u-Maketa uhlangana nama-Proteas amancane njenge-High Performance Consultant

Malibongwe Maketa, assistant coach of South Africa (l)

Malibongwe Maketa, assistant coach of South Africa (l)

Namhlanje i-Cricket South Africa (CSA) imemezele ukuqokwa ngokushesha kwa-Malibongwe Maketa njenge-high performance consultant kwiqembu le-South Africa U19s elilungiselela i-ICC under-19 World Cup.


Uzohlangana neqembu lomqeqeshi u-Lawrence Mahatlane ngaphambi kwe-quadrangular series bedlala ne-India, i-New Zealand ne-Zimbabwe ezoqala eThekwini ngoLwesihlanu futhi uzoqhubeka kuze kudlule i-World Cup yabo.


“Njengoba senzile nabeluleki abakhona kuma-Standard Bank Proteas kubalulekile ukuthi kube nabantu abanesipiliyoni sesizwe kumaqembu ethu ahlukile,” kuphawula i-CSA Acting Director of Cricket u-Graeme Smith.


“u-Mali ungena kahle, wasebenza njengosekela mqeqeshi ka-Ottis Gibson kuma-Proteas kusukela ngo-2017 kuyele ku-2019. Ngaphambi kwalokho wayengumqeqeshi ophumelelayo kuma-franchise nama-Warriors, wababeka kwezamanqamu e-Momentum One-Day Cup ne-T20 Challenge ngo-2016/17.”


“Ukunqoba namhlanje ngezinti ezinhlanu kuhlulwa i-India kumdlalo wokugcina we-Youth ODI Series e-East London kungabonakala njengento enhle futhi sizokwenza konke esingakwenza ukubasekela,” esho evala e-Smith.