u-Lee uhole usuku oluphule amarekhodi lama-Proteas

Lizelle Lee of South Africa reacts after reaching a century during the Women's T20 World Cup cricket match between South Africa and Thailand at Manuka Oval in Canberra, Australia, 28 February 2020. EPA/LUKAS COCH

Lizelle Lee of South Africa reacts after reaching a century during the Women's T20 World Cup cricket match between South Africa and Thailand at Manuka Oval in Canberra, Australia, 28 February 2020. EPA/LUKAS COCH

Ikhulu lakhe lokuqala kumsebenzi wakhe kuholele ama-Momentum Proteas Women ukuthola umphumela omkhulu kumlando we-ICC Women’s T20 World Cup njengoba bahlule i-Thailand ngama-runs awu-113 kumdlalo wabo ku-Pool B e-Manuka Oval e-Canberra ngoLwesihlanu.


Lo ovulayo ushaye o-six abathathu no-four abawu-16 ethola u-101 emabholeni awu-60 ukusiza i-South Africa ifike ku-195/3 – irekhodi elisha kumqhudelwano futhi kudlule u-194/5 irekhodi elidlule elahlanganiswa i-India idlala ne-West Indies kumqhudelwano odlule ngo-2018.


Oshwiba ngokushesha u-Shabnim Ismail (3/8) no-Sune Luus (3/15) bakhiphe izinti ezintathu umuntu emunye njengoba iqembu lase-Asia elidlala okokuqala kumqhudelwano likhishwe lonke ngama-runs awu-82.


Lokho kuqede ukunqoba okuhle kweqembu la-Hilton Moreeng, elidlulele phezulu kwisixuku sabo ngokunqoba imidlalo embili bedlale imidlalo embili.

Futhi bafike lapho ngokubeka izimpawu ezintsha endleleni yabo.


Ikhulu elishaywe u-Lee oshaya ngesandla sokudla kube elesibili kwi-SA kuma-T20Is, kodwa elisheshile, kuhlula elinye elashaywa u-Shandre Fritz (116*) cishe ngale kweminyaka eyishumi ngo-Oktoba 2010 bedlala ne-Netherlands e-Potchefstroom.


Kuphinde kwaba umphumela omkhulu oshaywe umdlali oneminyaka ewu-27, ehlula u-84 awenza, nenhlanganiso yakhe yenti yesibili yama-runs awu-131 eshaya no-Luus (61 not out, 41 balls, 5 fours, 2 sixes), inhlanganiso eyirekhodi yenti yesibili.


Ukunqoba kufike ngaphandle komdlali ogqamile u-Marizanne Kapp, okhishiwe kumdlalo ekuqaleni ngoba ephethwe umkhuhlane nokapteni u-Dane van Niekerk ekhetha ukushaya emuva kokunqoba i-toss.


Ama-South Africans alahlekelwe ukapteni wabo kwi-over yesithathu enama-runs amabili, kodwa kuhambe ngendlela eyodwa njengoba inhlanganiso ka-Lee no-Luus icindezele i-Thailand.


Nasemuva kokuphulwa kwaleyonhlanganis, u-Chloe Tryon ushaye u-24 emabholeni awu-11, okukhuphule ama-Proteas ku-196 – umphumela wabo wesibili omkhulu kuma-T20Is.


i-Thailand ikwaze ukufika ku-14 engekho ophumile nge-over yesine emuva kokuthi kube khona amabhola anganqakwanga, kodwa i-run out encomekayo eyenziwe i-wicketkeeper u-Trisha Chetty kuqalise i-South Africa.


Lokho kulandelwe amabhola amabili ashwibwe u-Ismail ukukhipha u-Nannapat Koncharoenkai no-Naruemol Chaiwai ngo-0 – iqembu lathola i-hat trick – okushiye ama-Thais enkingeni.


u-Luus usebenzise umlingo wakhe kwabashaya phakathi nendawo nasekugcineni ukushiya ama-Asians ephume wonke kuma-overs awu-19.1 futhi waqedela ukunqoba okukhulu kwesibili kumlando wezwe lakhe.


Momentum Proteas ICC Women’s T20 playing XI against Thailand:


Dané van Niekerk (captain, Eastern Province), Lizelle Lee (North West), Mignon du Preez (Northerns), Laura Wolvaardt (Western Province), Suné Luus (Northerns), Chloe Tryon (KwaZulu-Natal Coastal), Nadine de Klerk (Western Province), Shabnim Ismail (KZN Coastal), Trisha Chetty (KZN Coastal), Ayabonga Khaka (Gauteng) and Nonkululeko Mlaba (KZN Coastal)