i-India inwebe ukuba ngaphezulu kwama-Proteas Women

Laura Wolvaardt

Laura Wolvaardt

u-Radha Yadav uhole okunye ukushwiba okunamandla kwi-India njengoba bengaphambili ngo-3-0 kwi-T20 International Series bedlala nama-Proteas Women ngokudlala kahle e-Lalabhai Contractor Stadium e-Surat ngoLwesine.


i-left-arm spinner ikhiphe izinti ezintathu ngama-runs awu-23 kuma-overs amane njengoba iqembu lasekhaya linqobe ngezinti ezinhlanu kusele amabhola awu-17 emuva komdlalo ofakiwe njengoba imidlalo embili kwimidlalo emithathu kwi-series iqedwe imvula.


Izivakashi zihlulekile ukuqhubeka emuva kokuqala kahle futhi bagcine ku-98 kuphume izinti eziyisishagalombili njengoba beshayiswe kuqala.


Baqale kahle ngokufika ku-57 kuphume ababili nge-over yesi-12 ngenxa ka-Laura Wolvaardt (17) no-Lizelle Lee (16).


Kodwa, njengakumdlalo odlule, izinto zibhedile emuva kwalokho njengoba umdlali omncane u-Yadav ekhiphe abashaya phakathi nendawo ngendlela akhipha ngayo.


u-Deepti Sharma naye udlale indima ngokukhipha ababili ngama-runs awu-19, kwathi u-Harmanpreet Kaur uthole inti eyodwa ngama-runs awu-13 – ama-South Africans ebeka umphumela ka-99 kuphela.


i-Player of the Match u-Kaur ushaye u-34 off 32 balls njengoba i-India ifike kuphumela kuma-overs awu-17.1.


Oshwiba ngokushesha u-Shabnim Ismail ushwibe kahle wakhipha izinti ezimbili ngama-runs awu-19.


Umdlalo wokugcina njengoba sekuphenduke i-series yemidlalo eyisithupha uzodlalwa enkundleni efanayo ngoLwesihlanu. Umdlalo uzovezwa ku-SuperSport ngo-15:30 (SAST).


Ukuhambo komdlalo kuzotholakala ezinkundleni zokuxhumana ze-Cricket South Africa u-Facebook (www.facebook.com/cricketsouthafrica) no-Twitter (www.twitter.com/officialcsa).

Proteas Women Squads


Proteas Women Squads


T20I: Sune Luus (Northerns, Capt), Anneke Bosch (North West), Tasmin Brits (North West), Nadine de Klerk (Northerns), Shabnim Ismail (Gauteng), Sinalo Jafta (WP), Ayabonga Khaka (Gauteng), Lara Goodall (WP), Lizelle Lee (North West), Nonkululeko Mlaba (KZN Coastal), Tumi Sekhukhune (North West), Nondumiso Shangase (KZN Coastal), Mignon du Preez (Northerns), Laura Wolvaardt (WP).


ODI: Sune Luus (Northerns, Capt), Tasmin Brits (North West), Trisha Chetty (Gauteng), Nadine de Klerk (Northerns), Shabnim Ismail (Gauteng), Ayabonga Khaka (Gauteng), Lara Goodall (WP), Marizanne Kapp (EP), Lizelle Lee (North West), Nonkululeko Mlaba (KZN Coastal), Tumi Sekhukhune (North West), Nondumiso Shangase (KZN Coastal), Mignon du Preez (Northerns), Lara Wolvaardt (WP).


ITINERARY


October 4: 5th T20 International


Note: All T20 matches to be played at Surat


October 9: 1st ODI


October 11: 2nd ODI


October 14: 3rd ODI