U-Maketa: Uhambo lwe-SA A lusize abadlali bama-Test kakhulu

South Africa A coach Malibongwe Maketa

South Africa A coach Malibongwe Maketa

Umqeqeshi we-South Africa A u-Malibongwe Maketa ubheke uhambo lwabo lase-India olaphela ngoLwesihlanu, uncome uhambo kulabo abaluhlela, nokho imiphumela ayihambisananga nabo.


Izivakashi zahlulwa kwi-series yemidlalo yosuku eyayiphazanyiswa imvula bedlala ne-India A ngo-4-1, ngaphambi kokuhlulwa kwi-series yemidlalo emine emibili ngo-1-0 bedlala neqembu elifanayo.


Kuyona yonke imidlalo, umdlalo wokugcina e-Mysore uwona obugqugquzela emuva kwamakhulu amabili amakhulu ashaywe ukapteni u-Aiden Markram no-Wiaan Mulder, kwaba khona abashwibe kahle njengo-Vernon Philander, u-Lungi Ngidi no-Dane Piedt.


Abadlali abayisikhombisa abayingxenye ye-SA A XI bazoba ingxenye yeqembu lama-Standard Bank Proteas elizodlala ne-India kwimidlalo emithathu ye-Test series ezoqala ngesonto elizayo futhi isipiliyoni abasitholile kuhambo le-A lizosiza abadlali besizwe, kusho u-Maketa.


“Bekukuhle okwenziwe i-Cricket South Africa ukuqiniseka ukuthi bekukhona iqembu le-A khona ukusiza abadlali bama-Test balungiselele,” kusho umqeqeshi.

“Ngoba ukunqoba e-India kumele uchithe isikhathi eside khona.”


“Futhi, uma ubheka manje, abadlali abazoya kwi-Test series, cishe bacithe amasonto amabili ngaphambi komdlalo wokuqala wokulungiselela wama-Proteas, okuhle kakhulu kithina uma kukhulunywa ngokujwayela, ukujwayela kwemilenze kanye nokuqina kwabadlali.”


“Bayazi ukuthi balindeleni kuyela kwi-Test yokuqala ngoba sebelapha isikhashana, ngakho kulungile futhi yinto okumele siyibheke.”


“Ezinye izizwe ziyakwenza futhi esinye isizathu sokuthi bathole impumelelo phesheya. Sizobe sidlala ikhilikithi eningi kwi-sub-continent ngakho kuzobaluleka kithi ukuthi sibengaphezulu khona.”


Nokho engekho kwiqembu lama-Test, u-Mulder uqede nama-runs amaningi kwimidlalo emine nama-runs awu-198 kuma-innings amathathu, kwathi i-man-of-the-series u-Markram akasalanga ngemuva kakhulu nama-runs awu-165 kuma-innings amathathu.


Ukapteni wenze kahle kakhulu kwi-innings yokugcina, washaya u-161. Oyi-spinner u-Piedt, uzobe ehlose ukucacisa ngokubuya kwakhe kwiqembu lama-Test emuva kokungabi khona iminyaka emithathu, uqede ekhiphe izinti eziningi eziyishagalolunye kuma-overs awu-80.


“Umdlalo wokugcina ubugqugquzelana,” kusho u-Maketa. “Ukubona u-Aiden eshaya ngendlela ashaya ngayo, kwakhombisa isigaba sakhe. u-Wiaan naye kwadlala i-innings enhle ukweseka. Ngakho amakhulu amabili ebemahle kithina.”


“u-Vernon ushwibe ama-overs amaningi, no-Lungi udlale kahle kuma-Test amabili. Kubona bobabili futhi konke kuyela kwi-series ebalulekile, bangazizwa begqugquzelekile.”


“Kuningi okuhle kulaba abazosala e-India. Kube uhlelo lokho kuyela kwi-Test series yama-Proteas.”


Ngaphandle kwalaba ababalwe u-Maketa, imidlalo embili – owokuqala owaphela ngokuhlulwa ngezinti eziyisikhombisa e-Trivandrum – khona abathole ithuba lokudlala abakwiqembu lama-Test njengo-Zubayr Hamza, u-Theunis de Bruyn, u-Heinrich Klaasen no-Senuran Muthusamy.


Noma kuthiwa abakhethayo bakhetha ubani kumdlalo wokuqala we-Test e-Visakhapatnam, u-Maketa ubenamagama aqinile okululeka.


“Ama-runs e-innings yokuqala e-India abalulekile futhi ukwazi ukushwiba ama-maidens amaningi kanye nokwakha incindezi amagama aqinile okululeka.”


“Kubalulekile ukubekezela futhi ngikhululekile ukuthi bayakwazi lokho. Ukwenza nje isikhathi eside.”