i-CSA imemezela abasebenzi abazoseka kuhambo lwama-Proteas lase-India

Former Proteas all-rounder and former Dolphins coach, Lance Klusener will join the Standard Bank Proteas for the T20 series in India.

Former Proteas all-rounder and former Dolphins coach, Lance Klusener will join the Standard Bank Proteas for the T20 series in India.

Namhlanje i-Cricket South Africa (CSA) imemezele abasebenzi abazoseka i-Interim Team Director u-Enoch Nkwe njengoba ama-Standard Bank Proteas azoya e-India enyangeni ezayo. Uhambo luzoba nama-T20 international amathathu kulandele imidlalo emithathu yama-Test okuzoba ukuqala komsebenzi wama-Proteas we-ICC Test Match Championship.


“Ngokuma okusha kweqembu i-Team Director inosekelwa mqeqeshi abathathu abazoletha amakhono amathathu azogxila ekushayeni, ekushwibeni nasekuvimbeni,” kuphawula i-CSA Acting Director of Cricket u-Corrie van Zyl.


“Owayeyi-all-rounder kuma-Proteas u-Lance Klusener uzoba usekela mqeqeshi (wokushaya) ki-T20 series kuphela. Irekhodi lakhe njengoyedwa wama-all-rounder aphambili emhlabeni, ikakhulukazi ngekhilikithi yebhola elimhlophe, umsebenzi wakhe uyazikhulumela futhi unesipiliyoni esiningi ekuqeqesheni kwizinga lama-franchise nomhlaba.”


“u-Vincent Barnes uzoba usekela mqeqeshi (wokushwiba). Naye unesipiliyoni esiningi sokuqeqesha kwizinga lomhlaba futhi ulwazi lakhe lesimo sokudlala e-India kuzodlala indima. Okwamanje u-Vincent uyi-HP Bowling Lead e-CSA.”


“u-Justin Ontong uzodlala indima yokuba usekela mqeqeshi (wokuvimba). Wakhe ubuzwelane nabadlali eminyakeni embili edlule futhi ungumpetha kulendawo.”


“u-Enoch ubheke umqeqeshi wokushaya onolwazi olubanzi ngesimo sase-India nge-Test series futhi somemezela ukuthi kuzoba ubani maduze nje.”


“Njengoba kwakumenyezelwe, bonke abasebenzi be-technical – i-Performance Analyst u-Prasanna Agoram, i-Strength and Conditioning Coach u-Greg King ne-physiotherapist u-Craig Govender – bagciniwe. Ngebhadi, u-Craig wahlinzwa idolo ngakho khona ozomela ozohamba neqembu aye e-India,” esho evala u-Van Zyl.