u-Moreeng ucela ukugxila kabusha kudlalwa ne-Thailand

Coach Hilton Moreeng

Coach Hilton Moreeng

u-Hilton Moreeng ucele ukugxila okusha njengoba ama-Momentum Proteas Women elungiselela umdlalo olandelayo kwi-ICC Women’s T20 Cricket World Cup.


Njengoba kungaphansi kwamahora awu-24 ngaphambi kokuthi i-South Africa ibhekane ne-Thailand e-Manuka Oval e-Canberra, umqeqeshi ugcizelele ukubaluleka kokungabuki phambili kakhulu.


“Bonke abadlali bayazi ukuthi kumele uphinde uqalelephansi,” kugqugquzela u-Moreeng.


“Kumele siqiniseke ukuthi njengeqembu, senza kahle ezikhathini ezibalulekile zomdlalo futhi sinqobe izimpi ezincane.”


“Ekugcineni, ukhiye ukuthatha izinto ngokuza kwemidlalo.”


Imbono yakhe ifika emuva kokuthi i-South Africa inqobe ngezinti eziyisithupha ihlula i-England. Futhi njengoba kube ukusebenza kweqembu lonke, u-Moreeng uncome ukukhula okwavezwa abadlali abadala. Ikakhulukazi u-Mignon du Preez.


Edlala kumdlalo wakhe wekhulu we-T20 International, lomdlali oshayayo wagcina ukuzotha kwakhe kwi-over yokugcina yomdlalo njengoba eshaye u-six no-four i-South Africa ijaha u-124 kwasala amabhola amabili.


“Indlela u-Mignon abhekana nencindezi ukuze sinqobe – ukukhululeka kanye nokuzotha – yilokho ekade sikufisa njengeqembu.”


“Ekupheleni kosuku udinga abadlali abanamakhanda azothile ezikhathini ezinjalo futhi wasebenza kahle.”


u-Moreeng ulindele okukhulu okufana nalokho uma iqembu lakhe libhekana ne-Thailand, ezithola ekugcineni kwa-Pool B, emuva kokuhlulwa kabili idlala ne-West Indies ne-England ngokulandelana kwabo.


i-Thailand ngathi ayaziwa kuma-international, futhi lokhu i-World Cup yabo yokuqala. Kodwa ama-Proteas kanye no-Moreeng bayayazi ingozi bona nanoma yiliphi iqembu elingayiletha kwikhilikithi emfushane.


“Bayiqembu elilungile, elisafufusa elihlasela nge-spin. Kubalulekile ukuthi sigxile kulokhu esingakwenza njengeqembu ngoba balambele ukunqoba umdlalo. Umdlalo we-T20 – kungenzeka noma yini.”


Ukushintsha kusukwa entshonalanga kuyiwa empumalanga ngasolwandle, ama-Proteas azilungisele ushintsho ngesimo sokudlala futhi nethuba lokuthi noma imuphi oshayayo azibone emaphephendabeni.


“Inokuhamba kancane. Ayikho i-turn eningi kulokhu esikubonile kweminye imidlalo. Ngosiko kutholakala ama-runs amaningi ngakho silindele inti enhle.”


“Ngokwabashayayo, sinabadlali ababili noma abathathu abangashaya ama-boundaries, ngakho kukhombisa isipiliyoni esikhona kwiqembu,” enezezela u-Moreeng.


“Kuthathe isikhathi ukuqiniseka ukuthi sihlanganise kahle futhi kuyasijabulisa. Awazi ukuthi ubani ozodlala kahle ngosuku ngoba bonke bangajikisa umdlalo.”


Umdlalo wase-Canberra owokuqala wemidlalo emithathu ezinsukwini ezinhlanu. Ama-Proteas azoya e-Sydney ngoMgqibelo ukuqhubeka nokuzingela indawo kwi-semi-final besazodlala ne-Pakistan ne-West Indies.


Momentum Proteas ICC Women’s T20 squad:


Dané van Niekerk (captain, Eastern Province), Laura Wolvaardt (Western Province), Lizelle Lee (North West), Mignon du Preez (Northerns), Marizanne Kapp (Eastern Province), Suné Luus (Northerns), Chloe Tryon (KwaZulu-Natal Coastal), Shabnim Ismail (KZN Coastal), Ayabonga Khaka (Gauteng), Masabata Klaas (North West), Tumi Sekhukhune (North West), Trisha Chetty (KZN Coastal), Nonkululeko Mlaba (KZN Coastal), Nadine de Klerk (Western Province) and Nondumiso Shangase (KZN Coastal)


Management: Hilton Moreeng (Head Coach), Salieg Nackerdien (Assistant Coach), Sedibu Mohlaba (Manager), Abram Ramoadi (Performance Analyst), Russell Clarke (Strength & Conditioning Coach), Tshegofatso Gaetsewe (Team Doctor), Molebatsi Theletsane (Physiotherapist), Lucy Davey (Media Liaison)