Ukubuya kwa-Kapp no-Chetty kuqinisa ama-Proteas

Proteas coach Hilton Moreeng with Marizanne Kapp.

Proteas coach Hilton Moreeng with Marizanne Kapp.

Aqalele phansi ama-Proteas Esifazane futhi abheke ukuqala kwemidlalo emithathu yama-One-Day International bedlala ne-India ngoLwesithathu.


Iqembu lomqeqeshi omkhulu u-Hilton Moreeng liyiqede kahle imidlalo eyisithupha yama-overs awu-20 ngokunqoba ngama-runs awu-105 emuva kokukhipha iqembu lasekhaya ngomphumela ophansi kunayo yonke ama-runs awu-70 bedlala ekhaya.


Lokho kwaqeda i-series eyaphoxa ngento abangakha kuyona – ama-South Africans ehlulwa ngo-3-1 e-Surat.


Ubahalaliselile u-Moreeng ngendlela abakhombise ngayo isimilo emuva kuhambo olunzima.


“Ngibancoma kuyona yonke iminyango futhi nendlela yonke into ehlangane ngayo kwi-T20 international yokugcina,” kusho umqeqeshi.


“Lokho kube ukubonakala kwezinga lekhilikithi esiyisebenzelayo kuyela kwi-ICC T20 World Cup ngonyaka ozayo futhi kuzodinga ukuthi siqiniseke ukuthi siqhubeka nalo lolohlobo lwekhilikithi kuyela kwi-series yama-ODI sidlala ne-India.”


Okokugcina amaqembu ehlangana kumadlalo wama-overs awu-50 kwaba u-February e-South Africa lapho i-India yanqoba i-series ngo-2-1.


Ama-Proteas athemba ukunqoba e-Vadodara lapho abafike khona ngoMsombuluko kwisigaba sokugcina samalungiselelo ngaphambi komdlalo wokuqala, ozodlalwa e-Reliance International Stadium.


u-Moreeng ujabulele indlela amalungiselelo ahambe ngayo ngosuku lokuqala.


“Usuku lokuqala lokuqeqesha ukuqiniseka ukuthi wonke umuntu uzijwayeza isimo sase-Vadodara futhi babheke ukuthi yenzani i-wicket, ukuze kubanike isithombe sokuthi kumele sishintshe uhlelo lomdlalo kuyela phambili,” esho.


“Uma kukhulunywa ngesimo kuyela kumdlalo wokuqala we-ODI, kuhamba kancane futhi abadlali kumele bajwayele ukushisa, ngakho kube ithuba elihle lokuba kuma-nets kushisa.”


“Njengeqembu kwaba usuku oluhle ukunika wonke umuntu ithuba lokuzwa inkundla, kukho konke, usuku lokuqala kwezintathu zokuqeqeshwa bekukuhle kuyela kwimidlalo yama-ODI.”


u-Moreeng ukhulume ngokuhle ekubuyeni kwabadlali abanesipiliyoni u-Marizanne Kapp no-Trisha Chetty.


Unezelele wathi: “Abadlali abanesipiliyoni futhi abakhulile bajwayele ukwazi ukuthi kudingeka ini ukuze baqhudelane kulesisimo, badlale ikhilikithi eningi lapha futhi ngicabanga ukuthi laba ababili abafakiwe kwiqembu lama-ODI bazosilethela okuhlukile ngesipiliyoni kuhlobo esizwa silijwayele njengeqembu.”


“Ingincomile indlela abadlali abancane abenza ngayo, basebenza kanzima futhi bajwayela isipiliyoni abasitholile kwi-T20 series edlule, bekubalungele lokho futhi ngiyathemba ukuthi bazothatha isipiliyoni kuyela kwi-ODI series futhi baqhubeke nokukhula lapho.”


Umdlalo wokuqala we-ODI ngoLwesithathu uzovezwa ku-SuperSport 2 kusukela ngo-05h20 kuyela ku-13h30 (CAT).


Ukuhambo komdlalo kuzotholakala ezinkundleni zokuxhumana ze-Cricket South Africa u-Facebook (www.facebook.com/cricketsouthafrica) no-Twitter (www.twitter.com/officialcsa).


ODI squad: Sune Luus (Northerns, Capt), Trisha Chetty (Gauteng), Nadine de Klerk (Northerns), Shabnim Ismail (Gauteng), Ayabonga Khaka (Gauteng), Lara Goodall (WP), Marizanne Kapp (EP), Lizelle Lee (North West), Nonkululeko Mlaba (KZN Coastal), Tumi Sekhukhune (North West), Nondumiso Shangase (KZN Coastal), Mignon du Preez (Northerns), Lara Wolvaardt (WP).


ITINERARY

October 9: 1st ODI

October 11: 2nd ODI

October 14: 3rd ODI