Inkani ka-Maharaj no-Philander ibambezela ukunqoba kweNdiya

Keshav Maharaj of South Africa reacts acknowledges fans during Day Three of the Second Test of the 2019 International Series between India and South Africa at the Maharashtra Cricket Association Stadium in Pune, India on 12 October 2019. ©Gavin Barker/BackpagePix

Keshav Maharaj of South Africa reacts acknowledges fans during Day Three of the Second Test of the 2019 International Series between India and South Africa at the Maharashtra Cricket Association Stadium in Pune, India on 12 October 2019. ©Gavin Barker/BackpagePix

u-Keshav Maharaj no-Vernon Philander balethe ukuzimisela kanye nokuzithemba kuma-Standard Bank Proteas ukuzama ukugcina i-Freedom Series isaphila njengoba bebhekane nabashwiba kwi-India kwadlulela kuma-overs awu-40 ngenti yesishagalolunye yama-runs awu-109 e-Pune ngoMgqibelo.


Kodwa usuku luphele i-India ilawula umdlalo wesibili we-Test ingaphambili kwi-innings yokuqala yama-runs awu-326 futhi kusele izintsuku ezimbili eziphelele ukuze babe ngaphambili kwi-series ngo-2-0. Kusazobonakala uma iqembu lasekhaya lizokhetha i-follow on.


u-Maharaj ushaye u-50 wakhe wokuqala kuma-Test (72 off 132 balls, 12 fours) futhi waphinda washaya ama-runs amaningi kwi-innings ukufanisana nalokhu okwenziwa u-Pat Symcox bedlala ne-Pakistan ngo-1998 njengomdlali owu-No. 10 oshayayo ukushaya ama-runs amaningi.


u-Philander akaphumanga nama-runs awu-44 (192 balls, 6 fours) okube, u-Maharaj, i-innings yakhe ende kwikhilikithi yama-Test.


Inhlanganiso yabo irekhodi elisha lama-South African ngenti yesishagalolunye bedlala ne-India, okungcono kuno-91 okwenziwa u-Senuran Muthusamy no-Dane Piedt kumdlalo we-Test odlule. Lezinhlanganiso ezimbili zizonika abashaya phezulu kwi-South Africa abazokucabanga.


u-Maharaj ukhinyabezwe ihlombe ngasesandleni sokudla elibuhlungu olumbangele izinhlungu ngesikhathi edlala ibhola elihlaselayo ebelidinga ukusebenzisa isandla sakhe esingezansi.


u-Philander naye ushayekile esandleni sakhe sokudla.


Abakwenzile ukuthatha isikhathi esiningi kumdlalo futhi bekuzoletha ukugqugquzela kwimizamo yokusindisa umdlalo noma kuthiwa ukunqoba angeke kwenzeke.


Enye inhlanganiso enakekile ama-runs awu-75 ngenti yesithupha phakathi kwa-Faf du Plessis, oshaye u-50 wakhe wesibili kwi-series (64 off 117 balls, 9 fours, 1 six) no-Quinton de Kock.