i-CSA ihalalisele ama-Proteas ngokufika kuma-T20 World Cup semi-finals

South African players celebrate after winning a Women's T20 World Cup cricket match between South Africa and Pakistan at Sydney Showground Stadium in Sydney, Australia, 01 March 2020. EPA/CRAIG GOLDING

South African players celebrate after winning a Women's T20 World Cup cricket match between South Africa and Pakistan at Sydney Showground Stadium in Sydney, Australia, 01 March 2020. EPA/CRAIG GOLDING

Namhlanje i-Cricket South Africa (CSA) ihalalisele iqembu lesizwe lama-Momentum Proteas Women ngokufika kuma-semi-finals e-ICC Women’s T20 World Cup. Bathole lokhu njengoba benqobe imidlalo emithathu kwemithathu ngokuhlula i-Pakistan ngama-runs awu-17 e-Sydney namhlanje.


Manje banethuba lokunqoba emine uma bedlala umdlalo wabo wokugcina ku-Pool B bedlala ne-West Indies e-Sydney ngoLwesibili. Ukunqoba umdlalo wesine kungababeka phezulu kwisixuku enamaqembu amabili ake anqoba i-England ne-West Indies.


“Halala kukapteni wethu, u-Dane van Niekerk, umqeqeshi u-Hilton Moreeng nabo bonke abadlali nabasebenzi ngokungahlulwa kuze kube yimanje,” kuphawula i-CSA Acting Chief Executive, u-Dr. Jacques Faul.


“Kuyajabulisa abadlali abahlukile abadlale indima enqobise imidlalo ngesikhathi kudingeka. Kungakhohlwa abadlali abafinyelele kokuhle kumsebenzi wabo.”


“Sino-Mignon du Preez umdlali wokuqala oyi-South African, owesilisa noma wesifazane, ukudlala kuma-T20 International ayikhulu kulandele ikhulu lokuqala kuma-T20 International elishaywe u-Lizelle Lee futhi iqembu lashaya umphumela ophezulu kwi-Women’s T20 World Cup bedlala ne-Thailand bedlala ne-Thailand kanye nokunqoba nge-margin enkulu.”


“Asingakhohlwa nokuthi bahlule i-England okokuqala kumqhudelwano we-ICC kwizinhlobo zekhilikthi lebhola elimhlophe.”


“Iqembu lisendaweni enhle kuyela kwisonto elikhulu kumlando wekhilikithi yabesifazane e-South Africa.”


“Kuzoba kuhle uma bengahola isizwe sethu ekugubheni i-International Women’s Day ngokuzithola kwezamanqamu ngeSonto elizayo,” esho evala u-Dr. Faul.