u-Sibley uhola indlela njengoba i-England iqinisela ukuba ngaphambili

Dom Sibley of England square cuts a delivery during day 3 of the International Test Series 2019/20 game between South Africa and England at Newlands Cricket Ground, Cape Town on 5 January 2020 © Shaun Roy/BackpagePix

Dom Sibley of England square cuts a delivery during day 3 of the International Test Series 2019/20 game between South Africa and England at Newlands Cricket Ground, Cape Town on 5 January 2020 © Shaun Roy/BackpagePix

u-Dominic Sibley uhole nge-career best innings yakhe kanye nethuba lokukuphendula ikhulu lakhe lokuqala njengoba i-England isebenze yazithola ibheke kwindawo engahluleki osukwini lesithathu le-Test yesibili bedlala nama-Standard Bank Proteas.


i-England iqede usuku ku-218/4 ingaphambili ngama-runs awu-264 inti eyodwa kwalawa amane asele kungeye-nightwatchman u-Dom Bess ophume ngelinye iqanda kumdlalo.


u-Sibley uqede usuku ku-85 (222 balls, 13 fours), enze izinhlanganiso zama-runs awu-73 ngenti yesibili no-Joe Denly nama-runs awu-116 ngenti yesithathu no-Joe Root (61 off 98 balls, 7 fours).


Ukuthuthuka okungcono kakhulu lokhu kwa-Sibley kune-career best yakhe edlule u-29 kwi-Test edlule e-SuperSport Park.


Okade kubaluleke kakhulu kwiqembu elivakashayo ukuthi abashaya phezulu kwiqembu labo badlala kahle kakhulu esikhathini eside, okushiye u-Root nenkinga eyodwa ukuthi uzoyenza nini i-declaration, uma ama-Proteas engahlaseli ngebhola elisha lesibili uma selitholakala ekuseni osukwini lesine.


Siningi isikhathi esisele kumdlalo futhi umcabango osemgqondweni ka-Root kuzoba ukuthi i-pitch izoba isibaca futhi kube lula ukusinda noma i-England ishwibe kangcono kumdlalo kune-South Africa.


Kube usuku lokuba ngemuva kuma-Proteas abakwaze ukunezezela ngama-runs ayisishagalombili kumphumela wabo ngezinti ezimbili ebezisele, zombili zakhishwa u-Jimmy Anderson okhiphe izinti ezinhlanu okwesi-28 kumsebenzi wakhe wama-international ukuqeda no-5/40 kuma-overs awu-19. Kubeke i-England ngaphambili ngama-runs awu-46.


Emuva kwalokho, ukugumba kube igama lomdlalo njengoba abashaya kwi-England bazame ukukhathaza abashwiba kuma-Proteas abathole usizo kwisimo okulethe ukugqugquzeleka.


Kube olunye usuku oluhle le-Sunfoil Education Trust (SET) ethole u-R151 000 kuma-boundaries, o-six nezinti ezikhishwe womabili amaqembu, kwahlangana kwaba u-R411 000 kwi-series.