Abashwiba kwi-SA A bathwale kanzima osukwini lokuqala

Lutho Sipamla of South Africa

Lutho Sipamla of South Africa

u-Lungi Ngidi, u-Lutho Sipamla no-Wiaan Mulder bakhiphe inti eyodwa umuntu emunye kodwa kube i-India A ekade engaphezulu osukwini lokuqala lomdlalo we-Test wesibili futhi wokugcina bedlala ne-South Africa A e-Mysore ngoLwesibili.


Iqembu lasekhaya liqede usuku ku-233 kuphume izinti ezintathu ngenxa yo-50 abashaywe u-Shubman Gill no-Karun Nair – bobabili babeke isikhonkwana behlose ukunqoba i-series emuva kokunqoba umdlalo wokuqala ngezinti eziyisikhombisa ngesonto elidlule.


Umsebenzi wabadlali abawu-11 be-South Africa uphoxile, njengoba kunabadlali abayisikhombisa abakwiqembu lama-Test elizobhekana ne-India kwi-Test series enemidlalo emithathu e-Asia ngenyanga ezayo.


Izivakashi zinqobe i-toss futhi zakhetha ukushwiba kuqala osukwini lokuqala futhi baqale kahle njengoba bashesha bahlasela u-Ngidi (1/41) no-Mulder (1/19) e-Srikantadatta Narasimha Raja Wadeyar Ground.


Bobabili bakhiphe u-Abhimanyu Easwaran (5) no-Priyank Panchal (6) kwashiya iqembu lasekhaya ku-31 kuphume ababili. Kodwa u-Gill, owabizwa kwiqembu lesizwe ngesonto elidlule kwi-series enkulu yangenyanga ezayo, ushaye u-92 (137 balls, 12 fours, 1 six) futhi ehlangene nomunye umdlali wama-Test u-Nair (78 not out off 167 balls, 10 fours), benze inhlanganiso yama-runs awu-135 ngenti yesithathu.


Emuva kokuthi u-Sipamla agcine ephule inhlanganiso u-Gill eshodelwa ama-runs ayisishagalombili ukuhlanganisa ikhulu, i-Test wicketkeeper kanye nokapteni u-Wriddhiman Saha (36 not out) unezezele ngenti engaphuliwe yama-runs awu-67 ngenti yesine eshaya no-Nair ukuyibeka kahle i-India ekupheleni kosuku.


SA A four-day squad: Aiden Markram (Multiply Titans, capt), Theunis de Bruyn (Multiply Titans), Zubayr Hamza (World Sports Betting Cape Cobras), Lungi Ngidi (Multiply Titans), George Linde (World Sports Betting Cape Cobras), Pieter Malan (World Sports Betting Cape Cobras), Eddie Moore (Warriors), Senuran Muthusamy (Hollywoodbets Dolphins), Marco Jansen (VKB Knights), Dane Piedt (World Sports Betting Cape Cobras), Wiaan Mulder (Imperial Lions), Heinrich Klaasen (Multiply Titans), Lutho Sipamla (Warriors), Khaya Zondo (Hollywoodbets Dolphins).