Ama-Proteas aqede ngaphezulu kwisixuku emuva kokunethwa kwamiswa umdlalo

Dane Van Niekerk and Coach Hilton Moreeng. South Africa Proteas training session ahead of the 3rd One Day international cricket match. Seddon Park, Hamilton, New Zealand. Wednesday 29 January 2020. © Copyright photo: Andrew Cornaga / www.photosport.nz

Dane Van Niekerk and Coach Hilton Moreeng. South Africa Proteas training session ahead of the 3rd One Day international cricket match. Seddon Park, Hamilton, New Zealand. Wednesday 29 January 2020. © Copyright photo: Andrew Cornaga / www.photosport.nz

Ama-Momentum Proteas Women aqede ngaphezulu kwesixuku sabo okokuqala kumlando womqhudelwano we-ICC emuva kokuthi umdlalo wabo wokugcina wesixuku we-Women’s T20 World Cup bedlala ne-West Indies awudlalwanga e-Sydney ngoLwesibili.


Umphumela, futhi nephuzu elitholwe kwi-washout, kusho ukuthi i-South Africa izoqeda inamaphuzu ayisikhombisa, elilodwa ngaphambi kwe-England (six), bobabili benqobele ama-semi-finals ngaphambi kosuku lokugcina lemidllao yezixuku ebekumele idlalwe.


Kade kuhambelana nokuthola indawo, ukuqeda kwama-Proteas phezulu ku-Pool B kusho ukuthi manje bazobhekana neqembu eliphethe imidlalo abaphinde bavikele isicoco kwamaqembu amane asele ngoLwesine, bese i-England izobhekana nabanqobe ku-Pool A i-India.


Iqembu lika-Hilton Moreeng lidlale kahle kakhulu kumqhudelwano wama-over awu-20 ngo-2020, bekulindeleke ukuthi lihlule i-West Indies kumdlalo wokugcina e-Sydney Showground Stadiumemuva kokunqoba imidlalo yabo emithathu edlule, okubalwa khona umdlalo wokuqala bedlala ne-England abakhethekele ukunqoba umqhudelwano.


Balandelise lokho ngokunqoba kahle behlula i-Thailand ne-Pakistan.


Kodwa, imvula ebiqhubeka ibanqabele ithuba lokunqoba imidlalo emine kwemine, umdlalo wagcine uyekiwe.


Okunye okubalulekile ekuqedeni ngaphezulu kwisixuku ukuthi alukho usuku olubekelwe ama-semi-finals futhi uma kungeke kudlaleke ama-overs awu-10, iqembu elingaphezulu kakhulu kwisixuku lizodlulela kwelamanqamu.


Umdlalo we-semi-final wama-Proteas ne-Australia uzoqala ngo-10h00 (CAT) ngoLwesine.