i-CSA imemezela amaqembu ama-Proteas anezinkontileka ku-2021/2022

Tue, 16th March 2021
Lara Goodall is awarded a maiden Proteas contract as CSA extends contracted players numbers to a historic 15 from 14. ©CSA

Lara Goodall is awarded a maiden Proteas contract as CSA extends contracted players numbers to a historic 15 from 14. ©CSA

eGoli: i-Cricket South Africa (CSA) ijabulela ukumemezela amaqembu ama-Proteas esilisa nama-Momentum Proteas esifazane athole izinkontileka zesizwe kwisizini ka-2021/2022.


Uhlelo labesilisa linama-ICC T20 World Cup amabili ngo-Oktoba no-Novemba ka-2021 (India) no-2022 (Australia) kanye nohambo oluphelele lemidlalo emfushane e-Ireland okuzoqopha umlando e-Ireland ngoJulayi kulonyaka.


Uhlelo lokuthuthukisa luzophinde libekhona kulonyaka. Abadlali abakhethelwe ama-Proteas ngesizini ka-2021/2022 abangenazo izinkontileka bangathola ukuthuthuka ngokusebenza ukuze athuthuke athole inkontileka yesizwe.


Umqhudelwano omkhulu ozayo kwiqembu labesifazane i-2022 ICC Women’s World Cup e-New Zealand ngoMashi noEphreli.


i-CSA iyakujabulela ukuqinisekisa ukuthi izinkontileka zabesifazane zikhule ngomdlali oyedwa zisuka ku-14 ziya ku-15, kwakhethwa ukuhlala nezinkontileka eziwu-16 kwabesilisa, eyesi-17 ivulekile, ukunika abadlali ithuba lokuyifanelekela ngokudlala kahle.


u-Lara Goodall umdlali wesi-15 othole inkontileka kwiqembu labesifazane emuva kokuqhubeka nokudlala kahle kumasizini adlule, kwathi u-Heinrich Klaasen uthole inkontileka okokuqala kwiqembu labesilisa.


“Ukuziqhenya okukhulu ukuthi i-CSA ikhuphule inani lamankontileka esifazane kusukela ku-14 kwaba u-15 okokuqala nqa,” kuphawula i-CSA Acting Chief Executive, u-Mr Pholetsi Moseki. “Siyazithemba ukuthi inani labadlali abakhethiwe kumaqembu abesilisa nabesifazane kwanele ukubagcina kuzona zonke izinhlobo zekhilikithi abadlala kuyo.”


“Sizongena kwisizini ebaluleke kakhulu yekhilikithu nemicimbe ye-ICC World Cup kwawo womabili amaqembu esilisa nabesifazane futhi siyathemba ukuthi sinabadlali abafanele futhi izinga elidingekayo kuhlelo ukukhiqiza amaqembu azoqhudelana nabahamba phambili emhlabeni ezinyangeni eziwu-12 ezizayo.”


“Esikhundleni se-CSA, ngithanda ukuhalalisela u-Lara Goodall no-Heinrich Klaasen ngamankontileka abo amasha. Ukudlala kwabo enkundleni kanye nendlela abaziphathe ngayo ngaphandle kwenkundla kubakhulumele futhi siyajabula ukukomelisa umsebenzi onzima abawenzile,” kuphetha u-Mr Moseki.


CSA Contracted Proteas Men’s Players


Temba Bavuma (white ball captain, Imperial Lions), Quinton de Kock (Momentum Multiply Titans), Dean Elgar (red ball captain, Momentum Multiply Titans), Beuran Hendricks (Imperial Lions), Reeza Hendricks (Imperial Lions), Heinrich Klaasen (Momentum Multiply Titans), Keshav Maharaj (Hollywoodbets Dolphins), Aiden Markram (Momentum Multiply Titans), David Miller (Hollywoodbets Dolphins), Lungi Ngidi (Momentum Multiply Titans), Anrich Nortje (Warriors), Andile Phehlukwayo (Hollywoodbets Dolphins), Dwaine Pretorius (Imperial Lions), Kagiso Rabada (Imperial Lions), Tabraiz Shamsi (Momentum Multiply Titans), Rassie van der Dussen (Imperial Lions).