Graeme Smith.
eGoli: i-Cricket South Africa (CSA) ijabulela ukuqinisekisa ukuthi ama-Proteas azodlala i-series yemidlalo emifushane okokuqala ne-Ireland ngoJulayi 2021.
Imidlalo ihlelelwe ukudlalwa ngo-11-25 Julayi futhi kuzoba ama-One Day Internationals (ODI) amathathu azoba ingxenye yohlelo lwe-ICC Cricket World Cup Super league (CWCSL) nama-T20I amathathu, imidlalo izodlalelwa e-Malahide nase-Stormont.
Kuzoba okokuqala ama-Proteas evakashela e-Ireland ezodlala imidlalo engaphezu kowodwa, bavakasha ngo-Juni 2007 kuphela bedlala i-ODI e-Belfast.
“Siyakuthokozela ukusheshe siphethe ngezinsuku futhi ngalokho besithanda ukubonga i-Cricket Ireland ngokubambisana kwabo kanye nokuzimisela ukuzivumelanisa nohlelo lohambo njengoba siqhubeka nokuqedela uhlelo lethu lobusika,” kuphawula i-CSA Director of Cricket, u-Graeme Smith.
“Lolu hambo luphawula isahluko esisha esibalulekile emlandweni wethu njengoba sivakashela elinye lamazwe akhula ngokushesha ekhilikithi ukuvakashela imidlalo eyisithupha.”
“i-Ireland izikhombise ukuba iqembu eliqhudelanayo eminyakeni edlule, nesithombe esikhulayo kumdlalo womhlaba. Kuzophinde kunike abadlali bethu ithuba lokudlala imidlalo yezizwe zomhlaba kwisimo abangasijwayele, ngakho siwulindele umqhudelwano.”
u-Warren Deutrom, i-Chief Executive ye-Cricket Ireland, enezezela: “Njengoba kunoshintsho olukhulu kwi-Future Tours Programme ngenxa yokuhlehliswa kwemidlalo yasekhaya kusukela ngo-2020 – wonke amanye amazwe bekumele ashintshe izinhlelo zemidlalo kwisikhathi sika- 2020-2023 – kube indida yangempela kubabhali bekhilikithi yomhlaba ukuzama ukuhlanganisa izinto.”
“Siyilindele isizini elandelayo futhi sibonga abasivakashelayo nokusebenzisana nathi kulesizini ehlelwe kabusha. Kubadlali bethu abakhulile, kunemidlalo eyisithupha ye-World Cup Super League ekhona kuhlelo, lapho esamukela khona i-South Africa eyagcina ukudlala lapha eminyakeni ewu-14 edlule.”
Ama-Proteas adlala futhi ahlula i-Ireland kuma-ODI amahlanu eminyakeni adlule, okubalwa nokuhlangana kwabo kwi-2007, 2011 ne-2015 ICC Cricket World Cups. Begcina behlangana kwaba umdlalo owodwa e-South Africa kuvakasha ama-Irish ngo-2016.
Lezizwe azikaze zihlangane kumdlalo we-T20I.
Schedule: South Africa Men’s Tour to Ireland
Sunday, 11 July
1st ODI (CWCSL) Ireland v South Africa, Malahide
Tuesday, 13 July
2nd ODI (CWCSL) Ireland v South Africa, Malahide
Friday, 16 July
3rd ODI (CWCSL) Ireland v South Africa, Malahide
Tuesday, 20 July
1st T20I Ireland v South Africa, Malahide
Thursday, 22 July
2nd T20I Ireland v South Africa, Stormont
Sunday, 25 July
3rd T20I Ireland v South Africa, Stormont