Ama-Proteas aphumule futhi alungele uvivinyo

Hilton Moreeng, coach of South Africa talking to players

Hilton Moreeng, coach of South Africa talking to players

Iqembu lesizwe labesifazane lizohamba ngeSonto lihambele ama-T20 amahlanu nemidlalo emithathu yosuku olulodwa.


Uhambo luzoba ingxenye ebalulekile yamalungiselelo e-ICC T20 World Cup ngonyaka ozayo e-Australia kanye nama-over awu-50 ngaphambi kwemidlalo ebalulekile ye-International Women’s Championship (IWC) bedlala e-New Zealand nasekhaya bedlala ne-Australia.


“Kuzojabulisa kakhulu ukubuka ukuthi izinto zizohamba kanjani e-India lapho esizobheka namaqembu aphezulu futhi nakwisimo sakhona,” kusho u-Moreeng. “Uma singenza kahle, ngicabanga ukuthi kungasihlelela kahle njengoba kusondela i-season, okubalwa khona ne-IWC series sidlala ne-New Zealand ngo-January.”


Ama-Proteas Esifazane ebesebenza kanzima ezinyangeni ezimbalwa ezidlule zilungiselela i-season ezayo. Bachithe isikhathi e-Powerade National Academy ePitoli, abaningi bedlala kwi-Emerging Series bedlala ne-Bangladesh.


Kungekudala bahlangana izinsuku eziwu-10 e-Pietermaritzburg ukuqeda ngezinhlelo ngaphambi kohambo.


Uqhubekile u-Moreeng: “Ibisilungele i-Maritzburg. Bekungathi i-pre-season kithina njengeqembu. Ukugxila okuningi kube umsebenzi wamakhono, hayi kwikhempu yonke, kodwa kuyona yonke i-pre-season kuzona zonke izigaba.”


“e-Maritzburg, sahlanganisa wonke umuntu futhi kwaba isenzo esihle ngaphambi kwe-India. Futhi, i-season ye-World Cup futhi kubalulekile kithina ukuthi senze kangcono. Sifuna ukuba ne-season engcono ezayo, ngakho amakhempu nokuhlela.”


“Amalungiselelo kuyela e-India ahamba kahle. Ukudlala ne-Bangladesh (kwi-Emerging series) bekubalulekile ngoba sizobhekana nabashwiba ngendlela ecishe ifane e-India.”


“e-Maritzburg saqeqesha kwisimo esihamba kancane futhi esiphansi. Zihambe kahle izinhlelo, manje sekusele ukwenza kwizimo ezinzima. Kodwa sizinike ithuba elihle.”


Ama-South Africans aba ne-2018 T20 World Cup eyaphoxa e-West Indies, lapho bahluleka khona ukudlulela phambili kwisixuku sabo. Ngalesikhathi bahlose ukwenza kangcono futhi uhambo oluya e-India luzosiza kulawomalungiselelo.


“Okukhulu hlezi kuyi-World Cup… ukwazi ukuthi yini ezayo, ukuthi uzozivivinya kanjani ubhekene neqembu elilungile elazi kahle isimo,” echaza u-Moreeng. “Loluhambo oluya e-India kuzophinde kube elokunika abadlali abancane ithuba njengoba uwazi ukuthi ufuna ukuqhubeka nokukhulisa iqembu ngoba siyazi ukuthi ama-World Cups azofika ngokushesha. i-IWC ibalulekile. Kukabili kithina.”


u-Moreeng uphinde akholwe ukuthi iqembu lakhe lisendaweni engcono ngokujula uma kuqhathaniswa nezinyanga eziwu-12 ezidlule.


Iqembu elivakashile limenyezelwe ngoMsombuluko odlule kunabadlali abangajwayelekile njengo-Anneke Bosch – owagcina ukudlalela isizwe sakhe cishe eminyakeni emithathu edlule – nomdlali ongenayo i-cap u-Nonkululeko Mlaba. Kuphinde kubuye abadlali abadala u-Ayabonga Khaka no-Trisha Chetty emuva kokulimala.


“Abadlali abancane abafikayo futhi ngicabanga ukuthi ngingasho ukuthi sinabadlali abathathu abaqhudelanela isikhundla esisodwa,” enezezela u-Moreeng. “Lokhu kusibeka ethubeni elingcono uma siqhathanisa nezinyanga eziwu-12 ezidlule.”


“Kuzomele siphinde sibheke u-2021 lapho okuzoba khona enye i-World Cup yama-overs awu-50, ngakho kuzomele sicabangele isikhathi eside. Abadlali abancane abangenayo banethuba lokudlala kanye nabadlali abanesipiliyoni eqenjini, khumbula amanye amantombazane adlala kuma-T20 futhi ukuhambisana nalabadlali kuzobasebenzela.”


“Isikhathi esijabulisayo kumantombazane amancane ukuba ingxenye yekhilikithi.”


PROTEAS SQUADS


T20I: Sune Luus (Northerns, Capt), Anneke Bosch (North West), Tasmin Brits (North West), Nadine de Klerk (Northerns), Shabnim Ismail (Gauteng), Sinalo Jafta (WP), Ayabonga Khaka (Gauteng), Lara Goodall (WP), Lizelle Lee (North West), Nonkululeko Mlaba (KZN Coastal), Tumi Sekhukhune (North West), Nondumiso Shangase (KZN Coastal), Mignon du Preez (Northerns), Lara Wolvaardt (WP)


ODI: Sune Luus (Northerns, Capt), Anneke Bosch (North West), Trisha Chetty (Gauteng), Nadine de Klerk (Northerns), Shabnim Ismail (Gauteng), Ayabonga Khaka (Gauteng), Lara Goodall (WP), Marizanne Kapp (EP), Lizelle Lee (North West), Nonkululeko Mlaba (KZN Coastal), Tumi Sekhukhune (North West), Nondumiso Shangase (KZN Coastal), Mignon du Preez (Northerns), Lara Wolvaardt (WP)