u-Rassie van der Dussen unikwe inkontileka yesizwe

South Africa's Rassie van der Dussen celebrates a half-century during the ICC Cricket World Cup group stage match at The Oval, London.

South Africa's Rassie van der Dussen celebrates a half-century during the ICC Cricket World Cup group stage match at The Oval, London.

i-CSA imemezela iqembu elizohambela ikhempu yokushwiba nge-spin e-India i-form encomekayo ka-Rassie van der Dussen kwi-ICC Men’s Cricket World Cup yenze ukuthi athole inkontinela yesizwe njengabadlali abanayo kwi-season ka-2019/20.


Uba umdlali wesi-17 wama-Standard Bank Proteas onenkontileka futhi uthatha inkontileka eyasala emuva kokuthi u-Duanne Olivier akhethe ukuthatha indlela ye-Kolpak.


“Ukukhushulwa kwa-Rassie kucacile njengoba waba ne-season yokuqala encomekayo kwizinga lezozwe futhi usenike ugqozi kulaba abafisa ukudlala ikhilikithi kwizinga lama-domestic ukuthi yini engenzeka ngokukhombisa i-form ehamba phezulu nsuku zonke,” kuphawula i-Cricket South Africa (CSA) Chief Executive u-Thabang Moroe.


“Ngiphinde ngijabulele ukumemezela ukuthi u-Sinalo Jafta osalelwe iphuzu elilodwa ukuthi akhushulwe kubadlali besifazane. Kumele akhethelwe uhambo lwabo oluzayo lwase-India futhi adlale noma umdlalo owodwa uzothola inkontileka yezinyanga eziwu-12.”


i-CSA iphinde yamemezela iqembu kanye nabaqeqeshi ne-technical staff ezoya e-India kwikhempu yokushwiba nge-spin e-Bengaluru kusukela ngo-August 17 – 23. Lapha kubalwa amalunga amaqembu e-South Africa A nama-Standard Bank Proteas ngaphambi kohambo lwabo bobabili e-India.


“Sabona u-Aiden Markram, u-Zubayr Hamza no-Temba Bavuma njengabadlali abangokhiye kuma-Proteas abashayayo kuloluhlelo futhi saphinde safaka abadlali abangagqama kusasa njengo-Janneman Malan no-Sinethemba Qeshile, asebawadlalela ama-Proteas, kanye no-Matthew Breetzke.”


“Abashayayo baphinde babe nabadlali ababili amawathola njalo ama-runs kwikhilikithi yama-franchise u-Pieter Malan no-Edward Moore.”


“Abashwibayo baholwa isipiliyoni sika-Dane Piedt futhi kunabadlali abanamathalente athembisayo, kubona kukhona u-Bjorn Fortuin, u-Tsepo Ndwandwa no-Senuran Muthusamy.”


“Kuyikho ukuthi ikhilikithi eningi yamazwe idlalelwa kwi-sub-continent kulezinsuku futhi kuzomele sibheke phambili hayi kuhambo lodwa kodwa eduze kodwa kwi-ICC Men’s Cricket World Cup e-India ngo-2023,” esho evala u-Mr. Moroe.


Touring squad


Dane Piedt, Aiden Markram, Senuran Muthusamy, Janaman Malan, Bjorn Fortuin, Zubyr Hamza, Tshepiso Ndwandwa, Matthew Breetzke, Thomas Kaber, Sinethemba Qeshile, Dyllan Matthews, Eddie Moore, George Linde, Temba Bavuma, Pieter Malan.


Coaches/Technical Staff


Russell Domingo (SA A coach), Ashwell Prince (Batting Consultant), Paul Adams (Spin bowling consultant), Sizwe Hadebe (Physio), Vincent Barnes (High Performance Manager).