Umlingo ka-Miller awanelanga njengoba i-Pakistan inqobe i-T20 series

Sun, 14th February 2021
David Miller of South Africa celebrates after scoring 50 runs, scoring a half century during Match 3 of the 2021 International T20 Cricket Series between Pakistan and South Africa at the Gaddafi Stadium in Lahore, Pakistan on 14 February 2021

David Miller of South Africa celebrates after scoring 50 runs, scoring a half century during Match 3 of the 2021 International T20 Cricket Series between Pakistan and South Africa at the Gaddafi Stadium in Lahore, Pakistan on 14 February 2021

eLahore: Ukushaya okumangazayo kwa-David Miller akwanelanga kuma-Proteas njengoba bagcine behlulwe ngezinti ezine kwi-Twenty20 International yokugcina bedlala ne-Pakistan kanye ne-series ngo-2-1 e-Lahore ngeSonto.


u-Miller wethule umbukiso omuhle kakhulu wokushaya ngokuphanga ama-runs awu-85 emabholeni awu-45 (5 fours, 7 sixes) engakhishwanga njengoba i-South Africa ilulame isuka ku-65/7 ukubeka u-165/8 e-Gaddafi Stadium.


u-Tabraiz Shamsi ukhiqize i-spell esimangazayo u-4/25 ukushiya iqembu lasekhaya lisebunzimeni ku-137/6 emuva kwama-overs awu-17, ngaphambi kokuthi u-Hasan Ali oshaye u-20 emabholeni ayisikhombisa ukuhola iqembu lakhe ekunqobeni kusele amabhola ayisishagalombili.


Umphumela uphethe uhambo lama-Proteas kwisizwe sase-Asia – ukuqeda i-series lapho bekhombise ukuthembisa nokho abadlali abajwayelekile bengekho.


Kumdlalo wokugcina, ukapteni wesikhashana u-Heinrich Klaasen uhlulwe kwi-toss ekuqaleni futhi iqembu lakhe licelwe ukushaya kuqala ukapteni u-Babar Azam.


Kodwa, ukushaya kuqaqeke ngendlela engajabulisi odlala umdlalo wakhe wokuqala u-Zahid Mahmood (3/40) no-Mohammad Nawaz (2/13) behlasela.


u-Janneman Malan (27) kuphela obengoyedwa wabahlanu abakwazile ukuthola isigqi – izinti ngasekuqaleni kushiye i-South Africa engozini yokuphuma yonke ngaphansi kwa-100.


Kodwa u-Miller no-Bjorn Fortuin (10) benze inhlanganiso yama-runs awu-41 ngenti yesishagalombili, ngaphambi kwenhlanganiso engaphuliwe yenti yesishagalolunye yama-runs awu-58 phakathi kwa-Miller no-Lutho Sipamla (8*) ukubeka izivakashi ku-165.


u-Miller ushaye o-six abane kwi-over yokugcina, i-innings yakhe waqeda u-50 wakhe wesithathu kuma-T20I.


Kube ezandleni zabashwibayo, abaqale bazabalaza bebhekene nodlale kahle kwi-series we-Pakistan kwi-series u-Mohammad Rizwan (42).


Kanye no-Haider Ali (15), bobabili benze inhlanganiso ka-51 ngenti yokuqala ukulibeka phambili iqembu lakhe.


Ukufakwa kwa-Shamsi kwi-over yesikhombisa kusongelwe ukushintsha ukuhamba komdlalo emuva kokuthi ahlasele ngebhola ukukhipha u-Haider.


Ukuhlasela kabili kuma-overs akhe amabili kushiye ama-Pakistanis ku-84/3 ngasekupheleno kwe-over yesi-11 futhi walingana futhi umdlalo.


Bese u-Dwaine Pretorius (1/33) ukhiphe u-Babar (44) kwazuza i-South Africa.


u-Shamsi ushintshe izinto zakhetha izivakashi ngokukhipha izinti ezine okwesine wathola i-career-best futhi u-Bjorn Fortuin (1/30) unezezele ngenti ka-Faheem Ashraf (10).


Kushiye ama-Proteas izimise kahle njengoba iqembu lasekhaya belidinga u-28 kuma-overs amathathu kushaya amadoda amabili amasha.


Kodwa, u-Hasan no-Nawaz (18 emabholeni awu-11) bahlaselile ngesikhathi kudingeka ukuze banqobe kusele okungale kwe-over.


Proteas T20 Squad vs Pakistan:


Heinrich Klaasen (captain, Momentum Multiply Titans), Nandre Burger (Six Gun Grill Cape Cobras), Okuhle Cele (Momentum Multiply Titans), Junior Dala (Momentum Multiply Titans), Bjorn Fortuin (Imperial Lions), Reeza Hendricks (Imperial Lions), George Linde (Six Gun Grill Cape Cobras), Janneman Malan (Six Gun Grill Cape Cobras), David Miller (Hollywoodbets Dolphins), Andile Phehlukwayo (Hollywoodbets Dolphins), Dwaine Pretorius (Imperial Lions), Ryan Rickleton (Imperial Lions), Tabraiz Shamsi (Momentum Multiply Titans), Lutho Sipamla (Imperial Lions), Jon-Jon Smuts (Warriors), Pite van Biljon (VKB Knights), Glenton Stuurman (Warriors), Jacques Snyman (VKB Knights).


Pakistan T20 Series vs South Africa Itinerary


11 February – 1st T20I, Lahore – South Africa lost by 3 runs

13 February – 2nd T20I, Lahore – South Africa won by 6 wickets

14 February – 3rd T20I, Lahore – South Africa lost by 4 wickets