i-CSA iqinisekisa uhlelo lohambo le-Pakistan

Fri, 12th February 2021
General view of Pakistan playing against South Africa

General view of Pakistan playing against South Africa

eGoli: i-Cricket South Africa (CSA) iyajabula ukumemezela ukunwetshwa kohambo kuvakasha i-Pakistan kwimidlalo emfushane ezophetha ihlobo lwama-Proteas lemidlalo yezizwe.


Uhambo luhlelelwe kusukela u-Ephreli 02 kuyela ku-Ephreli 16, 2021, iqembu lakwi-subcontinent lizofika eNingizimu Afrika ngo-Mashi 26 ngaphambi komdlalo wokuqala uma bengena kwi-bio-secure environment (BSE) e-Gauteng.


i-Pakistan Cricket Board (PCB) ivume isicelo esenziwe i-CSA ukudlala eminye imidlalo yama-Twenty20 International, okusho ukuthi uhambo selizoba nama-Betway One Day International (ODI) amathathu nama-KFC T20Is amane azodlalwa e-Centurion, e-SuperSport Park nase-Goli e-Imperial Wanderers Stadium.


“Siyakujabulela ukuthi sesiyakwazi ukuqinisekisa izinsuku kanye nohlelo oluphelele lohambo lebhola elimhlophe le-Pakistan iza eNingizimu Afrika,” kuphawula i-CSA Director of Cricket, u-Graeme Smith.


“i-Pakistan ifakazele isimo sabo eminyakeni njengeqembu eliyingozi kwimidlalo emfushane futhi ngiyaqiniseka ukuthi bazonika ama-Proteas isivivinyo kwi-Highveld. Sizophinde sibe ne-‘Betway Pink ODI’ ekade ilindelekile kuhambo futhi yinto engaphinde ilindelwe abadlali, abalandeli kanye nalaba ababalwa kulolusuku olukhulu.”


“Siyayibonga i-PCB ngokuvumelana nesicelo sethu esikhathini esifushane ukunweba ubude bohambo ngokunezezela nge-T20 yesine, okuzosinika isikhathi esidingekayo semidlalo yamazwe.”


i-PCB Director of International Cricket, u-Zakir Khan enezezela: “Kuyasijabulisa ukusiza izwe eliyilunga njengathi kwimizamo yalo lokusinda. Kusemahlombeni ethu sonke ukugada umdlalo kanye nenhlalakahle sihlangene njengamalunga e-ICC.”


“Ubudlelwana phakathi kwe-South Africa ne-Pakistan yinde futhi ihlonishwa ndawo zombili, futhi kube isinqumo esilula sokuvumelana nesicelo sabo. Sonke sibheke uhambo oluyimpumelelo.”


Imidlalo emithathu ye-ODI series ihlelwe ukuqala ngo-Ephreli 2 e-Centurion, umdlalo wesibili – i-Betway Pink Day – ihlelwe ukudlalwa eGoli ngo-Ephreli 04. Umdlalo wokugcina uzodlalwa ngo-Ephreli 07 e-Centurion.


Lokho kuzolandelwa i-T20I series, imidlalo yokuqala embili ihlelwe ukudlalwa ngo-10 no-12 Ephreli e-Wanderers, kulandele imidlalo embili yokugcina ngo-14 no-16 Ephreli e-SuperSport Park.


Schedule: Pakistan Men’s Tour to South Africa


Friday, 02 April at 10:00 SAST:


1st Betway ODI (CWCSL) South Africa v Pakistan, SuperSport Park, Pretoria


Sunday, 04 April at 10:00 SAST:


2nd Betway ODI (CWCSL): South Africa v Pakistan, Imperial Wanderers Stadium, Johannesburg


Wednesday, 07 April at 10:00 SAST:


3rd Betway ODI (CWCSL) South Africa v Pakistan, SuperSport Park, Pretoria


Saturday, 10 April at 14:30 SAST:


1st KFC T20I South Africa v Pakistan, Imperial Wanderers Stadium, Johannesburg


Monday, 12 April at 14:30 SAST:


2nd KFC T20I South Africa v Pakistan, Imperial Wanderers Stadium, Johannesburg


Wednesday, 14 April at 14:30 SAST:


3rd KFC T20I South Africa v Pakistan, SuperSport Park, Pretoria


Friday, 16 April at 14:30 SAST:


4th KFC T20I South Africa v Pakistan, SuperSport Park, Pretoria