Ama-Proteas Esifazane ahlulwe ngama-runs awu-51

Laura Wolvaardt of South Africa

Laura Wolvaardt of South Africa

u-Poonam Yadav ukhiphe abathathu ngama-runs awu-13 ukusiza i-India inqobe i-series ngama-runs awu-51 behlula ama-Proteas Women kumdlalo wesine we-T20 International e-Surat ngoLwesibili.


Umdlalo uncishiswe waba ama-overs awu-17 ngenxa yesimo sezulu, i-leg-spinner ibikwi-form enhle njengoba iqembu lasekhaya libeke izivakashi ku-89 kuphume abayisikhombisa bejaha u-141 e-Lalbhai Contractor Stadium.


Kube umdlalo wesibili ophelile kwimidlalo emihlanu kwi-series, futhi iqembu lanqoba omunye umdlalo, kusho ukuthi manje bangaphambili ngo-2-0 kuyela kumdlalo wokugcina ngoLwesihlanu.


Futhi bebekwizinga eliphezulu nakumdlalo abawunqobile, bashaya u-140 kuphume abane emuva kokuhlulwa kwi-toss kanye nokushayiswa kuqala u-Sune Luus, ukuqala komdlalo kuhlehlisiwe ngoba i-outfield ibimanzi.


u-Shafali Verma (46 off 33 balls) no-Jemimah Rodrigues (33 of 22 balls) bathole ama-runs amaningi kuma-Indians, basiza iqembu labo lithole ama-runs awu-8.23 nge-over.


Ushwibe kahle u-Nadine de Klerk ngokuthola u-2/24.


Ama-South Africans aqale kahle ngokufika ku-49 kuphume umuntu oyedwa futhi bafika ku-65 kuphume ababili nge-over yesi-11 ngoba u-Laura Wolvaardt (23 off 24 balls) no-Tazmin Brits (20 off 23 balls).


Kodwa bavithika ngesikhathi i-Player-of-the-Match u-Yadav ihlasela.


Ebesekelwe kahle u-Radha Yadav (2/16) njengoba izivakashi zigcine zilahlekelwe izinti zokugcina ezinhlanu ngama-runs awu-25, bahlulwa nakwi-series.



Proteas Women Squads


T20I: Sune Luus (Northerns, Capt), Anneke Bosch (North West), Tasmin Brits (North West), Nadine de Klerk (Northerns), Shabnim Ismail (Gauteng), Sinalo Jafta (WP), Ayabonga Khaka (Gauteng), Lara Goodall (WP), Lizelle Lee (North West), Nonkululeko Mlaba (KZN Coastal), Tumi Sekhukhune (North West), Nondumiso Shangase (KZN Coastal), Mignon du Preez (Northerns), Laura Wolvaardt (WP).


ODI: Sune Luus (Northerns, Capt), Tasmin Brits (North West), Trisha Chetty (Gauteng), Nadine de Klerk (Northerns), Shabnim Ismail (Gauteng), Ayabonga Khaka (Gauteng), Lara Goodall (WP), Marizanne Kapp (EP), Lizelle Lee (North West), Nonkululeko Mlaba (KZN Coastal), Tumi Sekhukhune (North West), Nondumiso Shangase (KZN Coastal), Mignon van der Merwe (Northerns), Lara Wolvaardt (WP).


ITINERARY


October 4: 5th T20 International


Note: All T20 matches to be played at Surat


October 9: 1st ODI

October 11: 2nd ODI

October 14: 3rd ODI


Note: All ODIs to be played at Baroda