u-Lee no-Luus bashaye ama-Proteas anqoba ngerekhodi

Lizelle Lee of South Africa celebrates 50th run

Lizelle Lee of South Africa celebrates 50th run

Inhlanganiso emangazayo yama-runs awu-144 phakathi kwa-Lizelle Lee no-Sune Luus yakhe indlela yokuthi ama-Proteas Esifazane anqobe ngama-runs awu-105 okube irekhodi behlula i-India kumdlalo wabo wokugcina we-Twenty20 International e-Lalbhai Contractor Stadium e-Surat ngoLwesihlanu.


Bobabili abavula umdlalo ngokushaya bathole o-50, u-Lee wathola i-career-best u-84 emabholeni awu-47 (15 fours, 1 six) futhi ukapteni u-Luus ushaye u-62 emabholeni awu-56 (7 fours).


Lokho kusize izivakashi zihlanganise u-175 kuphume izinti ezintathu, umphumela wabo omkhulu kuma-T20I bedlala ngaphandle, u-Nadine de Klerk (3/18) ehola ukushwiba okuhle okusize ekukhipheni iqembu lasekhaya ngama-runs awu-70.


Kunike ama-South Africans ukunqoba okukhulu kunawo konke behambile futhi i-India ukuthi ithole ama-runs amancane ekhaya kuma-T20I.


Awushintshanga lutho umphumela kwi-series, ngoba ama-Indians asheshe anqoba i-series enemidlalo eyisithupha.


Kodwa, iqembu lika-Hilton Moreeng lingathatha ukuzithemba kulomdlalo kuyela kwimidlalo yosuku olulodwa kuhambo.


Kube owodwa yemidlalo emihle kakhulu kuma-Proteas evakashile futhi konke kuhlelwe i-Player of the Match u-Lee no-Luus. Bobabili baqale kahle emuva kokuthi ukapteni anqobe i-toss futhi bashaya, inhlanganiso yabo yaba ama-overs awu-15.5.


u-Mignon du Preez (13) udlale indima ngasekugcineni kwavumela izivakashi zibeke u-176 – umphumela wabo omkhulu ngaphandle kwasekhaya, kwadlula umphumela wabo wokugcina omuhle u-166 kuphume izinti ezine bedlala ne-England e-Taunton ngonyaka odlule.


u-Shabnim Ismail (2/11) no-Ayabonga Khaka (1/9) balikhathaze ekuqaleni iqembu lasekhaya okushiye abashaya phezulu enkingeni nama-runs awu-10 kuphume abathathu nge-over yesine.


u-De Klerk udlale indima ngokuhlasela kabili kwi-over yesihlanu njengoba ama-Indians afike ku-13 kuphume abahlanu bese kwaba u-13 kuphume abayisithupha ngesikhathi u-Ann Bosch (2/13) ehlasela futhi ngenti yesithupha.


u-Veda Krishnamurthy (26) no-Arundhati Reddy (22) basize iqembu labo lingaphoxeki kakhulu, ngaphambi kokuthi u-Nondumiso Shangase (2-0) akhiphe izinti ezimbili emabholeni amathathu ukuphetha ukunqoba okukhulu – iqembu lasekhaya likhishwe kuma-overs awu-17.3 kwaba umphumela uyirekhodi omncane bedlala ekhaya.


Banqobe i-series ngo-3-1 kodwa ama-South Africans azobe ezimisele ngokudlala kahle uma kuqala imidlalo emithathu yosuku olulodwa ngoLwesithathu.


Proteas Women Squads


T20I: Sune Luus (Northerns, Capt), Anneke Bosch (North West), Tasmin Brits (North West), Nadine de Klerk (Northerns), Shabnim Ismail (Gauteng), Sinalo Jafta (WP), Ayabonga Khaka (Gauteng), Lara Goodall (WP), Lizelle Lee (North West), Nonkululeko Mlaba (KZN Coastal), Tumi Sekhukhune (North West), Nondumiso Shangase (KZN Coastal), Mignon du Preez (Northerns), Laura Wolvaardt (WP).


ODI: Sune Luus (Northerns, Capt), Tasmin Brits (North West), Trisha Chetty (Gauteng), Nadine de Klerk (Northerns), Shabnim Ismail (Gauteng), Ayabonga Khaka (Gauteng), Lara Goodall (WP), Marizanne Kapp (EP), Lizelle Lee (North West), Nonkululeko Mlaba (KZN Coastal), Tumi Sekhukhune (North West), Nondumiso Shangase (KZN Coastal), Mignon du Preez (Northerns), Lara Wolvaardt (WP).


ITINERARY


October 9: 1st ODI

October 11: 2nd ODI

October 14: 3rd ODI