Ukunqaka okumangazayo kwa-Kohli no-Miller kugqamisa umdlalo we-T20

India's Virat Kohli

India's Virat Kohli

u-Virat Kohli no-David Miller banqake ibhola ngesandla esisodwa okade kuncomeka kumdlalo wesibili we-T20 international phakathi kwama-Standard Bank Proteas ne-India e-Mohali ngoLwesithathu.


i-India inqobe umdlalo ngezinti eziyisikhombisa kusele i-over eyodwa ukubangaphambili ngo-1-0 kwi-series kusele umdlalo wokugcina kwi-series ozodlalelwa e-Bangaluru ngeSonto emuva kokuthi umdlalo wokuqala e-Dharamsala ngeSonto elidlule umiswe imvula.


Kube ukuqaka kwa-Kohli okuguqule izinto kumdlalo kuphuma ukapteni u-Quinton de Kock (52 off 37 balls) ngesikhathi yena nodlala umdlalo wakhe wokuqala u-Temba Bavuma (49 off 43 balls) bebekela ama-Proteas umphumela onenselelo emuva kokushayiswa kuqala.


Kodwa ukuphuma kusho ukuthi i-India, isebenzisa amakhono okushwiba ekugcineni ikakhulukazi ukushintsha kwabashwiba nge-pace, ukubeka ama-Proteas ku-61 emabholeni awu-54 emuva kokuphuma kwa-De Kock.


u-Andile Phehlukwayo no-Dwaine Pretorius bashaye u-six umuntu emunye kwi-over yokugcina kodwa umphumela obubheke i-India u-150 ubushoda ngama-runs awu-30 kulokhu okade kudingwa ama-Proteas.


Kuze kube yilapha kuphuma khona u-De Kock umdlalo kade ulingene womabili amaqembu efana ku-105/3 kusele ama-overs ayisithupha.


Kodwa, kuhola u-Kohli (46 not out off 38 balls, 2 fours, 1 six), i-India inqobe kahle.


Ukunqaka kwa-Miller kwinkundla yakhe eyodwa adlala kuyona kwi-Indian Premier League ibe yinhle njengokunqaka kwi-boundary futhi kugqugquzele abavimbile be-South Africa, okuvumele amathuba ambalwa ama-run out angashayanga, kade ekwizinga elihle obekufana nama-Proteas eminyakeni ewu-30 edlule. Kube ukuqaka kwesi-50 kuka-Miller kuma-T20 international.


Ama-Proteas adlalise abadlali abathathu abasha wenza kahle u-Bavuma. Ikhono lakhe lokugijima kahle phakathi kwezinti kanye nokuphendula o-one babe o-two ithalente elihle kwathi i-left-arm spinner, u-Bjorn Fortuin, naye angawujabulela umsebenzi wakhe.


Kufanile nakulaba abashwiba ngokushesha kumdlalo u-Anrich Nortje ophisane ngama-runs kodwa ukhombise ukuthi angagijima afike ku-150km/h futhi isipiliyoni sizomusebenzela kahle.