u-Stokes uhlele waze waqedela ukunqobela i-England umdlalo

Ben Stokes of England

Ben Stokes of England

u-Ben Stokes, njengenjwayelo, ebeyindoda yesikhathi njengoba ekhiphe izinti ezintathu zokugcina ukulinganisa i-England i-series ngokunqoba ngama-runs awu-189 kusele amabhola awu-50 kumdlalo wesibili we-Test bedlala nama-Standard Bank Proteas e-Newlands ngoLwesibili.


Womabili amaqembu azoya e-St. George’s Park kumdlalo wesithathu, ozoqala ngoLwesine, belingene ku-1-1 kusele imidlalo embili.


Indima edlalwe u-Stokes ekunqobeni kwe-England ibinkulu ngoba ebesemdlalweni, ethola ama-runs kuwona womabili ama-innings, wanqaka ibhola kanhlanu kwi-innings yokuqala bese wakhipha izinti ezintathu zokugcina kwi-innings yesibili njengoba ama-Proteas, enqaba ukuthola ama-runs ukuvikela izinti, balahlekelwa abashayi abahlanu bokugcina ngama-runs awu-11.


Okubaluleke kakhulu indlela asheshe wathola ngayo ama-runs kwi-innings yesibili ngesikhathi lapha engekho omunye oshayayo kuwona womabili amaqembu okwaze ukukhuphula i-run rate idlule kuma-runs amathathu nge-over. Ngokuthatha umthwalo ngendlela enze ngayo, wakhele i-England ithuba lokuba nama-overs awu-146 kwi-innings ye-South Africa yesibili futhi kucishe kwalingana nalawa akade bewadinga ukuze benze umsebenzi.


Ushwibe ama-overs acishe aba u-24 kushoda amabhola amabili futhi wathola u-3/35 ngoba bekumele avale isikhala sezinkinga ezitholwe u-Jimmy Anderson ongakwazanga ukushwiba ama-overs amaningi.


Lokhu bekuzobeka i-England ngemuva njengoba umdlali okhulile ephinde wathola umdlandla wakhe kulomdlalo.


Nokho u-Dom Sibley ethole ikhulu lakhe lokuqala kuma-Test, u-Stokes bekufanele abe i-Man of the Match.


Abalandeli be-South Africa bebefisa kuphele njengenganekwane kodwa bekungeke kwenzeke njengoba u-Pieter Malan ushodelwe ama-runs awu-16 ukuze athole ikhulu lakhe lokuqala kuma-Test (288 balls, 3 fours, kanye namahora adlulile kwayisithupha okubekezela) futhi u-Vernon Philander kwi-innings yakhe yokugcina ye-Test e-Newlands ugcine ephuma ekugcineni kunokuthi asindise usuku.


Ngaphandle kwa-Malan, omunye odlale indima u-Quinton de Kock (50 off 107 balls, 7 fours) okhombise ikhono lakhe lokudlala kunoma yisiphi isimo somdlalo esidingekayo ngaphambi kokuthi angayishayi kahle i-pull shot ngezansi kwe-bat yakhe. Bekukuhle ukumbona eshaya ebhekene nenkundla enamadoda ayisikhombisa anqaka eduzane futhi amanye amabili engama-metres awu-30 ne-bat yakhe.


i-Sunfoil Education Trust (SET) ithole u-R234 000 kuma-boundaries, o-six nezinti ezikhishwe yiwona womabili amaqembu kumdlalo, sekuhlangene kwaba u-R494 000.