"Angeke sigxile kwisimo" - u-Markram

Aiden Markram in training for the Standard Bank Proteas.

Aiden Markram in training for the Standard Bank Proteas.

Oshaya kuma-Standard Bank Proteas, u-Aiden Markram uthe iqembu lilungile ngokomqondo ukubhekana nenselelo efika nokuvakashela e-India njengoba beqhubeka namalungiselelo emidlalo emithathu ye-Test series ezoqala ngo-02 October 2019 e-Visakhapatnam. Ngaphambi komdlalo olindelekile, i-South Africa izodlala umdlalo wezinsuku ezintathu wokulungiselela bedlala ne-invitational XI ezoqala kusasa e-Vijayanagaram.


Ekhuluma emuva kokuqeqeshwa okuqedwe imvula ngoLwesithathu, lomdlali oneminyaka ewu-24 ovula ngokushaya uvume ukuthi, noma kungaba nabadlali abathwele izilonda zohambo oludlule kwisizwe esikwi-subcontinent, ulimi kanye nesimo somgqondo kwigumbi lokushintshela okokudlala kahle, “ukuthola indlela” ukudlula kwizimo kanye nokungagxili kwizimo ezinzima.


Uthe: “Ngikhumbula ngibukela leyo-series eminyakeni embalwa edlule futhi yabukeka inzima. Futhi nginesiqiniseko ukuthi kunomthwalo abanye abadlali ababekhona kulolohambo abasawuthwele kodwa akunalutho lokho. Ngicabanga ukuthi akukaze kube uhambo olulula kwi-subcontinent, ikakhulukazi e-India. Igcwele inselelo, kodwa uma singadlula kwizinselelo umklomelo wangempela. Abafana bathemba okuhle futhi banomdlandla futhi sikhuluma kahle kwigumbi lokushintshela, ulimi olulungile. Ekupheleni kosuku, angeke sigxile kwisimo, cishe siyazi ukuthi silindeleni, kumele sisebenze nje.”


u-Markram uhlangane neqembu lama-Test emuva kokushaya u-161 kumdlalo wesibili we-series yemidlalo yezinsuku ezine kwiqembu le-South Africa A bedlala ne-India A e-Mysore. Umdlalo uphele ngokulingana kodwa i-series inqotshwe i-India A ngo-1-0 euva kokunqoba umdlalo wokuqala ngezinti eziyisikhombisa. u-Markram uvume ukuthi nokho bekukuhle ukuthola ama-runs, ebazi ukuthi angeke bathole ama-wicket afana nalawa abadlala kuwona kuhambo le-A.


“Bekumnandi. Ngokwami, bekumnandi ukuchitha isikhathi ngidlala. Ngicabanga ukuthi ama-wicket esiwatholayo (kuhambo lwama-Proteas e-India) azohluka kunalawa esawathola kwi-A series,” esho echaza. “Kodwa njengoba ngishilo, kuhle ukuchitha isikhathi lapha, nasenkundleni, bekumnandi kithina njengabavimbayo ukuma isikhathi eside futhi nabashwibayo ukushwiba ama-spells amaningi kwisimo esishisayo. Kuningi engikufundile kwimidlalo ye-A futhi ngikulungele ukudlala imidlalo yama-Test.”


“Hlezi kumnandi ukubuyela kuma-Proteas. Sibenamasonto ambalwa amahle neqembu le-A futhi sadlala ikhilikithi enhle lapha nalaphaya, kodwa njengoba ngishilo, kuhle ukubuyela lapha futhi ngiyilindele i-Test series.”


“Hlezi kunezinto ezimbalwa ezinhle ngokuchitha isikhathi kwi-crease, ngizama ukubala konke okuhle kanye nokuthatha engakusebenzisa kulokhu engikwenzile. Ukulungiselela kuyela kwi-series kuzoba kukhulu futhi konke esingakusebenzisa kuyela kwi-series kuzosiza.”


Ekubuyeleni kwiqembu lama-Test elishintshwe kaningi ezikhathini ezidlule njengoba iqembu selibukeka lilisha, abaqeqeshi kanye nabadlali abasha, u-Markram uphawule ngoshintsho olujabulisayo eqenjini.


“Kuhle ukubuyela kwikhempu. Kunabantu abaningi abasha futhi izikhathi ezijabulisayo njengoba kushintshe abasebenzi kanye nabadlali abasha,” esho eqhubeka. “Kunomdlandla omusha kwikhempu futhi abafana bazobe benomoya omuhle ngakho siyilindele i-series.”


Standard Bank Test squad: Faf du Plessis (Multiply Titans, capt), Temba Bavuma (Imperial Lions, vice-capt), Theunis de Bruyn (Multiply Titans), Quinton de Kock (Multiply Titans), Dean Elgar (Multiply Titans), Zubayr Hamza (World Sports Betting Cape Cobras), Keshav Maharaj (Hollywoodbets Dolphins), Aiden Markram (Multiply Titans), Senuran Muthusamy (Hollywoodbets Dolphins), Lungi Ngidi (Multiply Titans), Anrich Nortje (Warriors), Vernon Philander (World Sports Betting Cape Cobras), Dane Piedt (World Sports Betting Cape Cobras), Kagiso Rabada (Imperial Lions), Heinrich Klaasen (Multiply Titans).