i-CSA ne-SLC imemezele ukuhlehliswa kohambo lama-Proteas oluya e-Sri Lanka

Mon, 20th April 2020
Dr Jacques Faul, Acting Chief Executive for Cricket South Africa

Dr Jacques Faul, Acting Chief Executive for Cricket South Africa

Namhlanje i-Cricket South Africa (CSA) ne-Sri Lanka Cricket (SLC) bamemezele ukuhlehliswa kohambo lama-Standard Bank Proteas oluya e-Sri Lanka okwakumele liqala kuhafu wokuqala ka-Juni futhi beluzoba ama-One-Day Internationals amathathu nama-T20 International amathathu.


Ama-ODI ebezoba okokuqala ama-Proteas edlala kwi-one-day league ye-ICC.


“Kuyadabukisa ukuthi siphoqeleke ukuthatha lesinqumo futhi sizokhetha esinye isikhathi sohambo uma ikhilikithi ibuyela esimweni kanye nokuhambelana kweminye imidlalo yethu yama-international,” kuphawula i-CSA Acting Chief Executive u-Dr. Jacques Faul.


“Ama-Proteas ethu ebengeke akwazi ukulungiselela kahle uma sicabanga ne-lockdown yethu futhi okubaluleke kakhulu, ukucabanga izimpilo zabadlali bethu, ezibalulekile, bekuhamba phambili,” esho enezezela.


“Bekuzoba uhambo olubalulekile kithina njengoba ama-ODI amathathu ebezoba ingxenye ye-ICC one-day league futhi ama-T20 ebezoba ingxenye yamaungiselelo ethu e-ICC Men’s T20 World Cup ezodlalelwa e-Australia ngasekupheleni konyaka. Kuyacasula kubadlali abafuna ukwakha phezu kwefomu abayikhombisa ngasekupheleni kwehlobo ekhaya kudlalwa ne-Australia,” evala u-Dr. Faul.