u-Hashim Amla uthatha umhlalaphansi kwikhilikithi yezizwe

LONDON, ENGLAND - AUGUST 19:  Hashim Amla of South Africa celebrates reaching his century during day four of 3rd Investec Test match between England and South Africa at Lord's Cricket Ground on August 19, 2012 in London, England.  (Photo by Gareth Copley/Getty Images)

LONDON, ENGLAND - AUGUST 19: Hashim Amla of South Africa celebrates reaching his century during day four of 3rd Investec Test match between England and South Africa at Lord's Cricket Ground on August 19, 2012 in London, England. (Photo by Gareth Copley/Getty Images)

Namhlanje u-Hashim Amla umemezele ukuthi useyayeka kumsebenzi omkhulu wezizwe kulesikhathi samanje emuva kokumemezela ukuthi uthatha umhlalaphansi kuzona zonke izinhlobo zekhilikithi yezizwe.


Uzoqhubeka nekhilikithi ye-domestic kanye ne-Mzansi Super League. Kumsebenzi wesizwe weminyaka ewu-15 wadlala imidlalo ewu-349 kwizinhlobo ezintathu zekhilikithi kuma-Standard Bank Proteas, wahlanganisa ama-runs adlulile ku-18 000, okubalwa khona amakhulu awu-55 nemiphumela ewu-88 edlulile ku-50.


Kuningi okwagqama ukuthi kungabalwa. Uyena yedwa owathola ikhulu eliphindwe kathathu kwi-South Africa futhi wenza imiphumela emikhulu kuma-Test kwisizwe sakhe kudlalwa ne-England, i-India ne-West Indies futhi wathola omkhulu umphumela bedlala ne-Australia emuva kokuhlanganwa.


Waphinda wahlanganisa ama-runs awu-490 futhi wakhishwa kanye kwi-Test series enemidlalo embili e-India ngo-2010, washaya amakhulu kuwona womabili ama-series ukulandela amakhulu akhe amabili kwi-innings yokuqala futhi waqokwa njenge-Man of the Series kwi-Test ne-ODI series e-England ngo-2012. i-innings yakhe yama-runs awu-196 bedlala ne-Australia e-Perth onyakeni ofanayo kwamutholela umklomelo we-Man of the Match futhi kwaba indima ebalulekile ekunqobeni kwama-Proteas i-series.


Lokhu kwenza waba u-No. 1 ekushayeni emhlabeni kwikhilikithi yama-Test ngo-2013. Kumsebenzi wakhe wama-ODI nakhona wathola impumelelo njengoba wayengoyedwa wabadlali abashayayo abahamba phambili kuloluhlobo isikhathi eside lapha ene-average edlulile ku-50 ne-strike rate esiwu-100 futhi waba umdlali oshayayo owashesha ukufika kuma-runs awu-2 000, u-3 000, u-4 000, u-5 000, u-6 000 no-7 000 kuloluhlobo. Uphethe nerekhodi lamakuhulu awu-27 kwi-SA.


Esikhathini sakhe esincane njengokapteni wahola ama-Proteas ekunqobeni i-Test series e-Sri Lanka. Waqokwa njenge-SA Cricketer of the Year ngo-2010 kwaphinda futhi ngo-2013.


“Hlezi kudabukisa ukuvalelisa isikhulu sangempela somdlalo,” kuphawula i-Cricket South Africa (CSA) Chief Executive u-Thabang Moroe, “kodwa ngesikhathi esifanayo isikhathi sokugubha ukuceba okulethwe u-Hashim kumdlalo emhlabeni jikelele phakathi nangaphandle kwenkundla. Ukuzotha kwakhe kugqamile futhi angikwazi ukucabanga isiboniso esingcono esingasifundisa indlela yokuphila kangcono. Unezezele kakhulu hayi kuma-Proteas kuphela kodwa kwisizwe.”


“Nginesiqiniseko abadlali bekhilikithi, abaphathi, izintatheli nabalandeli emhlabeni bazohlangana nomndeni we-CSA ekuhalaliseni u-Hashim ngomsebenzi omuhle futhi simufisela konke okuhle.”


“Siyabonga ukuthi usakhona kwikhilikithi ye-domestic futhi uzoqhubeka nokudlala indima ngokudlulisela ulwazi lwakhe lekhilikithi kanye nempilo kubadlali bekhilikithi abalandelayo,” esho evala u-Mr. Moroe.


“Okokuqala, yonke inkazimulo kanye nokubonga eNkosini ngokungipha loluhambo nama-Proteas lenjabulo kanye nokukhetheka,” kuphawula u-Hashim kwisitatimende. “Kuningi engikufundile kuloluhambo, ngenza abangani abaningi futhi okubaluleke kakhulu uthando obelukhona kubumbano olubizwa nge-#proteafire.”


“Ngithanda ukubonga abazali bami ngemithandazo yabo, uthando nokwesekwa, ithunzi labo elingaphezu kwami elangivumela ukudlala yonke leminyaka ngaphansi kwelanga le-Protea.”


“Futhi, umdeni wami kanye ne-agent yami, engangidlala nabo nawo wonke umuntu we-support staff kuhambo lami olukhulu. Ngiyabonga kusukela enhliziweni yami nawonke umuntu!”


“Kubalandeli abangiphe amandla ezikhathini ezinzima, kanye nokujabula name ngesikhathi siphumelela ndawonye. Siyabonga South Africa!”


“Futhi, nangempela, ukubonga okukhethekile okuya kumongameli ne-Board ye-Cricket South Africa – ngingayikhohlwa i-Chief Executive, u-Mr u-Thabang Moroe, nethimba lakhe. Ngibonga wonke amathuba futhi ngibonga kakhulu.”


“Uthando nokuthula.” u-Hashim.

Hashim