Webster (Strength and Conditioning), Koketso Gaofetoge (Media Manager).


Full Tour Schedule:


7 March – 1st ODI – India Women lost to the Momentum Proteas by 8 wickets

9 March – 2nd ODI – India Women beat the Momentum Proteas by 9 wickets

12 March – 3rd ODI – India Women lost to the Momentum Proteas by 6 runs (DLS)

14 March – 4th ODI – India Women lost to the Momentum Proteas by 7 wickets

17 March – 5th ODI – India Women lost to the Momentum Proteas by 5 wickets


20 March – 1st T20I – India Women v Momentum Proteas

21 March – 2nd T20I – India Women v Momentum Proteas

23 March – 3rd T20I – India Women v Momentum Proteas