u-Sharma uhlela isimo ngamakhulu alandelanayo

Visakhapatnam: India's Rohit Sharma celebrates his half century on Day 4 of the 1st Test match between India and South Africa at Dr. Y.S. Rajasekhara Reddy ACA-VDCA Cricket Stadium in Visakhapatnam on Oct 5, 2019. (Photo: IANS)

Visakhapatnam: India's Rohit Sharma celebrates his half century on Day 4 of the 1st Test match between India and South Africa at Dr. Y.S. Rajasekhara Reddy ACA-VDCA Cricket Stadium in Visakhapatnam on Oct 5, 2019. (Photo: IANS)

uRohit Sharma ushaye amakhulu alandelanayo ukuze i-India iphinde ibengaphambili kumdlalo wokuqala we-Test bedlala nama-Standard Bank Proteas e-Visakhapatnam ngoMgqibelo.


Ama-Proteas enze kahle ukwehlisa ukuba ngaphambili kwe-India kwi-innings yokuqala ngama-runs awu-71 futhi iqembu lasekhaya belidinga ukusheshe lithole ama-runs ukuze lizinike ithuba lokuphinda abadlali abashayayo abavakashile kuphela umdlalo osukwini lesine.


Yilokho u-Sharma abasize bakwenza. Uqede ku-127 (149 balls, 10 fours, 7 sixes) futhi wavumela iqembu lakhe lishaye u-140 ngaphandle kokulahlekelwa inti kwi-session yesibili enwetshiwe kwaphinde kwaba u-148 kuma-overs awu-19 ngesikhathi beshaya phansi kuyela ekuthatheni i-declaration.


Kushiye i-South Africa nomphumela owu-395 kuma-overs awu-107, into engakaze yenziwe iqembu elivakashele e-India ngisho ukusondela kwi-innings yesine kumdlalo we-Test.


Kusho ukuthi u-Virat Kohli ukhombise inhlonipho kubadlali abashayayo be-South Africa.


i-India igcine incindezi kuma-Proteas kuma-overs ayisishagalolunye ashwibiwe ngaphambi kokuthi ukukhanya okubi kusheshe kwavala umdlalo ngesikhathi u-Ravindra Jadeja ekhipha othole ikhulu kwi-innings yokuqala u-Dean Elgar nge-leg before wicket ngebhola elihambe phansi.


Ama-Proteas aqede ku-11/1 futhi adinga u-384 ukuze anqobe. Kodwa, ukusinda ama-overs asele awu-98 kubukeka kungenzeka. Okwamanje kusaphume izinti eziwu-22 kumdlalo (11 kwiqembu lilinye) futhi, ngaphandle kwe-variable bounce, ukushaya isikhathi eside ngathi kungenzeka.


Ngaphandle kwa-Sharma, abadlali abagqamile kwi-India kube u-Ravi Ashwin, okhiphe izinti ezimbili zokugcina kwi-innings yama-Proteas kwi-innings yokuqala ukuqeda nezinti eziyisikhombisa nokho bekumele ashwibe kuma-overs awu-46.2 ukuzuza lokho, futhi u-Cheteshwar Pujara obuyele kwi-form ngama-runs awu-81 (148 balls, 13 fours, 2 sixes) futhi benze inhlanganiso yama-runs awu-169 ngenti yesibili no-Sharma.


Njengoba kwenzekile kwi-innings yokuqala kuthathe ukushwiba okuhle kwa-Vernon Philander ukukhipha inti yakhe.


Nokho ama-Proteas ezojabulela indlela ukushaya kwabo okuhlangene ngayo, bazokhathazeka ngendlela ama-spinners abo amathathu abe ngaphansi kwencindezi ngaphandle kwa-Dane Piedt oshwibe ama-maiden overs.


i-India ilahlekelwe izinti eziwu-11 kumdlalo futhi lokho kumele kubhekwe kuyela kwi-Test yesibili.


Akuvelanga kwizinombolo zabo kodwa u-Kagiso Rabada ushwibe kahle kwi-South Africa kodwa bebenenhlanhla ngamabhola ashayeke kancane kodwa aphelela endleleni noma eceleni lapho okunqakwa khona.


Izinti ezinhlanu za-Keshav Maharaj kumdlalo kubeka izinti zakhe ku-99 kumsebenzi wakhe futhi kumsondeza ekubeni umdlali wesi-18 ukungena kwiqembu labathola u-100.