u-Goodall uhlanganise umjaho oyirekhodi njengoba i-SA ithuse i-India ukuqoba i-series

Sun, 14th March 2021
Lizelle Lee (left) and Lara Goodall of the Momentum Proteas celebrate

Lizelle Lee (left) and Lara Goodall of the Momentum Proteas celebrate

eLucknow: u-50 ka-Lara Goodall usize ama-Momentum Proteas ukunqoba umjaho wabo wesithathu omkhulu kwi-One-Day International njengoba bahlule i-India Women ngezinti eziyisikhombisa ukuba ngaphambili ngo-3-1 e-Ekana Cricket Stadium e-Lucknow ngeSonto.


Bahlele u-267, kushaya oseformini u-Lizelle Lee oshaye u-69 (75 balls, 10 fours), ukapteni wesikhashana u-Laura Wolvaardt oshaye u-53 (78 balls, 6 fours), i-Player of the Match u-Mignon du Preez ohlasele ngo-61 emabholeni awu-55 (8 fours, 1 six) kanye no-59 emabholeni awu-66 (5 fours) ka-Goodall njengoba i-South Africa inqobe kusele amabhola ayisishagalombili.


Umjaho wabo uhlule umphumela odlule omkhulu u-265 bedlala ne-England e-Centurion ngo-2015/16 futhi kwaba ukunqoba kwabo i-series okwesithathu kulandelana emuva kokuthi bahlule i-New Zealand (2020) ne-Pakistan (2021) kuma-series abo amabili ama-ODI adlule.


Phakathi kwalokho, abadlali baka-Hilton Moreeng bafika kwi-semi-final ye-T20 World Cup e-Australia ngonyaka odlule, okukhombise ukuthi iqembu lenza inzuzo enkulu kumdlalo wezwe.


Bachaza kwimidlalo embili abayinqoba kuhambo labo e-India, kudlalelwa kwi-bio-secure environment (BSE) e-Lucknow, umphumela odlule usho ukuthi sebenqobe i-series kusele umdlalo owodwa.


Kodwa bazoya kumdlalo wokugcina ngoLwesithathu begcwele ukuzithemba kulandela ukunqoba ngeSonto, okuhlanganiswe abashayayo.


Abashwibayo bebephisane ngo-266/4 emuva kokuthi u-Wolvaardt, ukapteni obambile njengoba engekho u-Sune Luus olimele, wanqoba i-toss wakhetha ukushaya kuqala.


i-innings yeqembu lasekhaya ibiyakhwe ikhulu lesithathu lika-Punam Raut kumsebenzi wakhe emuva kokuthi ashaye ama-runs amaningi engakhishwanga u-104 (123 balls, 10 fours).


u-Harmanpreet Kaur ushaye u-54 off 35 balls (7 fours, 1 six), babakhona nabanye abadlale indima njengokapteni u-Mithali Raj (45) no-Priya Punia (32).


Kuma-South Africans, u-Nondumiso Shangase (1/41) uyena odlale kahle, kanye no-Ayabonga Khaka (0/26). u-Shabnim Ismail (1/50) naye ukhiphe inti, kwathi othole impumelelo kube u-Tumi Sekhukhune othole u-2/63.


Bebhekene nomphumela omkhulu, ama-Proteas aqale umjaho ngenhlanganiso encomekayo phakathi ka-Lee-Wolvaardt yama-runs awu-116. Bobabili bacacise ngenhloso kwasekuqaleni beshaya u-79 kuma-overs okuqala awu-15 futhi lokho kuvumele iqemb labo lizithole ngaphambili kumjaho.


Emuva kokuthi bobabili baphume ngokulandelana, kuqhubeke u-Du Preez no-Goodall. Bobabili banezezele u-103 ngenti yesithathu ukukhathaza abashwibi be-India futhi baqhubeka nomdlandla uhambelane nezivakashi.


u-Du Preez ukhishwe eno-31, kodwa u-Marizanne Kapp ungene washaya u-22 emabholeni awu-18 ukusiza u-Goodall aqede umsebenzi.

The Momentum Proteas squad: Sune Luus, Ayabonga Khaka, Shabnim Ismail, Laura Wolvaardt, Trisha Chetty, Sinalo Jafta, Tasmin Britz, Marizanne Kapp, Nondumiso Shangase, Lizelle Lee, Anneke Bosch, Faye Tunniclife, Nonkululeko Mlaba, Mignon du Preez, Nadine de Klerk, Lara Goodall, Tumi Sekhukhune.


Support Staff: Hilton Moreeng (Head Coach), Dillon du Preez (Assistant Coach), Sedibu Mohlaba (Team Manager), Tshegofatso Gaetsewe (Team Doctor), Abram Ramoadi (Performance Analyst), Molebatsi Theletsane (Physiotherapist), Zane Webster (Strength and Conditioning), Koketso Gaofetoge (Media Manager).


Full Tour Schedule:


7 March – 1st ODI – India Women lost to the Momentum Proteas by 8 wickets


9 March – 2nd ODI – India Women beat the Momentum Proteas by 9 wickets


12 March – 3rd ODI – India Women lost to the Momentum Proteas by 6 runs (DLS)


14 March – 4th ODI – India Women lost to the Momentum Proteas by 7 wickets


17 March – 5th ODI – India Women v Momentum Proteas


 


20 March – 1st T20I – India Women v Momentum Proteas


21 March – 2nd T20I – India Women v Momentum Proteas


23 March – 3rd T20I – India Women v Momentum Proteas