Oqophe umlando u-Pretorius ukhiphe izinti ezinhlanu ama-Proteas elinganisa i-series

Sat, 13th February 2021
Dwaine Pretorius of South Africa during Match 2 of the 2021 International T20 Cricket Series between Pakistan and South Africa at the Gaddafi Stadium in Lahore, Pakistan on 13 February 2021

Dwaine Pretorius of South Africa during Match 2 of the 2021 International T20 Cricket Series between Pakistan and South Africa at the Gaddafi Stadium in Lahore, Pakistan on 13 February 2021

e-Lahore: u-Dwaine Pretorius uthole ama-best Twenty20 International figures i-South African ukusiza ama-Proteas alinganise ngo-1-1 ne-Pakistan ngenxa yokunqoba ngezinti eziyisithupha kumdlalo wesibili e-Gaddafi Stadium e-Lahore ngoMgqibelo.


i-all-rounder ithole u-5/17 kuma-overs amane njengoba izivakashi zinqande iqembu lasekhaya ku-144/7 emuva kokunqoba i-toss kanye nokushwiba kuqala.


u-Reeza Hendricks no-Pite van Biljon bashaye u-42 umuntu emunye – izivakashi zijaha umphumela ngokukhululeka kusele namabhola awu-22. Kusho ukuthi ozonqoba i-series uzobonakala kumdlalo wokugcina wohambo ozodlalwa enkundleni efanayo ngeSonto.


Kodwa umdlalo ubungo-Pretorius. Obedlala i-T20I yakhe yesi-13, lomdlali oneminyaka ewu-31 ebesefomini encomekayo njengoba edlule ama-best international figures akhe adlule u-1/12 futhi wadlula irekhodi lika-Ryan McLaren u-5/19 kudlalwa ne-West Indies e-North Sound ngo-2010.


Ebehamba phambili kusukela ekuqaleni ngokushwiba imigqa eqinile. Inti yokuqala ka-Pretorius iqhamuke kwi-over yesibili ukapteni we-Pakistan u-Babar Azam (5) ekhishwe nge-leg before wicket.


u-Andile Phehlukwayo (1/31) no-Tabraiz Shamsi (1/16), omunye obesefomini enhle, bakhiphe izinti ukushiya iqembu lasekhaya ku-48/3 kwi-over yesikhombisa.


u-Mohammad Rizwan oshaye ama-runs amaningi, owathola ikhulu kumdlalo wokuqala ushaye u-51 (41 balls, 6 fours, 1 six) kwizibalo zakhe.


Esekhishwe ibhola elihamba kancane eliphoswe u-Pretorius, u-Iftikhar Ahmed (20) no-Faheem Ashraf (30 off 12 balls) basize iqembu labo lifike kumphumela ohloniphekile.


U-Janneman Malan (4) no-Jon-Jon Smuts (7) bakhishwe ekuqaleni kujaha ama-Proteas ukunika iqembu lasekhaya ithemba.


Kodwa u-Hendricks ushaye o-six abathathu no-four abathathu ehlasela emabholeni sawu-30 bese u-Van Biljon washaya o-six abathathu no-four ababili kwi-innings yakhe yamabhola awu-32 ukukhipha umfutho kwi-Pakistan.


Kube umphumela omkhulu ka-Van Biljon kwi-T20I yakhe yesithupha, kodwa bobabili baphume kusadingeka ama-runs awu-40.


u-David Miller (25* off 19 balls) nokapteni u-Heinrich Klaasen (17* off nine balls) baqede umsebenzi ukunika i-South Africa ukunqoba kokuqala kuhambo.


Proteas T20 Squad vs Pakistan:


Heinrich Klaasen (captain, Momentum Multiply Titans), Nandre Burger (Six Gun Grill Cape Cobras), Okuhle Cele (Momentum Multiply Titans), Junior Dala (Momentum Multiply Titans), Bjorn Fortuin (Imperial Lions), Reeza Hendricks (Imperial Lions), George Linde (Six Gun Grill Cape Cobras), Janneman Malan (Six Gun Grill Cape Cobras), David Miller (Hollywoodbets Dolphins), Andile Phehlukwayo (Hollywoodbets Dolphins), Dwaine Pretorius (Imperial Lions), Ryan Rickleton (Imperial Lions), Tabraiz Shamsi (Momentum Multiply Titans), Lutho Sipamla (Imperial Lions), Jon-Jon Smuts (Warriors), Pite van Biljon (VKB Knights), Glenton Stuurman (Warriors), Jacques Snyman (VKB Knights).


Pakistan T20 Series vs South Africa Itinerary


11 February – 1st T20I, Lahore – South Africa lost by 3 runs

13 February – 2nd T20I, Lahore – South Africa won by 6 wickets

14 February – 3rd T20I, Lahore