u-Elgar no-De Kock bashaye amakhulu okuqala kuma-Test e-India osukwini ama-Proteas engaphezulu

Visakhapatnam: South Africa's Dean Elgar celebrates his century on Day 3 of the 1st Test match between India and South Africa at Dr. Y.S. Rajasekhara Reddy ACA-VDCA Cricket Stadium in Visakhapatnam on Oct 4, 2019. (Photo: IANS)

Visakhapatnam: South Africa's Dean Elgar celebrates his century on Day 3 of the 1st Test match between India and South Africa at Dr. Y.S. Rajasekhara Reddy ACA-VDCA Cricket Stadium in Visakhapatnam on Oct 4, 2019. (Photo: IANS)

u-Dean Elgar no-Quinton de Kock bashaye amakhulu abo okuqala kuma-Test bedlala ne-India njengoba ama-Standard Bank Proteas alwe kahle osukwini lesithathu le-Test yokuqala e-Visakhapatnam ngoLwesihlanu.


Ukuthi bobabili bakwenze kwi-sub-continent kuveze inguquko kubadlali abashayayo abangenaspiliyoni njengoba bebheke kwihlobo elibalulekile okubalwa khona i-Test series ekhaya bedlala ne-England.


Lomdlalo, ama-Proteas ashaye ama-runs adlulile ku-3.5 kwi-over kusuku, bekumele kusulele kwabanye abadlali futhi kwabanika ukuzithemba kanye nomdlandla njengoba kuqhubeka i-series.


Kukhokonke, ama-Proteas ashaye ama-runs awu-346 kumdlalo wosuku okwehlise ukubangemuva kwabo bedlala ne-India kwafika ku-117 kusele izinti ezimbili.


Ama-Proteas asheshe alahlekelwa u-Temba Bavuma kushwiba u-Ishant Sharma ngebhola elihambe phansi ngaphambi kokuthi u-Elgar no-Faf di Plessis bahlanganise u-115 ngenti yesihlanu bese kwaba u-Elgar no-De Kock banezezele ngenhlanganiso eyirekhodi ngenti yesithupha bedlala ne-India u-164, okudlule irekhodi elidlule la-Andrew Hall no-Zander de Bruyn.


u-Elgar ungene kwiqembu lama-Proteas elishaye ama-runs adlulile ku-150 kumdlalo we-Test e-Indla ngaphambi kokuqeda no-160 (287 balls, 18 fours, 4 sixes) kwathi u-De Kock waqhubeka ne-form yakhe kuhambo nama-runs awu-111 (163 balls, 16 fours, 2 sixes). Kube ikhulu lesi-12 la-Elgar ela-De Kock kube elesithupha kwathi u-Elgar usehlanganise amakhulu amaningi kuma-Test kudlalwa nezizwe eziyisikhombisa ezihlukene.


u-Du Plessis uphinde wahlanganisa umphumela wakhe omkhulu kuma-Test e-India u-55 (103 balls, 8 fours, 1 six).


Akukho okuveze indlela entsha ama-Proteas ayivezile namhlanje ngaphandle kokuthi u-Elgar no-De Kock bashaye o-six ukufika kumakhulu abo. Futhi, kulokhu, indima yasekela mqeqeshi wokushaya, u-Amol Muzumdar, kuyacaca ukuthi udlale indima.


Womabili ama-spinners e-India, u-Ravi Ashwin no-Ravindra Jadeja, baphisane ngama-runs adlulile kwamathathu kwi-over futhi, nokho bekhiphe izinti eziyisikhombisa kwizinti eziyisishagalombili eziphumile phakathi kwabo – u-Ashwin ukhiphe u-5/128 njengoba ekhiphe izinti ezinhlanu okwesi-28 – bekumele bashwibe ama-overs amaningi ukuze kube njalo.


Ukushaya okunamandla kuphinde kwasho ukuthi obalulekile oshwibayo kwi-South Africa kuhafu wesibili womdlalo, u-Keshav Maharaj, unikwe usuku lonke ukuthi aphumule emuva kwama-overs awu-55 awashwibile ezinsukwini ezimbili.


Amakhulu anamhlanje kube awokuqala ama-Proteas awashayile kumdlalo we-Test e-India kusukela ngo-2010 ngesikhathi u-Hashim Amla eshaya i-double century kwi-Test yokuqala futhi amakhulu kuwona womabili ama-innings kowesibili.


Ama-Proteas asangemuva kwi-innings yokuqala, kodwa bathumele umyalezo wokuzimisela kuyona yonke i-series futhi nangempela ikusasa ngaphansi kwa-Du Plessis nomqeqeshi u-Enoch Nkwe.