u-Linde uzothatha indawo ka-Maharaj kumdlalo we-Test wokugcina

Keshav Maharaj of South Africa reacts in pain after injury, Aiden Markram  looks on during Day Two of the Second Test of the 2019 International Series between India and South Africa at the Maharashtra Cricket Association Stadium in Pune, India on 11 October 2019. ©Gavin Barker/BackpagePix

Keshav Maharaj of South Africa reacts in pain after injury, Aiden Markram looks on during Day Two of the Second Test of the 2019 International Series between India and South Africa at the Maharashtra Cricket Association Stadium in Pune, India on 11 October 2019. ©Gavin Barker/BackpagePix

i-left arm spinner u-George Linde wama-World Sports Betting Cape Cobras uzothatha indawo ka-Keshav Maharaj ngaphambi komdlalo wesithathu wama-Standard Bank Proteas bedlala ne-India e-Ranchi, ozoqala ngoMgqibelo.


Walimala ihlombe esandleni sokudla u-Maharaj ngesikhathi evimba osukwini lesibili le-Test yesibili e-Pune.


Ukuphinde abhekwe ngaphambi kokuqala komdlalo namhlanje ekuseni nemiphumela ye-MRI kukhombise ukuthi angeke akulungele ukudlala ngesikhathi kufika umdlalo we-Test wokugcina.


Udokotela weqembu u-Ramjee Hashendra uphawule wathi:


“i-MRI scan ikhombise ukuthi u-Keshav ulimale imasela elisehlombe esandleni sokudla elabhandishwa ukuze akwazi ukushaya izolo. Uphinde wabhekwa namhlanje ekuseni, ikakhulukazi ukubheka ukushwiba, futhi wakhombisa ukuthunukala uma eshwiba.”


“Uma kubhekwa ngokubhekwa kwakhe namhlanje ekuseni kanye nokutholakele kwi-scan, abezempilo kwiqembu bazwe ukuthi uzobe engakalulami ngesikhathi se-Test elandelayo ezinsukwini eziyisithupha. Uhlobo kanye nendlala yokulimala kwakhe kusho ukuthi mhlawumbe uzobuyela kumdlalo ezinsukwini eziwu-14 kuyela kweziwu-21 uma kubhekwa ukuhamba kokululama kwakhe.”

Standard Bank Proteas Test squad: Faf du Plessis (Multiply Titans, capt), Temba Bavuma (Imperial Lions, vice-capt), Theunis de Bruyn (Multiply Titans), Quinton de Kock (Multiply Titans), Dean Elgar (Multiply Titans), Zubayr Hamza (World Sports Betting Cape Cobras), Aiden Markram (Multiply Titans), Senuran Muthusamy (Hollywoodbets Dolphins), Lungi Ngidi (Multiply Titans), Anrich Nortje (Warriors), Vernon Philander (World Sports Betting Cape Cobras), Dane Piedt (World Sports Betting Cape Cobras), Kagiso Rabada (Imperial Lions), Heinrich Klaasen (Multiply Titans), George Linde (World Sports Betting Cape Cobras).