u-Mlaba ujabulele ukuthola imiklomelo onyakeni onzima

Thu, 09th July 2020
Momentum Proteas' Nonkululeku Mlaba

Momentum Proteas' Nonkululeku Mlaba

Umdlali omncane wama-Momentum Proteas u-Nonkululeko Mlaba uvuma ukuthi uthukile ethola umklomelo kuma-2020 Cricket South Africa (CSA) Awards ayebanjwe ngempelasonto edlule.


Lomdlali oneminyaka ewu-20 ube oyedwa wabambalwa abanqoba emuva kokukonyeliswa njenge-Women’s Newcomer of the Year kulandela ukukhethelwa inkundla ephezulu.


Lomdlali oshwiba kancane ngesandla sokunxele, uhlule u-Anne Bosch no-Nondumiso Shangase ukuthola umklomelo wase-South Africa womdlali omusha odlale ngendlela encomekayo ezinyangezi eziwu-12 ezidlule.


“Ngiyaziqhenya ngami ngalokhu futhi kukhombisa ukuthi bengisebenza kanzima futhi lowomsebenzi unomzuzo,” kusho yena. “Akusho ukuthi ngizoyeka ukusebenza kanzima, kuyangigqugquzela ukuthi ngiqhubeke ngiphikelele.”


“Kodwa ngijabule kakhulu futhi ngicabanga ukuthi ngenze umsebenzi omuhle ukuthi ngifike la.”


u-Mlaba, oqhamuka e-Ntuzuma ngenhla kwaseThekwini, udlale kuma-Twenty20 Internationals ayisishagalolunye edlalela izwe lakhe, umdlalo wakhe wokuqala wayedlala ne-India e-Surat ngo-Septemba odlule kodwa wagcina ngokuhlulwa bedlala ne-Australia e-Sydney ngo-Mashi.


Nokho wakhipha izinti ezintathu kuleyomdlalo, i-economy rate yakhe u-6.68 wawuncomeka, ikakhulukazi emuva kokusetshenziselwa ukushwiba kuqala eshwibela izwe lakhe.


Unqobe indumiso eningi ngendlela asebenza ngayo onyakeni wakhe wokuqala.


“Okwagqama kimina ngicabanga ukuthi i-T20 World Cup,” esho echaza. “Uma bengingakhetha umdlalo owodwa kungaba yilo sidlala ne-Thailand lapho engashwiba khona kuqala futhi ngathola inti eyodwa kuma-overs amane.”


“Ngakuthanda futhi ukudlala ne-Pakistan, ngakho yileyo imidlalo yami ehamba phambili.”


Kodwa, u-Mlaba uveze ukuthi akubangalula njengendlela okwabonakala ngayo, ethi wayenovalo ngaphambi komdlalo wakhe wokuqala emuva kokukhethelwa ukuba ingxenye yohambo lwase-India ekuqaleni kwe-season.


“Usheshe wahamba unyaka,” kusho i-spinner saKwaZulu-Natal. “Kwaqala ngokuthi ngingathembi ukuthi ngingenza kahle ezingeni eliphezulu.”

“Bengizingabaza ngoba ngimusha, kodwa ngenxa yokwesekwa yiwona wonke umuntu lapho kwakhula ukuzithemba kwami. u-Mignon du Preez ebelungile kimina futhi wangisiza ukuthi ngikhule futhi ngigqakaze. Ekugcineni ngiyajabula ukuthi ngifike lapha.”