u-De Kock no-Philander bakhuphuke kuma-ICC Test rankings

Quinton de Kock of South Africa receives the Man of the Match trophy

Quinton de Kock of South Africa receives the Man of the Match trophy

Umdlalo onqotshwe ama-Standard Bank Proteas we-Test yokuqala bedlala ne-England uvele kuma-ICC Test match rankings abadlali aphumile.


u-Quinton de Kock, i-Man of the Match futhi othole ama-runs amaningi kumdlalo, uphindele kubadlali abaphezulu abawu-10 abashayayo kwathi u-Vernon Philander, odlale indima enkulu ekuze iqembu libe ngaphambili kwi-innings yokuqala baze banqobe umdlalo, ujombe izindawo ezinhlanu kwabashwibayo.


Uphinde abe u-No. 4 kuma-all-rounders.


u-Kagiso Rabada, nokho ekhiphe izinti eziyisikhombisa, wehle indawo eyodwa waba u-No. 3 kwabashwibayo.


u-Anrich Nortje ukhuphuke izindawo eziwu-36 wangena kuhla lwabadlali abawu-100 futhi manje ungu-No. 96.


u-De Kock uqede unyaka ku-No. 9 kuhla ngokuthola ama-runs nama-runs awu-713 (amakhulu amabili) nge-average ewu-47.53 emidlalweni eyisishagalombili.


u-Rabada uqede ehlangene nomunye engowesithupha ekutholeni izinti nezinti eziwu-33 nge-average ewu-27.39.


“Kuzwakala kahle ukuba ngaphambili ngo-1-0 kwi-series kanye nokuqala uhambo ngokuthi siphindele ekunqobeni,” kuphawula u-De Kock.


“Iseyinde indlela, ayikanqotshwa i-series kodwa ngiyajabula ukuthi ngidlale indima eqenjini. Kube indlela enhle yokuqeda unyaka. Angiphathekile kabi ngemiklomelo nama-rankings, kodwa ngiyajabula ukuthi iqembu lisendaweni enhle futhi ngilindele i-Test eKapa onyakeni omusha.”


u-Philander uya emidlalweni emithathu yokugcina yomsebenzi wakhe ama-Test nama-runs awu-1 700 nezinti eziwu-220 kwizinga eliphezulu futhi unethuba elihle lokuba i-all-rounder efike kuma-runs awu-2 000 nezinti eziwu-200.


u-Shaun Pollock no-Jacques Kallis ibona kuphela abangama-South Africans aseke bathola lokhu.