u-Hilton Moreeng uphinde wabekwa njengomqeqeshi omkhulu wama-Momentum Proteas

Wed, 08th July 2020
Coach Hilton Moreeng

Coach Hilton Moreeng

Namhlanje i-Cricket South Africa (CSA) imemezele ukuqokwa futhi kwa-Hilton Moreeng njengomqeqeshi omkhulu wama-Momentum Proteas kwi-tele-press conference ngoLwesithathu.


u-Moreeng, okade ewumqeqeshi weqembu lesizwe kusukela ngo-2012, uzothatha indima iminyaka emithathu.


Ngaphansi kobuholi buka-Moreeng, iqembu labesifazane likhulile njengenxenye eqhudelananyo enkundleni yomhlaba. Uhole ama-Proteas kuma-semi-finals kwi-ICC Women’s T20 World Cup (2014 no-2020) ne-ICC Women’s World Cup (2017).


Kulandela i-whitewash ye-One-Day International ka-3-0 eyagubha umlando bedlala ne-New Zealand ngo-Januwari, iqembu lakhe lazithola esikhundleni sesithathu namaphuzu awu-25 emuva kwe-Australia (39) ne-England (27) kwi-ICC Women’s Championship futhi bangena kwi-World Cup kunyaka ozayo.


“Ukunikwa ithuba lokuphinde ngisebenze neqembu labesifazane ithuba elijabulisayo,” kusho u-Moreeng.


“Ngifuna ukubonga i-Cricket South Africa ngethemba abaliveze kimina lokwazi ukuhola leliqembu elinethalente kuyela kwisigaba esilandelayo sohambo lwabo.”


“Ngisaqala, sasinabadlali abambalwa abancane abathembisayo, manje sebekhulile futhi bakhombise ukuthi bayakwazi ukuqhudelana nabahamba phambili emhlabeni. igxathu elilandelayo ukuqiniseka ukuthi siqhudelanela ukuba kwabathathu abaphezulu emhlabeni nenhloso yokunqobela i-South Africa indondo.”


i-CSA Director of Cricket, u-Graeme Smith uthe: “Ama-Momentum Proteas ethu angena kwisigaba esibalulekile njengoba elungiselela i-ICC Women’s World Cup kunyaka ozayo. Imidlalo yabo edlule yombili ngebhola elimhlophe ibabeke njengeqembu elilodwa lalawa aphezulu emhlabeni njengoba kwabonakala kuhambo lwabo lokugcina lwase-New Zealand kanye nemidlalo yabo bebhekene nabaholayo emhlabeni , i-Australia ne-England, kwi-T20 World Cup edlule.”


“u-Hilton no-Dané van Niekerk bahlanganise ubuholi obuncomekayo kuma-Proteas futhi ukuqokwa kwa-Hilton kuphinde kusho ukuthi kusazokwenzeka ngendlela efanayo ngaphambilini.”


“Azimise kahle ama-Proteas ukuze babhidele i-World Cup.”


Izinhlelo zokugcina zokubuyela ekuqeqesheni ziyaqhubeka futhi zizohambelana nemigimo yezempilo ebekwe abezempilo be-CSA nomyango wezemidlalo.


Ama-Proteas bekumele aye e-West Indies ngo-Juni kodwa uhambo lwahlehliswa ngenxa ye-COVID.


Uhambo lwase-England, olunemidlalo emfushane emine nama-T20 amabili, yayihlelelwe ukuqala ngo-September 1. Manje i-CSA isezinxoxweni ne-England Cricket Board (ECB) ne-Board of Control for Cricket in India (BCCI) mayelana nokubakhona kwe-tri-series.


Momentum Proteas Women Management: Hilton Moreeng (Head Coach), Sedibu Mohlaba (Manager), Zane Webster (Strength & Conditioning Coach), Tshegofatso Gaetsewe (Team Doctor), Molebatsi Theletsane (Physiotherapist).