i-CSA ibala u-Nortje, u-Muthusamy no-Second njengabadlali abasha kuma-Test

BLOEMFONTEIN, SOUTH AFRICA - NOVEMBER 22:  Rudi Second during the VKB Knights media open day at Mangaung Oval on November 22, 2017 in Bloemfontein, South Africa. (Photo by Frikkie Kapp/Gallo Images)

BLOEMFONTEIN, SOUTH AFRICA - NOVEMBER 22: Rudi Second during the VKB Knights media open day at Mangaung Oval on November 22, 2017 in Bloemfontein, South Africa. (Photo by Frikkie Kapp/Gallo Images)

Namhlanje i-Cricket South Africa (CSA) ibale abadlali abathathu abasha ababili abaqhamuka kuma-Warriors oshwiba ngokushesha u-Anrich Nortje ne-wicketkeeper/eshayayo u-Rudi Second kanye noshwiba i-spin oyi-all-rounder wama-Hollywoodbest Dolphins u-Senuren Muthusamy kwiqembu lama-Test kuma-Standard Bank Proteas kwimidlalo emithathu bedlala ne-India ngo-October.


Kuphinde kube nabadlali abathathu abasha kwiqembu elizodlala i-T20 International series ababili abaqhamuka kuma-bizhub Highveld Lions oshayayo u-Temba Bavuma noshwiba nge-spin oyi-all-rounder u-Bjorn Fortuin no-Nortje.


u-Quinton de Kock uzoba ukapteni weqembu lama-T20 u-Rassie van der Dussen abe usekela kapteni bese u-Temba Bavuma uzoba usekela kapteni ka-Faf du Plessis kwiqembu lama-Test. u-Aiden Markram, u-Theunis de Bruyn no-Lungi Ngidi abakhethwanga kuma-T20 ngoba bazoqhubeka namalungiselelo e-Test series ngokudlala kwimidlalo yezinsuku ezine ze-South Africa A bedlala ne-India A.


“Bobathathu abasha kwiqembu lama-Test bakusebenzele ukubizwa ngokudlala kahle kumqhudelwano wezinsuku ezine kuma-franchise nge-season edlule,” kuphawula i-CSA Acting Director of Cricket, u-Corrie van Zyl.


“Sonke sizwa ukuthi sikubhekile obekumele sikubheke ngesimo esizohlangana naso kwi-sub-continent no-Muthusamy no-Dane Piedt, othole izinti eziningi kumqhudelwano wezinsuku ezine, esekela u-Keshav Maharaj.”


“u-Zubayr Hamza wawuqala kahle umsebenzi wakhe wama-Test bedlala ne-Pakistan nge-season edlule ngesikhathi engadlali u-Faf du Plessis futhi ukuthatha umhlalaphansi ka-Hashim Amla kumakhela elinye ithuba.”


“i-T20 series izosinika ithuba lokugcina lokubheka abaholi kanye nabashayayo njengoba i-ICC Men’s T20 World Cup ingaphansi konyaka ukuthi ifike ingakho sithathe iqembu elingenaspiliyoni. Ithuba lethu lokugcina ngaphambi kokuthi sikhethe iqembu.”


“Ngifuna ukugcizelela ukuthi u-Faf du Plessis usayingxenye ebalulekile ezinhlelweni zethu ngekhilikithi yebhola elimhlophe.”


“Uma sikhuluma ngeqembu lama-T20, u-Temba Bavuma no-Bjorn Fortuin abadlali ababili abagqama kwi-CSA T20 Challenge nge-season edlule kwathi u-Nortje wagqama kwi-Mzansi Super League ngaphambi kokuthi akhishwe ukulimala.”


“Iqembu elino-form leli njengoba abadlali bakonyeliswe ngokudlala kwabo kahle njalo kwizinga lama-franchise. Lokhu kubala u-Junior Dala no-Jon-Jon Smuts,” esho evala u-Van Zyl.


Standard Bank Test match squad: Faf du Plessis (Multiply Titans, capt), Temba Bavuma (bizhub Highveld Lions, vice-capt), Theunis de Bruyn (Multiply Titans), Quinton de Kock (Multiply Titans), Dean Elgar (Multiply Titans), Zubayr Hamza (World Sports Betting Cape Cobras), Keshav Maharaj (Hollywoodbets Dolphins), Aiden Markram (Multiply Titans), Senuran Muthusamy (Hollywoodbets Dolphins), Lungi Ngidi (Multiply Titans), Anrich Nortje (Warriors), Vernon Philander (World Sports Betting Cape Cobras), Dane Piedt (World Sports Betting Cape Cobras), Kagiso Rabada (bizhub Highveld Lions), Rudi Second (VKB Knights).


Standard Bank T20I squad: Quinton de Kock (Multiply Titans, capt), Rassie van der Dussen (bizhub Highveld Lions, vice-capt), Temba Bavuma (bizhub Highveld Lions), Junior Dala (Multiply Titans), Bjorn Fortuin (bizhub Highveld Lions), Beuran Hendricks (bizhub Highveld Lions), Reeza Hendricks (bizhub Highveld Lions), David Miller (Hollywoodbets Dolphins), Anrich Nortje (Warriors), Andile Phehlukwayo (Hollywoodbets Dolphins), Dwaine Pretorius (bizhub Highveld Lions), Kagiso Rabada (bizhub Highveld Lions), Tabraiz Shamsi (Multiply Titans), Jon-Jon Smuts (Warriors).