u-Beuran Hendricks ubeke ama-Proteas endleleni yokunqoba

Standard Bank Proteas captain Quinton de Kock

Standard Bank Proteas captain Quinton de Kock

u-Beuran Hendricks ubeke izinga ekubuyeleni kwakhe kwiqembu lama-Standard Bank Proteas lama-T20 ukuhola abashwibe kahle okubabeke emgwaqeni wokunqoba ngezinti eziyisishagalolunye kusele amabhola awu-19 futhi balinganisa i-T20 International series bedlala ne-India e-Bengaluru ngeSonto.


Ukunqoba bekuhambelana neqembu elilodwa njengoba umphumela usho futhi uveza inzuzo enkulu kubuholi obusha kwe-Interim Team Director u-Enoch Nkwe ne-Interim captain u-Quinton de Kock kanye nabanye abadlali ne-technical staff.


Okade kuncomeka kakhulu ukuthi u-Nkwe, u-De Kock nabanye bakhombise ukuba ukuthi bayashesha ukufunda. Akubonakalanga kumakhono abashwibayo kuphela kodwa nangendlela u-De Kock abasebenzise ngayo.


Usebenzise abashwibayo abahlanu kwi-power play yama-overs ayisithupha kanye nama-spells e-over eyodwa kucacile kuyona yonke i-innings emuva kokuthi i-India inqobe i-toss.


u-Hendricks ungene kwiqembu ethatha indawo ka-Anrich Nortje kulona lodwa ushintsho kwiqembu futhi washwiba i-spell esihle sama-over amabili u-1/7 namabhola ayisishagalombili angashaywanga kwi-power play futhi wagcina no-2/14 kuma-overs amane okucishe kwalingana ne-career best u-4/14 bedlala ne-Pakistan ekuqaleni konyaka.


Ebeseceleni kweqembu kuzona zonke izinhlobo zekhilikithi isikhathi eside, njengoba eshaya ngesandla sesinxele, uletha enye inketho kuma-Proteas kwikhilikithi yebhola elimhlophe nelibomvu.


u-Kagiso Rabada uqale ngokushwiba ama-wide amathathu aphenduke ama-runs ayisikhombisa kwaba ama-runs awu-17 kwi-over yakhe yokuqala kodwa wabuya kahle ngo-3/22 kuma-overs akhe amathathu akade esele.


Obekugculisa kakhulu kube i-form yama-spinners amabili u-Tabraiz Shamsi, emuva kokuthi amabhola akhe amabili okuqala abe o-six, wabuya kahle ukuze athole u-1/23 kuma-overs amane namabhola awu-12. u-Bjorn Fortuin kumdlalo wakhe wesibili waqeda no-2/19 kuma-overs amathathu.


Uma isivinini sabashwibayo abangenaso isipiliyoni sifunde isifundo esibalulekile kukhulu ngendlela u-De Kock aphathe ngayo umthwalo wokuba ukapteni. Ukushaya u-79 off 52 balls (5 sixes, 6 fours) engakhishwanga kumnike i-average ewu-131 runs okokuqala kanye ne-strike rate ewu-148.86 okubalwa khona inhlanganiso yokuqala yama-runs awu-76 emabholeni awu-63 no-Reeza Hendricks.


Ngesikhathi eshaya u-six wakhe wesithathu kwi-over yesishagalolunye umdlalo ubusuphelile ngokomqhudelwano njengoba i-run rate ebidingeka yehlile ngaphansi kwe-run eyodwa ebholeni elilodwa kusaphelele izinti. Uphinde washaya i-run yakhe yesi-1 000 kwikhilikithi yama-T20I.


u-Temba Bavuma uphinde wakhombisa ukukhula kwakhe ekuzithembeni futhi wasebenzisa izinhlelo zakhe zomdlalo kumdlalo omfushane ngokuthola u-27 (23 balls, 2 fours, 1 six). Bekumele kumnike ukugculiseka okukhulu njengoba eqede umdlalo ngo-six.


u-Beuran Hendricks ube i-Man of the Match kwathi u-De Kock waba i-Man of the Series.


Ama-Proteas manje adlulela kwi-Test series yemidlalo emithathu ezoqala ngo-October 2 bezithemba kulandela ukukhuphuka kwabo ukuba ku-No. 3 kuma-ICC T20I standings.